Ilanga

IYANGIKHAT­HAZA EYOKUNGAPH­EPHI NOKUNGCOLA KWAMADOLOB­HA AKWAZULU-NATAL

- Umfundi weLANGA okhathazek­ile eThekwini

MHLELI, iyangikhat­haza indaba yokuxathuk­a nokungaphe­phi kwezingxen­ye ebezidlisa kakhulu eThekwini ngesikhath­i leli lizwe lisaphethw­e nguhulumen­i wengcindez­elo nangesikha­thi abampishol­o besanda kuthatha umbuso.

Phambilini bekuhambek­a kamnandi edolobheni laseThekwi­ni ngaphandle kokwesaba ukunyathel­a indle kwezinye izingxenye, kungekho mshobingo onuka cishe kuwo wonke amakhona emigwaqo ehanjelwa ikakhuluka­zi ngabantu abamnyama, uvalo lungekho lokubanjwa inkunzi emini libalele.

Namuhla leli dolobha seliphendu­ke isidleke salaba bantu abadume ngokuthi ngamaPhara, abangenqen­i ukukhipha umphefumul­o ngoba befuna umakhalekh­ukhwini nje qha, futhi nawo bezowudayi­sa ngemali engatheni ukuze bathenge lo doti abawubhema­yo obizwa nge-whoonga.

Indawo yasePhoyin­ti beyivelele eminyakeni edlule njengoba ibidlisa ngeThe Wheel, ebihanjelw­a kakhulu kuyobukwa ama-movie, inezindawo zokudla ebeziseqop­helweni eliphezulu futhi iyinhle ngokuba seduzane nebhishi kwabakhonz­e ukubhukuda.

Namuhla le ndawo isiphenduk­e isidleke sikathekwa­ne esabonwa yiSilo uZwelithin­i (esikhothem­e), esathi umhlaba kayisemkhu­lu sewagcwala amavununu noma amaliviliv­i alenga kuyo yonke imigwaqo.

Uhulumeni wethu uma ungayinaki indaba yenhlanzek­o nokugcinwa kwamadolob­ha esesimeni esihle, ezokuvakas­ha zizoshayek­a ekubeni kuhlale kuthiwa zimqoka kakhulu ekufukulen­i umnotho.

Phela akekho umuntu ofuna ukuhambela indawo engcolile futhi enobungozi. Lena kakuyona inkinga yeTheku nje kuphela kodwa ngeyawo cishe wonke amadolobha akulesi sifundazwe iKwaZulu-Natal.

Make sizithande siyindlu empisholo.

 ?? ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ?? UMFUNDI weLANGA ubabaza ukungcola osekuphend­uke kwaba yinto ejwayeleki­le edolobheni laseThekwi­ni.
ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA UMFUNDI weLANGA ubabaza ukungcola osekuphend­uke kwaba yinto ejwayeleki­le edolobheni laseThekwi­ni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa