Bakhala ngendlala abasemigwaqweni
Bathi kabasakwazi ukudayisa ngoba izitolo abathenga kuzona zivaliwe
BAKHIHLA isililo esihambisana nesibibithwane osomabhizinisi abahweba emigwaqweni, ikakhulukazi yamadolobha amakhulu KwaZulu-Natal naseGauteng, ngenxa yokubulawa yindlala edalwe yimibhikisho enodlame eyaqalwa ngabalandeli bakaMnu Jacob Zuma owayengumengameli waseNingizimu Afrika, benengwa wukugqunywa kwakhe ejele ngecala lokudelela iNkantolo yoMthethosisekelo.
Le mibhikisho igcine iholela ekutheni kushiswe izitolo, amafemu nezinye izakhiwo, abantu bazitapela izimpahla ezitolo okuholele ekutheni kushaye umoya emigwaqweni abahwebi abasebenzela kuyona.
Abahwebi abakhulume neLANGA, bathi isimo sibi kakhulu njengoba abantu abaningi besemakhaya, bengayi emisebenzini ngenxa yalolu dungunyane.
UNkz Wendy Nxele odayisa ukudla eWorskshop, eThekwini, uthi waphelelwa wumsebenzi ngonyaka odlule, isimo sinzima kakhulu kuyena njengoba eziphilisa ngokudayisa. Utshele ILANGA ukuthi imali ayithola ngokudayisa yiyona ondla ngayo umndeni.
"Ngangisebenza kwesinye isitolo esidayisa ukudla eThekwini, okwathi ngonyaka odlule kuvalwa izwe ngenxa yoCovid-19, ngadilizwa. Ngabona kungcono ukuvula indawo yokudayisa. Konke bekuhamba kahle nemali ngiyibona ngoba ngifundisa ingane ngayo futhi ngiyakwazi nokwenza ezinye izinto ezidingekayo ekhaya.
"Kuthe uma kuqala lezi zigameko zokubhikisha kwabantu, kwaphoqa ukuba nami ngingavuki ngiyodayisa ngoba abantu bebenodlame. Ngilimele kakhulu, ngisho ngingavula manje, abantu kabekho kanti nezitolo esithenga kuzona ukudla esikudayisayo zivaliwe, okubalwa nemakethe,” kusho uNkz Nxele.
UNkz Mbali Nxumalo odayisa obhasikidi nezimbadada eThekwini, uthi isimo sibi kakhulu.
“Isimo siqale ukushuba ngoMgqibelo owedlule ngoba savaliswa amatafula ethu, saxoshwa. Kwathi sekusuka imibhikisho, kwacaca ukuthi ngeke sisakwazi ukubuyela siyodayisa.
"Iningi labantui abathenga kithina ngabasuke beya emsebenzini, kanti izivakashi zithenga obhasikidi. Kusekude ukuba sithole izivakashi ezizothenga umsebenzi wethu njengoba isimo sinje. Kumanje ekhaya KwaMhlabuyalingana balindele ukuba ngithumele imali,” kusho yena.
UMnu Sipho Mkhize weConcerned Informal Vendors, uthe isimo sisazoba nzima kakhulu kubahwebi basemigwaqweni njengoba besabhekene nenye inkinga yezimvume.
“Njengoba isimo sinjena, abadayisa imifino ngeke bakwazi ukuqhubeka njengoba ngisho imakethe ivaliwe. Abantu bazogcina bedla kwayona le mali yokuthenga okokudayisa ngoba balambile, akudayiseki,” kusho uMnu Mkhize.