Thola uhlu lwemidlalo ye-Absa Premiership yokusonga isizini
UYAMANISWA nomakoti be-Absa Premiership umdlali ozakhele udumo egijima kwiKaizer Chiefs.
ULawrence Mulaudzi ongumnikazi weTshakhuma Tsha Madzhivhandila (TTM) uthenge iBidvest Wits ebineminyaka eyela ku-100 igijima esigabeni esiphakeme. Le kilabhu izofudukela eLimpopo ngesizini ezayo okuyilapho ezozinza khona ngesizini yayo yokuqala yePremiership. Ngonyaka ozayo izodlala seyibizwa ngeTTM.
I-TTM isiqalile ukutshengisa ukuthi kayizile ukuzosinisa amahleza njengoba isayinise u-Oupa “Ace” Manyisa obegijima kwiMamelodi Sundowns noJoseph “Tight” Molangoane obedlala kwiChiefs. Bobabili basayine izinkontileka zeminyaka emibili.
Leli phephandaba lithole ukuthi le kilabhu imeme uMandla Masango osekunesikhathi eside agcina ukubonakala ebholeni lakuleli.
Kuthiwa ithembise ukumubiza uma isiqala ngokusemthethweni amalungiselelo esizini ezayo. UMasango ugcine ukubonakala ebholeni lakuleli egijima kwiSuperSport United ngo-2017 kanti ubebolekiswe yiRanders FC yaseDenmark. Kuthiwa iTTM izimisele ngokumvusa lo mdlali njengoba kuvela ukuthi izinto ziyambhedela.
Kuthiwa uMulaudzi ziningi izinguquko asazozenza kule kilabhu futhi baningi abadlali abanohlonzo asazobasayinisa.
Imizamo yokuthola uMulaudzi ukuba aphawule ngalolu daba iphunzile njengoba ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjwa.