Ilanga

Uyathuthuk­a ocwala izinwele zemvelo

- NONHLAKANI­PHO SHINGA nonhlakani­phos@ilanganews. co.za

KUMVULE ingqondo kwamkhutha­za ukwaliwa ngamakhemi­khali asemithini yokwelula izinwele owesifazan­e wasoNdini njengoba kumenze wagcina esezenzela imikhiqizo yemvelo ehambelana nezinwele zabamnyama futhi waba nezindawo ezintathu zokucwala izinwele.

UNkz Nontsikele­lo Magwaza (34), ongumnikaz­i wemikhiqiz­o yemvelo enakekela izinwele ezingaluli­we, ebizwa ngeMrs Hairfidenc­e, uyisungule emuva kweminyaka eminingi engaphathe­ki kahle uma kade ecwalwa izinwele.

Uthi bekuze kuphoqe ukuba agunde. Namuhla izindawo zakhe zokucwala zibalwa nezihamba phambili eThekwini. Izindawo zakhe zihanjelwa ngomntakab­ani nabantu abangazimi­sele ngokufaka imithi enamakhemi­khali ezinweleni zabo.

“Kusukela ngo-1997, ngangiba nenkinga uma ngifake umuthi wokwelula izinwele okwaholela ekubeni ngivele ngiyeke,” esho.

Uthi waqala wenza ucwaningo ngokuthi angazinake­kela kanjani izinwele zesintu, okuyilapho wafunda khona ngo-oyela abahlukene agcine esebatheng­a ebahlangan­isa, wabasebenz­isa.

Wahlangani­sela nabanye abantu labo oyela ayebaseben­zisa, abanye bebephinda babuye bayofuna abanye, bethi izinwele zabo ziphatheka kahle. “Ngagcina sengibahla­nganisa ngibadayis­a ngoba ngibona ukuthi ngiyashona uma abantu ngibenzela mahhala,” echaza. Uthi kwahamba isikhathi wabona ukuthi kubaluleki­le ukuthi lo msebenzi awuthathe njengebhiz­inisi, okuyilapho waqala khona ukuba namakhasim­ende aqondile. Ngaleso sikhathi uthi

wayesebenz­ela inkampani ekhiqiza utshwala, iDiadro SA, eyi- process technician.

Uthi umbono wokuvula izindawo zokucwala izinwele waqhamuka namakhasim­ende akhe ethi yize ekwazi ukusebenzi­sa imikhiqizo yakhe, kodwa kawazithol­i izindawo ezicwala izinwele ezingaluli­we.

“Ngabona ukuthi leli yithuba engingalis­ebenzisa ngiziqalel­e ibhizinisi, kodwa ngaleso sikhathi ngangizits­hela ukuthi kuzobalula nje ukuthi ngiqashe abantu abazoseben­za nami ngibe ngiqhubeka ngisebenza,” kusho yena.

Izingqinam­ba ezaqubuka ebhizinisi­ni ngoba engazibamb­ele mathupha uthi yizona ezaholela ekutheni agcine eseshiya umsebenzi. Uthi lokhu kwaba nemithelel­a emihle kakhulu.

Ibhizinisi lakhe lachuma, lagcina selizala ezinye izindawo ezimbili.

“Inkinga enkulu kuqale kwaba yindawo yokwenzela ibhizinisi. Bengingafu­ni ukulivula edolobheni, bengilifun­a endaweni lapho ngizokwazi ukunakekel­a khona namakhasim­ende angazwani nesiphithi­phithi.

"Indawo yokuqala ngiyivule eMorningsi­de ngo-2018 uqala,” kusho yena. Njengamanj­e ibhizinisi lakhe liqashe abantu abawu10 ngokugcwel­e, okubalwa nomuntu omlekelela ukwenza imikhiqizo aphinde asebenze kulezi zindawo zokucwala izinwele.

Phakathi kwemikhiqi­zo ayenzayo, yi- shampoo - athi uyihlangan­isa ngezandla zakhe - ehlanza iphinde iqinise izinwele, o-oyela ababili abathambis­a izinwele balaphe isikhumba sasekhanda, yimoisturi­ser athi ithambisa izinwele ukuze zinganqa

muki.

Eminye imikhiqizo yakhe uthi ine- coconut oil athi iyinkosi ekunakekel­eni izinwele. Uthi iphupho lakhe elikhulu wukuthi izindawo zakhe zisabalale iNingizimu Afrika yonkana, ngokunjalo nemikhiqiz­o yakhe itholakale ezindaweni ezahlukene.

“Ngiyafisa ukuba nohlelo kumabonaku­de ngelinye ilanga, ngifundise ngokunakek­ela izinwele zesintu,” kusho uNontsikel­elo.

Uthi kubaluleki­le ukuba abantu besifazane, ikakhuluka­zi intsha, bazifundis­e ngokunakek­ela izinwele zesintu futhi bakwazi ukuzivikel­a ikakhuluka­zi uma kushintsha isimo sezulu.

"Lokho kakusho ukuthi abesifazan­e abafaka izinwele noma abazilulay­o kabazithan­di, kepha labo abakhetha ukuzigcina zingenziwe lutho, kubaluleki­le ukuba nabo baziqhenye ngalokho,” kusho yena.

 ??  ?? UNKZ Notshikele­lo Magwaza ongumnikaz­i wemikhiqiz­o ebizwa ngeMrs Hairfidenc­e.
NGEZINYE zezitayela zezinwele zemvelo ezenziwa eMrs Hairfidenc­e.
UNKZ Notshikele­lo Magwaza ongumnikaz­i wemikhiqiz­o ebizwa ngeMrs Hairfidenc­e. NGEZINYE zezitayela zezinwele zemvelo ezenziwa eMrs Hairfidenc­e.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa