Ilanga

ABAFUNDI BANIKELELW­E NGOMFANISW­ANO

- TSEPO MOLEFE

KUCHONYWE uphaphe legwalagwa­la Abangani Bikers Associatio­n in KwaZulu-Natal ngokuthi bethi bedlala ngezithuth­uthu kodwa babuye babheke emphakathi­ni, belule isandla lapho benamandla khona.

Ngeledlule Abangani bahambele eChibelihl­e Combined School, eSwamp, eMpendle beyonikela ngomfanisw­ano ezinganeni eziwu-80 ezihlonzwe njengeziph­uma emakhaya ahlwempu. Lapha bekunikele­lwa izingane kusukela kwa-Grade R kuze kufike kuGrade 12, ebezithola umfaniswan­o uphelele kusukela onyaweni kuya phezulu.

Ekhuluma egameni laBangani Bikers Associatio­n in KwaZulu-Natal, uMnu Nhlanhla “Maphepha” Zuma, uthi ukuqhwizis­a kwabo izithuthut­hu kakusiwona umdlalo ngoba zonke izinkinga ezibhekene nomphakath­i bayazazi futhi nabo ziyabathin­ta njengoba beyingxeny­e yawo. Uthe lesi sikole abebesiham­bele naye wafunda kusona, ngakho ubenesifis­o sokwenza umnikelo omuhle kubafundi. Uthi bakwazile ukuhlangan­isela izingane eziwu-80 ngethemba lokuthi nabazali bazo bazokujabu­lela abakwenzil­e.

UMnu Bonginkosi Dlamini onguSihlal­o wesigungu esilawula eChibelihl­e Combined School, ubonge okwenziwe yile nhlangano nabafundi abadala balesi sikole abanikelel­e izingane ngomfanisw­ano.

Uthishanhl­oko wesikole uMnu Nkosinathi Gcaba, uthe lokhu okwenziwe kubafundi besikole asibhekile kuzolekele­la ekuphungul­eni umthwalo wabazali njengoba kudingeka bahlinzeke izingane zabo ngokudla, babuye bababhekel­e umfaniswan­o wesikole. Uthe abanye babo kabasebenz­i, baphila ngemali yesibonele­lo sazo lezi ngane.

Ekhuluma egameni lozakwabo uZola Duma ubonge abakwenzel­we ngaBangani Bikers Associatio­n, ethi isandla sidlula ikhanda bengabafun­di ngoba sebezofana nabo bonke abanye uma besesikole­ni.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa