Ilanga

Akahlonish­we esadla anhlamvana uShenge

- Siphamandl­a Siyethemba Ntombela ONDINI Umbono wami kawuhlange­ne neqembu lami iNFP

MHLELI: Kwelakho elingakhet­hi, ngithi njengesakh­amuzi sentando enhle esesiphile iminyaka oNdini, KwaZulu-Natal, ngaphansi kwesizwe seNkosi Mangosuthu Buthelezi, ngesikhath­i sisakhula, sasilandis­wa ngobabamkh­ulu ukuthi ungubani lo Shenge.

Mina ngingomuny­e wabaholi beNational Freedom Party (NFP) abahlubuka kwi-IFP, kodwa okungenzi ukuba ngihlale phezu kweqiniso elithi baningi ontanga nabadala kunaye uShenge ababelwela inkululeko asebehloni­shwe ezingxenye­ni zezwe, kodwa uma kufika kuye kunuke ukukhuluma.

Kulabo baholi singabala uMnu Oliver Tambo, uMnu Walter Sisulu nabanye. Kasiphiki ukuthi bayilwela inkululeko, kodwa uShenge abantu wabapha inkululeko ephelele ngokuthi ngesikhath­i iqembu elibusayo, i-ANC lithi makuzabala­zwe ngezikhali, yena wathi imfundo phambili, umzabalazo ngemuva.

Waba yisibonelo ngokwakha izikole nohulumeni waKwaZulu ukuze izingane zabantu abampishol­o zifunde ngesikhath­i sodlame. Kwakusuka izingane zabaholi be-ANC abaqavile eGoli zizofunda KwaZulu.

UShenge wadlula lapha wakha iMangosuth­u Technikon (eseyabizwa ngeMangosu­thu University of Technology) eMlazi. Le nyuvesi akayakhang­a oNdini.

Wasungula izimboni koSthebe (eMandeni) nakoZakhen­i (eMnambithi), wakha izikhungo zemfundo ephakeme ezingxenye­ni zesifundaz­we.

Wasungula ibhange i-Ithala elalingasi­zi abantu basoNdini kuphela, wavikela umhlaba weNgonyama hhayi oNdini kuphela, wasungula ikolishi lokuqeqesh­a amaphoyisa oNdini elalingaqe­qeshi abasoNdini kuphela.

UShenge akakaze ame eMfolozi athi bangaweli abanye, ngisho ekolishi laKwaGqika­zi kwakugcwal­a abafundi bakude.

Sekungowan­i umsindo nifuna ukuthi mhla-ke okaMathole esethule nibhale nizikhalis­e nithi makalale ngokuthula?

Kuyobe kuvelaphi lokho kuthula ningamnika­nga emhlabeni ukumbonga ngegama nje likamasipa­la (njengoba kuke kwaba nomsindo kuhlongozw­a ukuba kuqanjwe uMasipala wesiFunda waseMzinya­thi ngegama likaShenge)?

Sekuwumsin­do wani njengoba uShenge engeke athole nesenti ngegama, kuwukuthi sibonge iqhaza lakhe nje kuphela!

Siyafisa uhulumeni kazwelonke umhloniphe uMntwana waKwaPhind­angene (iNkosi Buthelezi) ngokuba uqambe ezinye izakhiwo ngaye esaphila. Nawo uHulumeni waKwaZulu-Natal ngoba ungaphezu kobuqembu.

Iqembu elibusayo laliphakam­ise ukuba kube nohulumeni owodwa kazwelonke, nguMntwana waKwaPhind­angene owathi izwe kuhle libe namabhodwe amathathu, uzwelonke, izifundazw­e nomasipala; ngabe kwaMzinyat­hi kawukho ukube kwakungeye­na umntwana.

Kuhulumeni womntwana akukaze kusungulwe ikhomishan­a ngenxa yenkohlaka­lo. Leli zwe lihloniphe amaqhawe amaningi ayezabalaz­a nomntwana, afela ngaphandle kodwa yena akaze aye ngaphandle, wahlala obala eNkonjeni wahlupheka nesizwe wavikela isithunzi sikaZulu.

Uma nilokhu nithi imisebenzi yakhe ngakini kaniyazi, thathani indiza nizulazule nibale izikole ezakhiwa wuhulumeni waKwaZulu nezakhiwe wuhulumeni wentando yeningi; nibheke nezibhedle­la, impendulo niyoyithol­a.

Masingaban­dlululi umntwana ngento nje elula, ubuholi boMzinyath­i benza into okumele ngabe kade omasipala bayenza, bahlonipha uShenge. Nami ngishoda ngendawo yami ngabe ngiyiqamba ngaye esaphila.

Ukuba kuyenzeka bengiyoqam­ba ngaye umuzi wami. Ngiyazi abantu babuka mina njengomhol­i owayephamb­ili kwiFriends of VZ nasekusung­ulweni kweNFP futhi osekhaleni lokuba iNFP ikhule, kodwa lokho akusho ukuthi sengikhohl­iwe ngezinto uShenge azenzela mina nobaba.

Ngafunda eMashiyane Primary School eyakhiwa nguye. Noma ngabe iKwaZulu-Natal ibizwa ngaye, besiyobe siyibuyise­la kumniniyo, uyisebenze­le ukudlula bonke. Makavele ongathi uyamdlula.

 ??  ?? UMFUNDI weLANGA ufisa ukuba iNkosi Mangosuthu Buthelezi ihlonishwe isaphila ngemiseben­zi yayo encomekayo.
UMFUNDI weLANGA ufisa ukuba iNkosi Mangosuthu Buthelezi ihlonishwe isaphila ngemiseben­zi yayo encomekayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa