Abasalali abalahlekelwe yizihlobo emtapweni
Imindeni icela usizo lokufuniswa abathandiweyo bayo
KAYISABUTHI quthu ubuthongo imindeni yabesilisa abanyamalala ezigamekweni ezahlukene zesiphithiphithi sokutatshwa kokudla ezitolo njengoba izwe belivutha, abantu bezitika ngempahla ezitolo, kusukela uMnu Jacob Zuma owayengumengameli wakuleli, wazinikela emaphoyiseni mhla ka-7 kwephezulu.
Umndeni wakwaZuma, eDassenhoek, eMariannhill, uthi kawusakwazi nokulala emuva kokunyamalala kwendodana yayo eyiphoyisa, eyaphuma kubo ngobusuku bangoLwesibili olwedlule emuva kokuthola ucingo kunina omncane ecela ukuba imlande lapho kwakutatshwa khona inyama emafemini aseKTT, eMariannhill.
UConstable Zolani Zuma (33), obesebenza ophikweni lwePublic Order Police, kuthiwa waphuma kubo evele engafuni kwakuya lapho unina omncane, uNkz Nelisiwe Ngcobo, wayembizela khona.
Elandisa umfowabo, uMnu Bhunu Zuma, uthe: "Waphuma engafuni kwakuya lapho, esho ukuthi akathandi ukuya, kodwa ngoba wayecelwa ngunina wavuma.
"Okwamanje kasazi ukuthi kwenzekeni kuyena ngoba ucingo lwakhe luvalekile kusukela ngoLwesibili kuze kube yimanje (izolo ngeSonto). Waphuma ekhaya egqoke ijakhethi emnyama nejean.
"Akayena umuntu ovele ahambe angabuyi ekhaya. Uma engekho lapha ekhaya, usuke esemsebenzini noma evakashele unina eSavanna Park. Sicela kunoma ngubani ongasisiza atholakale, akusalaleki nasebusuku njengoba singamazi ukuthi ukuphi,” kusho uMnu Zuma.
Kwesinye isigameko, umndeni wakwaMabaso, eMtshezi, nawo ucela usizo lokufuniswa uMnu Mndeni Mabaso (68), naye onyamalale ngoMsombuluko eyotapa kule ndawo.
Ekhuluma neLANGA udadewabo kaMnu Mabaso, uNkz Thembisile Mabaso, uthe bazamile ukumbheka baze baya ngisho emakhazeni, ezibhedlela kodwa lutho ukumthola. Uthi ucingo lwakhe belulokhu lukhala lungabanjwa, okuthe uma beluzama ngoLwesithathu lwangabe lusangena.
"Mina nomama sesiseThekwini lapho abehlala khona, eTshelimnyama, sizomfuna. Siyile nalapho obekuthathwa khona inyama sangamthola. Basitshele ukuthi zikhona izidumbu abazitholile kodwa basaqhubeka nokuqoqa mhlawumbe bazomthola.
"Umfowethu ubengumuntu olunge kabi, esikhuza futhi nasekhaya ethi singayi kulezi zinto, kangazi ubeluthwe yini aze aye lapho,” kusho uNkz Mabaso.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthe kuvulwe amadokokodo ngokunyamalala kwabantu. * Bheka ekhasini 10