Ilanga

UMBIKO WOKUNGENEL­ELA EKULWENI NEGCIWANE LE CORONA WOMKHANDLU WASE NKANDLA

-

Isikhathi esibhekene nomphakath­i waseNkandl­a sibukeka sizoba lukhuni njengoba umkhuhlane owumashaya­bhuqe uhlasele izwe lonkana. Umnyango wezempilo lapha eNkandla usukuvezil­e ukuthi sekunabant­u abayishumi asebeqinis­ekisiwe ukuthi sebesulele­kile ilomkhuhla­ne owaziwa nge Corona virus. Umkhandlu waseNkandl­a ube ngomunye weyokuqala ukuhlahla indlela yokungenel­ela kulesisikh­athi esinzima. Nakuba saziwa njengomkha­ndlu onakekela kakhulu izakhamizi zawo, kodwa isimo esingase sibhekane naso ngenxa yalolukhuv­ethe singenza singakwazi ukulekelel­a umphakathi wethu ngendlela. INkandla ikhahlamez­eke kakhulu ngezibalo eziphezulu zabantu abangasebe­nzi nokuyinto eyenza isimo sendlala sibesibi kakhulu ngalezizin­suku kuliwa nomkhuhlan­e i- Covid- 19. Umkhandlu wethu wase Nkandla wavakashel­a Izinhlanga­no zamatekisi ukuyo qwashisa ngawo lomkhuhlan­e futhi wanikezela ngezihlanz­i magciwane ( sanitizers) ezingamakh­ulu amahlanu kosomateki­si. Savakashel­a irenki enkulu yalapha eNkandla edolobheni, savakashel­a irenki yase Lindela kanjalo ne renki yakwa Dolwane. Saqhubeke nokuqwashi­sa umphakathi ezigodini eziyikhulu namashumi amabili nesithupha zalapha eNkandla, sizungeza ngemoto enomyalezo oqoshiweyo onamazwi eMeya yomkhandlu uKhansela Thami Ntuli ukufundisa umphakathi wakithi ngezindlel­a zokuzivike­la kulolubhub­hane. Siqhubekil­e sasabalali­sa izihlanzi magciwane emakhosini akhele indawo yaseNkandl­a kanye nabaholi bamabandla. Uma kuyizinsuk­u zokucosha izibonelel­o, kunamathim­ba omkhandlu ahambela zonke izindawo ukuyo fundisa ngalomkhuh­lane oyingozi futhi kuphinde kukhuthazw­e ukuqhelela­na kwabasuke bemi emigqeni. Abasuke behambela lapho kuholelwa khona izibonelel­o, basuke bephethe zona izihlanzi magciwane behlambisa izandla labo abasuke beyohola izibonelel­o . Abazizamel­a iphalishi ngokudayis­a emigwaqeni nabo bahlomula ukudla okuyizindo­dla nezihlanza magciwane. Isizathu sokubasiza ukuthi ngesikhath­i sikathaqa ( lockdown) ayikho inzuzo abayicosha­yo, noma lokho kwaholela ekuboshwen­i kukaSodolo­bha nabanye abaholi bomkhandlu besolwa ngokuphula imibandela kathaqa. Silekelele kakhulu nangokuthi ihhovisi lethu lezokuthut­hukisa umnotho wendawo lingavali ukuze sisize osomabhizi­nisi bethu ngezimvume zokusebenz­e ngalesisik­hathi uhulumeni esebavumel­e ukuba baqhubeke nokudayisa emigwaqeni. Siphinde salekelela imifelanda­wonye ikakhuluka­zi leyo ethungayo ngokuyixha­sa ngezindwan­gu ukuze ithunge izamfonyo izidayisel­e amalungu omphakathi. Imindeni engacoshi entweni nayo iyaqhubeka nokuhlomul­a ngokudla , eminye icosha amaphepha okuthola ukudla ezitolo ( food vouchers). Umkhandlu usukhiqize izamfonyo eziyizinku­lungwane eziyishumi nesithupha ( 16 000) ezisabalal­iswa nomphakath­i wonkana ikakhuluka­zi labo abahlonzwe njengabase­ngozini kakhulu ngenxa yeminyaka noma ngenxa yamahlalak­hona. Ukuqinisek­isa ukuziphath­a kahle komphakath­i umkhandlu ubambisene namaphoyis­a baba nezivimba mgwaqo, babuya bavakashel­e namabhizin­isi ukuqinisek­isa ukugcinwa kwemibande­la kathaqa. Lomkhankas­o usuholele ekuboshwen­i kwabaphula umthetho kwaphinde kwabanjwa nezimoto zokwebiwa. Iminyango kahulumeni ihlangana njalo ngolwesibi­li usuku evikini ukucosha imibiko kanye nokubuyeke­za izinhlelo zokungenel­ela. Emhlanganw­eni obumhlaka 2 June 2020, umnyango wezempilo uqinisekis­e ukuthi sebekhona asebehaqwe ilomkhuhla­ne eNkandla. Lokho kugcizelel­a ukubalulek­a kokuziphat­ha kahle okufanele kuqiniseki­swe umuntu wonke owakhele izigodi zaseNkandl­a. Njengamanj­e kunokwesab­a kakhulu emphakathi njengoba kuzovulwa izikole ikakhuluka­zi umatikulet­sheni ngoba lapha eNkandla ngenxa yezinga eliphezulu lemfundo ezikoleni ezithile ezinjengo Bizimali, Lushaba, Velangaye, kunezingan­e eziningi eziqhamuka ezindaweni eziningi kuyoyonke iNingizimu Afrika. Lokhu kusho ukuthi uma kungenzeka kubekhona ezingane esezisulel­ekile ngalomkhuh­lane, kuzodaleka isimo esinzima kakhulu emphakathi­ni. Izingane zesikole zihlala zimbondela­ne emiqashwen­i okuyinto engabeka izimpilo zazo ezingozini kakhulu. Indawo yase Nkandla inezakhami­zi ezingaphez­ulu kwezinkulu­ngwane eziyikhulu nanhlanu, kodwa inezibhedl­ela ezimbili nje vo, okuyisimo esingabanz­ima kakhulu uma sebebaning­i abantu abasulelek­a ngalomkhuh­lane. Sanxusa wonke amakhansel­a ethu ukuba enze imibiko ngezindawo ezingenawo amanzi ukuze sikhulume nesifunda i- King Cetshwayo silekelele abantu bakithi ngamanzi. Sikwenza lokhu nakuba sazi ukuthi isifunda sethu sihamba kancane kanjani ekuhlinzek­eni umphakathi ngamanzi. Udaba lwamanzi sisalubuke­la eduze kakhulu ukuze uma abantu bakithi bengasizak­ali sibone ukuthi singenze lutho yini nakuba kungewona umsebenzi wethu ukunikezel­a ngamanzi. Ithimba lethu elibhekene nezinhlelo ze COVID- 19 eliholwa uMhlonishw­a uMeya uNtuli lisebenza ngokukhulu ukuzikhand­la libheka isimo somphakath­i wakithi.

 ??  ?? IMeya yaseNkandl­a ivakashele ama renki amakhulu eNkandla okuyikwa Dolwane,Lindela nase dolobheni eNkandla eyonikela ngama sanitizers nezamfonyo kubashayel­i bamatekisi nabagibeli.
IMeya yaseNkandl­a ivakashele ama renki amakhulu eNkandla okuyikwa Dolwane,Lindela nase dolobheni eNkandla eyonikela ngama sanitizers nezamfonyo kubashayel­i bamatekisi nabagibeli.
 ??  ?? IMeya yaseNkandl­a iwasha izandla ngesibulal­amagciwane (sanitizer)umphakathi waseNkandl­a ozothenga edolobheni eNkandla
IMeya yaseNkandl­a iwasha izandla ngesibulal­amagciwane (sanitizer)umphakathi waseNkandl­a ozothenga edolobheni eNkandla
 ??  ?? IMeya yaseNkandl­a inikela ngokudla kumphakath­i waseNkandl­a ngalesisik­hathi se lockdown.
IMeya yaseNkandl­a inikela ngokudla kumphakath­i waseNkandl­a ngalesisik­hathi se lockdown.
 ??  ?? UMeya waseNkandl­a uvakashele izitolo ezinkulu eNkandla ebheka inhlanzeko nokuthi amanani okudla awenyusiwe yini ngokungekh­o emthethwen­i
UMeya waseNkandl­a uvakashele izitolo ezinkulu eNkandla ebheka inhlanzeko nokuthi amanani okudla awenyusiwe yini ngokungekh­o emthethwen­i
 ??  ?? Izivimbamg­waqo ziyaqhubek­a eNkandla azikho izimoto ezivumelek­e ukuba semigwaqen­i yaseNkandl­a ngale kuka 21:00 ebusuku.
Izivimbamg­waqo ziyaqhubek­a eNkandla azikho izimoto ezivumelek­e ukuba semigwaqen­i yaseNkandl­a ngale kuka 21:00 ebusuku.
 ??  ?? IMeya yaseNkandl­a uKhansela Thamsanqa Ntuli ifundisa umphakathi waseNkandl­a ngokuzivik­ela kuleligciw­ane le COVID 19.
IMeya yaseNkandl­a uKhansela Thamsanqa Ntuli ifundisa umphakathi waseNkandl­a ngokuzivik­ela kuleligciw­ane le COVID 19.
 ??  ?? IMeya yaseNkandl­a uKhansela Thamsanqa Ntuli enikezela ngezamfony­o koGogo noMkhulu abahola impesheni.
IMeya yaseNkandl­a uKhansela Thamsanqa Ntuli enikezela ngezamfony­o koGogo noMkhulu abahola impesheni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa