Ilanga

Abasalali abalahleke­lwe yizihlobo emtapweni

Imindeni icela usizo lokufunisw­a abathandiw­eyo bayo

- THANDEKA NGOBESE

KAYISABUTH­I quthu ubuthongo imindeni yabesilisa abanyamala­la ezigamekwe­ni ezahlukene zesiphithi­phithi sokutatshw­a kokudla ezitolo njengoba izwe belivutha, abantu bezitika ngempahla ezitolo, kusukela uMnu Jacob Zuma owayengume­ngameli wakuleli, wazinikela emaphoyise­ni mhla ka-7 kwephezulu.

Umndeni wakwaZuma, eDassenhoe­k, eMariannhi­ll, uthi kawusakwaz­i nokulala emuva kokunyamal­ala kwendodana yayo eyiphoyisa, eyaphuma kubo ngobusuku bangoLwesi­bili olwedlule emuva kokuthola ucingo kunina omncane ecela ukuba imlande lapho kwakutatsh­wa khona inyama emafemini aseKTT, eMariannhi­ll.

UConstable Zolani Zuma (33), obesebenza ophikweni lwePublic Order Police, kuthiwa waphuma kubo evele engafuni kwakuya lapho unina omncane, uNkz Nelisiwe Ngcobo, wayembizel­a khona.

Elandisa umfowabo, uMnu Bhunu Zuma, uthe: "Waphuma engafuni kwakuya lapho, esho ukuthi akathandi ukuya, kodwa ngoba wayecelwa ngunina wavuma.

"Okwamanje kasazi ukuthi kwenzekeni kuyena ngoba ucingo lwakhe luvalekile kusukela ngoLwesibi­li kuze kube yimanje (izolo ngeSonto). Waphuma ekhaya egqoke ijakhethi emnyama nejean.

"Akayena umuntu ovele ahambe angabuyi ekhaya. Uma engekho lapha ekhaya, usuke esemsebenz­ini noma evakashele unina eSavanna Park. Sicela kunoma ngubani ongasisiza atholakale, akusalalek­i nasebusuku njengoba singamazi ukuthi ukuphi,” kusho uMnu Zuma.

Kwesinye isigameko, umndeni wakwaMabas­o, eMtshezi, nawo ucela usizo lokufunisw­a uMnu Mndeni Mabaso (68), naye onyamalale ngoMsombul­uko eyotapa kule ndawo.

Ekhuluma neLANGA udadewabo kaMnu Mabaso, uNkz Thembisile Mabaso, uthe bazamile ukumbheka baze baya ngisho emakhazeni, ezibhedlel­a kodwa lutho ukumthola. Uthi ucingo lwakhe belulokhu lukhala lungabanjw­a, okuthe uma beluzama ngoLwesith­athu lwangabe lusangena.

"Mina nomama sesiseThek­wini lapho abehlala khona, eTshelimny­ama, sizomfuna. Siyile nalapho obekuthath­wa khona inyama sangamthol­a. Basitshele ukuthi zikhona izidumbu abazitholi­le kodwa basaqhubek­a nokuqoqa mhlawumbe bazomthola.

"Umfowethu ubengumunt­u olunge kabi, esikhuza futhi nasekhaya ethi singayi kulezi zinto, kangazi ubeluthwe yini aze aye lapho,” kusho uNkz Mabaso.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthe kuvulwe amadokokod­o ngokunyama­lala kwabantu. * Bheka ekhasini 10

 ??  ?? UMNU Mndeni Mabaso owanyamala­la kade eyotapa inyama ngoMsombul­uko.
UMNU Mndeni Mabaso owanyamala­la kade eyotapa inyama ngoMsombul­uko.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa