Ilanga

OMAKHELWAN­E BAKHELE ISALUKAZI ESINTULAYO INDLU ENTSHA

- SKHOSIPHI MTHEMBU

ZENZE okwehlula izikhulu zikahulume­ni nezimpunye­la izakhamizi zaseMaotan­a, eVerulam, zihlangani­sa o-R100 ukuze kwakhelwe isalukazi sendawo ebesesilal­e efokozini iminyaka engaphezu kuka-20.

Luphelile usizi lokulala ebalisa ukuthi hleze kuse esepitshiz­we yizindonga uNkz Alexia Ncayiyane (78), obehlala endlini enezimbobo, ngenxa yomakhelwa­ne abaqunge isibindi bashaya amaphaketh­e.

UNkz Sthembile Mnguni ongomunye womakhelwa­ne bakaNkz Ncayiyane, uthi bathinteka kakhulu uma bebona isimo sendlu ebihlala umuntu osekhule ngale ndlela.“Ugogo wangibiza ngelinye ilanga engikhombi­sa isimo sendlu yakhe.

"Ngazama ukumtholel­a usizo kwenye yezinkampa­ni ezinkuluka­zi ebezilekel­ela abantu ngokubakhe­la, kodwa yaveza ukuthi kayisakwen­zi lokho.

"Ngabiza abanye omakhelwan­e ukuba bayobheka isimo sendlu kagogo. Cishe bonke baphuma bethukile ngenxa yesimo sayo, sabe sesiya emhlanganw­eni lapho savumelana ngokuthi sonke sizokhipha u-R100 kuye phezulu ukuze sizothenga izinto zokwakha.

"Iningi lomakhelwa­ne layikhipha le mali, sathola nabanye abasixhasa ngezicabha, abanye bakhipha imali ethe xaxa kunalena esasivumel­ene ngayo sabe sesiyamakh­ela,” kusho yena.

UNkz Ncayiyane ubonge wanconcoza komakhelwa­ne ngabamenze­le khona.

Utshele ILANGA ukuthi impilo ibinzima kakhulu kule ndlu abehlala kuyona, njengoba bekuthi uma lina aphoqeleke ukugudluza impahla, athandazel­e ukuba indlu ingawi.

“Isimo besisibi kakhulu. Ngibonga kakhulu komakhelwa­ne bami, sengizokwa­zi ukuhlala ngikhulule­ke ngoba lena enye ibingawa noma yinini ngenxa yesimo sayo,” kuzibongel­a uNkz Ncayiyane.

 ??  ?? USEZOLALA ubuthongo endlini efudumele uNkz Alexia Ncayiyane owakhelwe indlu ngomakhelw­ane bakhe ngoba bethintwe yisimo sendlu abehlala kuyona.
USEZOLALA ubuthongo endlini efudumele uNkz Alexia Ncayiyane owakhelwe indlu ngomakhelw­ane bakhe ngoba bethintwe yisimo sendlu abehlala kuyona.
 ?? IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E ?? YIYONA le ndlu ebisifana negodi lethunzi lokufa ebihlala uNkz Ncayiyane.
IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E YIYONA le ndlu ebisifana negodi lethunzi lokufa ebihlala uNkz Ncayiyane.
 ?? ISITHOMBE NGU: NOMFUNDO NGWANE ?? UMFU Mzinto Ngema osindisiwe, uphika eyokuthwal­a njengoba abantu bebabaza ezinkundle­ni zokuxhuman­a bethi unekhubalo lokuthwala.
ISITHOMBE NGU: NOMFUNDO NGWANE UMFU Mzinto Ngema osindisiwe, uphika eyokuthwal­a njengoba abantu bebabaza ezinkundle­ni zokuxhuman­a bethi unekhubalo lokuthwala.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa