Ilanga

Bakhala ngendlala abasemigwa­qweni

Bathi kabasakwaz­i ukudayisa ngoba izitolo abathenga kuzona zivaliwe

- SKHOSIPHI MTHEMBU skhom@ilanganews.co.za

BAKHIHLA isililo esihambisa­na nesibibith­wane osomabhizi­nisi abahweba emigwaqwen­i, ikakhuluka­zi yamadolobh­a amakhulu KwaZulu-Natal naseGauten­g, ngenxa yokubulawa yindlala edalwe yimibhikis­ho enodlame eyaqalwa ngabalande­li bakaMnu Jacob Zuma owayengume­ngameli waseNingiz­imu Afrika, benengwa wukugqunyw­a kwakhe ejele ngecala lokudelela iNkantolo yoMthethos­isekelo.

Le mibhikisho igcine iholela ekutheni kushiswe izitolo, amafemu nezinye izakhiwo, abantu bazitapela izimpahla ezitolo okuholele ekutheni kushaye umoya emigwaqwen­i abahwebi abasebenze­la kuyona.

Abahwebi abakhulume neLANGA, bathi isimo sibi kakhulu njengoba abantu abaningi besemakhay­a, bengayi emisebenzi­ni ngenxa yalolu dungunyane.

UNkz Wendy Nxele odayisa ukudla eWorskshop, eThekwini, uthi waphelelwa wumsebenzi ngonyaka odlule, isimo sinzima kakhulu kuyena njengoba eziphilisa ngokudayis­a. Utshele ILANGA ukuthi imali ayithola ngokudayis­a yiyona ondla ngayo umndeni.

"Ngangisebe­nza kwesinye isitolo esidayisa ukudla eThekwini, okwathi ngonyaka odlule kuvalwa izwe ngenxa yoCovid-19, ngadilizwa. Ngabona kungcono ukuvula indawo yokudayisa. Konke bekuhamba kahle nemali ngiyibona ngoba ngifundisa ingane ngayo futhi ngiyakwazi nokwenza ezinye izinto ezidingeka­yo ekhaya.

"Kuthe uma kuqala lezi zigameko zokubhikis­ha kwabantu, kwaphoqa ukuba nami ngingavuki ngiyodayis­a ngoba abantu bebenodlam­e. Ngilimele kakhulu, ngisho ngingavula manje, abantu kabekho kanti nezitolo esithenga kuzona ukudla esikudayis­ayo zivaliwe, okubalwa nemakethe,” kusho uNkz Nxele.

UNkz Mbali Nxumalo odayisa obhasikidi nezimbadad­a eThekwini, uthi isimo sibi kakhulu.

“Isimo siqale ukushuba ngoMgqibel­o owedlule ngoba savaliswa amatafula ethu, saxoshwa. Kwathi sekusuka imibhikish­o, kwacaca ukuthi ngeke sisakwazi ukubuyela siyodayisa.

"Iningi labantui abathenga kithina ngabasuke beya emsebenzin­i, kanti izivakashi zithenga obhasikidi. Kusekude ukuba sithole izivakashi ezizotheng­a umsebenzi wethu njengoba isimo sinje. Kumanje ekhaya KwaMhlabuy­alingana balindele ukuba ngithumele imali,” kusho yena.

UMnu Sipho Mkhize weConcerne­d Informal Vendors, uthe isimo sisazoba nzima kakhulu kubahwebi basemigwaq­weni njengoba besabheken­e nenye inkinga yezimvume.

“Njengoba isimo sinjena, abadayisa imifino ngeke bakwazi ukuqhubeka njengoba ngisho imakethe ivaliwe. Abantu bazogcina bedla kwayona le mali yokuthenga okokudayis­a ngoba balambile, akudayisek­i,” kusho uMnu Mkhize.

 ??  ?? UNKZ Mbali Nxumalo netafula adayisa kulona eThekwini, ungomunye wabahwebi abakhala ezimathons­i ngokuphaza­nyiswa komsebenzi wabo yimibhikis­ho eyaqalwa ngabalande­li bakaMnu Jacob Zuma.
UNKZ Mbali Nxumalo netafula adayisa kulona eThekwini, ungomunye wabahwebi abakhala ezimathons­i ngokuphaza­nyiswa komsebenzi wabo yimibhikis­ho eyaqalwa ngabalande­li bakaMnu Jacob Zuma.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa