UKUVALWA KWEGALAJI KUMPHAZAMISILE EBHIZINISINI
KUSHAYEKE nosomabhizinisi osafufusa ngezibhelu zokwebiwa kokudla ezitolo, zashiswa ngeledlule emuva kodungunyane oluqalwe ngabantu abathi beseka uMnu Jacob Zuma, okumanje usejele emuva kokugwetshwa yiNkantolo yoMthethosisekelo ngecala lokudelela umyalelo wayo.
U-Alwande Hlongwane (14), waseSeaview, eThekwini - othi uzifundise ukubhaka izinhlobo zamakhekhe okubalwa ama-queen cake, cup cakes, muffins namakhekhe emicimbi yezinsuku zokuzalwa - uthi lezi zibhelu ziliphazamisile ibhizinisi lakhe njengoba igalaji laKwaBP langakubo abelibhakela, kuphoqeleke ukuba livalwe isikhashana.
U-Alwande ofunda uGrade 8 eWestville Boys High School, ubeseqashe abangani bakhe ababili uKwanda Gumede (10) noBandile Cele (14) ebhizinisini lakhe ukuba bamlekelele njengoba ukubhakela igalaji bese kumnika ingcindezi.
Uthi imali abebezoyithola ngokubhakela leli galaji bebezolekelela ngayo abazali babo, bakwazi ukuzikhokhela esikoleni. Engxoxweni abe nayo neLANGA, uthe igalaji ubelifakela amakhekhe ekuseni nasemini uma esephelile.
“Ukubhaka ngifundiswe, wukubuka amaresiphu kuYouTube bese ngiyabhaka," kusho yena. Uthi lolu dungunyane luqale ngesikhathi sebematasa ngoba ngaphandle kwegalaji, bese kufike namanye amakhasimende abona umsebenzi wakhe ezinkundleni zokuxhumana. Imali yala makhekhe ibisiqala ukwenza umehluko kubo njengoba ethi ubesekwazi ukuthenga ugesi.
"Ngiphazamiseke kakhulu ngesikhathi kuqala lolu dlame ngoba bekungahambeki, imigwaqo ivaliwe, ngisho izinto zokubhaka zingatholakali.
"Kangazi ukuthi uma sekuqala kuvuleka amakhasimende ami asazoqhubeka yini angeseke noma asezothenga kwenye indawo.
"Uma eqhubeka, nami ngizimisele ngokuqhubeka njengoba bengihlele ukuthi uma sekuvulwa izikole, ngivuke ngo-04h00 ngibhake amakhekhe asegalaji bese kuthi ngo-05h00 ekuseni ngiqale ngilungiselele ukuya esikoleni. Amakhekhe bengizowashiya egalaji uma sengiya esikoleni, “kusho yena.
Unina ka-Alwande, uNkz Charmaine Hlongwane, uthi le nto ibaphazamisile abafana ngoba ukubhaka bebechitha ngakho isizungu.
“Manje bahleli banesithukuthezi. Lokhu okwenziwa ngu-Alwande kuyangithobisa kakhulu futhi ngiyafisa nabanye abazali bazeseke izingane zabo uma kukhona ezikwenzayo okuzozivula umqondo. Sibonga ukwesekwa yigalaji lakwaBP njengoba amakhekhe akhe asene-barcode njengoba esedayisa esitolo salo.
"Manje useyazama nokwenza i-invoice njengoba egalaji bemkhokhela ngokuthi afake yona. Ngikholwa wukuthi lokhu kuzomsiza abe nebhizinisi elithi yena ngolunye usuku,” kusho yena.