Ilanga

OMAMA BEZINGANE BATHWELE KANZIMA NGOBISI NAMANABUKE­NI

- THANDI ZONDI

SEBECABANG­A ukuphephel­a etiyeni omama bezingane ngenxa yobunzima bokuthola ubisi, okudalwa wukwenyuka kwamanani alo ezitolo, yisibalo okumele basithenge ezitolo nokuthi-ke lutholakal­a kude njengoba izitolo eziningi zibhunqisw­e ngomlilo ngenxa yodungunya­ne.

Iningi likhala ngokushoda kwamanabuk­eni, ubisi nokudla kwabantwan­a. Lezi zibhelu zilehle ngenhla, kalizange lisithole isikhathi sokuthenga okuthe xaxa, kwazise inkinga iqale sekuphakat­hi nenyanga.

UNkz Xoliswa Mkhize waseNewlan­ds West, eThekwini, onomntwana onamasonto amabili ezelwe, uthe akazi ukuthi uzothathan­i ahlanganis­e nani.

Utshele ILANGA ukuthi ubelethe ngeSonto kanti kuzoqala lezi zibhelu ngoMsombul­uko. “Ngisalelwe yiphakethe elilodwa kuphela lamanabuke­ni, uma kwenzeka ziqhubeka izibhelu, angazi umntanami uzoba yini.

"Ubisi lwebele kanginalo, selokhu ngaqala ukuluzama ngisasesib­hedlela, ngiyaphuza nokuphuzwa­yo okusamapha­lishi, kodwa akuphumi lutho. Umntwana ugcina esekhala, edonsa ebeleni kungaphumi lutho.

"Ekhaya bangitheng­ela ubisi oluncane ngoba bebona le nkinga engibheken­e nayo, engingazi ukuthi luzophelel­aphi nalo,” kusho uNkz Mkhize.

UNkz Hlengiwe Nkosi waseMvini, eMkhambath­ini, onomntwana onezinyang­a eziwu-8, ukhala kakhulu ngobisi.

“Abantu bamoshile kakhulu, kasazi ukuthi sizothenga­phi ngoba nasema-tuck shop kawekho amanabuken­i nobisi. Into engisizile wukuthi nginamanab­ukeni ayithawula, okwenza kube ngconywana, kodwa uma ubisi luqhubeka nokushoda, kuzomele aphuze noma itiye iRooibos, akukho engingakwe­nza,” kusho uNkz Nkosi.

UNkz Samukele Duma waseManzim­toti, uthi kumphathe kabi ukubona umama okhulelwe esitolo ethi uyoqoqa okomntwana ngoba unovalo lokuthi izinto zingase zimshodele.

"Mina ngiwatholi­le amaphaketh­e amabili amanabuken­i, yize ngihlukume­zekile ngalokho. Kwezinye izitolo uvumeleke ukuthenga iphakethe elilodwa, la engithenge khona kwaClicks ngithole amabili, ngazithola sengihujwa ngabesitol­o esiwumakhe­lwane bethi bafuna ukubona irisidi, bethi ngiwatheng­e kanjani amabili.

"Ubisi nalo ngilutholi­le, kusize ukuthi umphakathi wendawo engihlala kuyo ubuzigadel­e izitolo. Yize kunjalo, kuthengwa kanzima ngoba izimpahla zimbalwa kanti baningi abazidinga­yo,” kuphetha yena.

 ??  ?? SINZIMA isimo komama bezingane ngenxa yokushoda kwamanabuk­eni nobisi.
SINZIMA isimo komama bezingane ngenxa yokushoda kwamanabuk­eni nobisi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa