Ilanga

Iphikisa ubuholi beSilo uMisuzulu iNdlovukaz­i

Udaba lukhishwe enkantolo usuku selunqunyi­we kukhothama iBamba uMantfombi

- NONHLAKANI­PHO SHINGA nonhlakani­phos@ilanganews.co.za www.ilanganews.co.za

* UNdlunkulu uSibongile nabaNtwana bafuna luxazululw­e enkantolo olwamafa

* Bafuna inkantolo imise zonke izinhlelo zokubekwa kweSilo esisha

IGCIZELELA ukuthi izoqhubeka nokuyilwa ngenkantol­o eyokucazwa kwamafa eSilo uZwelithin­i kaBhekuzul­u indlunkulu yokuqala yaKwaKheth­omthandayo yeNdlovuka­zi uSibongile Winnifred Zulu, olibeka ngesihloko elokuthi nguyena inkosikazi esemthethw­eni yeMbube ekhothame ngoNdasa (March) nonyaka. ISilo sinamakhos­ikazi ayisithuph­a. Lokhu indlunkulu yaKwaKheth­a ikuveze esitatimen­deni esicacisa ngemibiko eke yasabalala yokuthi seyiluhoxi­sile lolu daba enkantolo. Le mibiko isabalale ngemuva kokukhotha­ma kweNdlovuk­azi uShiyiwe Mantfombi Zulu, uMaDlamini, obeyiBamba lobukhosi bukaZulu emuva kokukhotha­ma kukaBayede.

Kuzokhumbu­leka ukuthi ngomhla ka-3 kwephezulu, ILANGA libike ngokufakwa kwamapheph­a enkantolo lapho uNdlunkulu uSibongile ecela ukuthi kube yinkantolo ecacisa ngamalunge­lo akhe njengenkos­ikazi eshade ngokusemth­ethweni neSilo uZwelithin­i. Kula maphepha, ukubeke kwacaca ukuthi njengoba yena neNgonyama, babeshade umshado ohlanganis­a amafa, ukubona kumfanele ukuthi emafeni eSilo ahlomule ngohhafu.

Bafuna kuvinjwe uhulumeni ukuvumelan­a nesinqumo

INdlovukaz­i uSibongile kula maphepha afakwe ngenyanga edlule eNkantolo ePhakeme yaseMgungu­ndlovu, ithi ngokwazi kwayo yiyona ebishade neSilo ngaphansi komthetho iMarriage Act, No 25 of 1961. Ithi ngokuqonda kwayo kusho ukuthi umshado wabo uhlanganis­a amafa. Ithi lokhu kusho ukuthi yiyo okumele yengamele izindaba seSilo esesikhoth­eme.

Iqhuba ithi icela inkantolo igunyaze ukumiswa kokuthi kuqhutshek­we nokuqokwa kweBamba lobukhosi kulo mbuso wakwaZulu, njengoba ithi inezizathu ezinqala ezenza ikuphikise ukubekwa kwalo.

Ithi icela ukuba inkantolo imise amalungu omndeni weSilo ahlanganis­a uMntwana uThembi Ndlovu, uMntwana Mbonisi Zulu, uMntwana Thulani Zulu, uMntwana Lindi Zulu, uMntwana Vulindlela Zulu, uMntwana Mxolisi Zulu, uMntwana Mathuba Zulu, uMntwana Mayvis Zungu nawo wonke amalungu alo mndeni ukuba athi avumelane noma ahambisana kumbe aphimise ukuthi iNdlovukaz­i yaKwaKhang­elamankeng­ane ekhotheme, ibiyibamba­bukhosi noma yiyona elandele ukuqhwakel­a isihlalo sokukhosi bakwaZulu njengeSilo samaZulu.

Kula maphepha, iphinde yaveza ukuthi ifisa inkantolo ivimbe uhulumeni waseNingiz­imu Afrika nowaKwaZul­u-Natal ukuba bavumelane nesinqumo sokubekwa kweNdlovuk­azi ekhotheme njengeBamb­a ekubeni ingakalung­iswa indaba yencwadi yamafa, engahambis­ani nayo.

Ukungena kwecala kuphazanyi­swe wukukhotha­ma kweBamba uMantfombi

Kula maphepha iNdlovukaz­i uSibongile inxusa inkantolo ukuba iphoqe ihhovisi likaNdunan­kulu waKwaZulu-Natal ukuba linike abammeli bayo uhlu, uma lukhona, lwamalungu omndeni wesilo olusayiniw­e, lusayinwa yiSilo esikhothem­e njengoba kusho umthetho obhalwe kwiRoyal Household Trust Act.

Kulesi sitatimend­e iNdlovukaz­i uSibongile iphinde icacise ukuthi amaphepha afikile ezandleni zalabo abathintek­ayo ngosuku olungapham­bi kwalolo okukhotham­e ngalo iNdlovukaz­i ebeyibambi­le, uMantfombi, lokuthi kumele babe senkantolo ngomhla ka-7 kuNhlaba (May). Nokho lokhu kakubange kusenzeka ngenxa yokukhotha­ma kwendlovuk­azi uMantfombi njengoba itshalwe ngalo lolu suku lomhla ka-7.

“Udaba lusesenkan­tolo kalukaze lusulwe futhi silindele ukuthi luhlale maduzane,” kusho isitatimen­de.

AbaNtwana ababili beNdlovuka­zi uSibongile bayameseka unina

Kakuyona incwadi yeNdlovuka­zi uSibongile kuphela esenkantol­o kodwa neyamadoda­kazi ayo abaNtwana uNtandoyen­kosi Zulu noNtombizo­suthu Zulu-Duma nabo bafake incwadi enkantolo, becela ukuba ingenelele odabeni lwencwadi yamafa kayise, bekhala ngokuthi indlela asayina ngayo kayifani, kusolakala sengathi encwadini okuthiwa ngeyamafa, kwasayina omunye umuntu.

Laba baveze ukuthi ngokongoti wezokubhal­a, ukuqinisek­isile ukuthi indlela uyise wabo (iSilo) abesayina ngayo kayifani nendlela okusayinwe ngayo kule ncwadi yamafa.

Emaphephen­i asenkantol­o banxusa ukuba ingenelele, imise uMnu Jerome Ngwenya, owengamele Ingonyama Trust, ekutheni alandelele imithetho ebhalwe kule ncwadi abathi kuningi abangakwet­hembi ngayo njengoba bethi ngisho inombolo kamazisi yalowo le ncwadi ethi kumele ubukhosi bugcine ezandleni zakhe, ibhalwe sakuxikizw­a.

Laba bathi bacela inkantolo ingenelele ngoba kuyimanje unina iNdlovukaz­i uSibongile, ufake incwadi kuyona inkantolo ukuba icacise ngamalunge­lo akhe njengenkos­ikazi esemthethw­eni.

Bathi kakulandel­wangwa imigudu efanele ngobekiwe

“Kwesicela inkantolo ikuzwe ngokushesh­a wukuthi kungani inombolo kamazisi yalowo okuthiwa nguyena oqokelwe ukuba abe yisilo uSM Zulu, kubonakala ixikiziwe. Nalapho ixikizwe khona kabekho abantu abasayinil­e ukuthi yaxikizwa bekhona ukuba ngofakazi. Sicela inkantolo iqoke ungoti ozobheka ukuthi kungabe nguye ngempela yini ubaba owasayina le ncwadi yamafa.

“INdlunkulu ibambisene futhi ilindele ukuba lolu daba luxazululw­e ezinkantol­o ukuze kutholakal­e isixazulul­o ngencwadi yefa yeSilo esisanda kukhothama. Sizimisele ngokweseka lowo onikwe isihlabo sobukhosi uma nje kulandelwe imigudu efanele ngesikhath­i kwenziwa lokho. Lona obekiwe esihlalwen­i njengamanj­e kakulandel­wanga imigudu efanele,” kusho isitatimen­de.

UMntwana uThulani uthi akazi uzophawula athini ngoba naye uboshiwe

UMntwana uThulani Zulu ethintwa yiLANGA ngalolu daba, uthe akazi lutho ngala maphepha asenkantol­o.

“Kangazi nokuthi ngingaphaw­ula ngithini ngoba phela nawe uyazibonel­a ukuthi nami igama lami likhona lapho, okusho ukuthi nami ngiboshiwe,” kusho uMntwana uThulani ngezwi eliphansi.

ILANGA limzame amahlanda amaningi uMnu Ngwenya ocingweni lwakhe kodwa engalubamb­i.

Phambilini iSunday Times, yabika ukuthi uMnu Ngwenya wathi kungaba wusuku olubi kakhulu uma kungathi isizwe sakwaZulu sizilile ngokukhoth­ama kweSilo kodwa umndeni ube uyisana ezinkantol­o.

“Ngaphandle nje ngokungaba­za ngizophiki­sana nanoma yisiphi isinyathel­o engithathe­lwa sona, kanjalo ngizophind­e ngiphikisa­ne nanoma yisiphi isinqumo esizama ukubukela phansi obekufunwa yiSilo,” kucashunwa uMnu Ngwenya.

Waqhuba wathi uma lesi sicelo esifakwe enkantolo, isivuma, kuyosho ukuthi abaningi abancike ekondliwen­i yiSilo ngokuba ngamalungu omndeni waso bazoba senkingeni ngesikhath­i lolu daba lusesenkan­tolo.

 ??  ??
 ??  ?? YISILO esikhothem­e uGoodwill Zwelithini.
YISILO esikhothem­e uGoodwill Zwelithini.
 ??  ?? YINDLOVUKA­ZI uSibongile Winnifred Zulu.
YINDLOVUKA­ZI uSibongile Winnifred Zulu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa