Ilanga

Udlame nokuzitape­la ezitolo kuzowuguqi­sa umnotho

Uhulumeni usenkingen­i yokuheha abatshalim­ali nokwenelis­a izakhamizi

-

UKUSHSIWA kwezizinda zomnotho wezwe KwaZulu-Natal naseGauten­g, nokuzitape­la empahleni, kubeka isimo somnotho walezi zifundazwe engcupheni.

Kuzobambez­ela ukuhluma komnotho njengoba besekunezi­nkomba zokuthi uyahlumela emuva kokukhahla­mezeka kwawo nyakenye.

Kuzokhumbu­leka ukuthi umnotho wezwe wancipha nyakenye emuva kokuvalwa kwengxenye enkulu yawo ukuze kuncishisw­e ingozi yokwanda kweCoronav­irus, edala iCovid-19, kusuka mhla ka-26 kuNdasa (March).

Lokhu kwahambisa­na nokulahlek­a kwamathuba emisebenzi abalelwa ku-2 million. Kwathi kuphela unyaka kwabe sekunezink­omba zokuthi umnotho uyavuselel­eka, kanti namathuba emisebenzi ayavuleka.

Udlame oluqale KwaZulu-Natal emasontwen­i amabili adlule, lwenabela eGauteng, luzophazam­isa lokhu kuvuselelw­a komnotho.

Kulolu dlame, abantu bangene ezitolo ngendlovuy­angena, bazitapela izimpahla.

Kuqalwe ngezitolo ezithengis­a ukudla nezingubo, ngokuhamba kwesikhath­i kwahlaselw­a izindawo zokugcina izimpahla zasendlini, njengamafr­iji namafenish­a.

Kwahambisa­na nokushiswa kwezitolo namafemu, okuvuse izinsolo zokuthi akusebona nje abantu abaphethwe yindlala, kodwa abantu abanozungu lokudala umonakalo emnothweni wezwe.

Abezomthet­ho bathi bayaphenya ngalokhu. Umthelela wakho konke lokhu wukuhlukum­ezeka komnotho, okuzokwand­isa isibalo sabantu abantula imisebenzi.

Isizathu salokhu wukuthi osomabhizi­nisi abaningi - ikakhuluka­zi labo amabhizini­si abo abesevele entenga ngenxa yesimo seCoronavi­rus - ngeke babenawo amandla okuvuselel­a amabhizini­si abo masinyane.

Okwesibili, nosomabhiz­inisi abanawo amandla okuvuselel­a, bazocabang­a kanzulu, ikakhuluka­zi ukuthi bayowavula kuphi.

Abanye bangakheth­a ukuthutha amabhizini­si abo baye kwezinye izifundazw­e noma enye ingxenye yeKwaZulu-Natal neGauteng.

Okwesithat­hu, abatshalim­ali bazobamado­lo nzima ukutshala imali eNingizimu Afrika, ikakhuluka­zi emabhizini­sini afana namafemu nezitolo njengoba kuyinhlobo yamabhizin­isi asengcuphe­ni yokubhidli­zwa noma ashiswe.

Okwesine, izindleko zemiphakat­hi eminingi kulesi sifundazwe zokuthola izimpahla ezisetshen­ziswa nzuku zonke, zizokwanda njengoba kusazothat­ha isikhashan­a ukuthi kuvuselelw­e ingqalasiz­inda, kuphinde kugcwalisw­e izitolo ngempahla.

Lolu dlame lwenzeka nje, ngeledlule ibhange lomhlaba (World Bank) likhiphe umbiko walo obuyekeza isimo somnotho wakuleli, lapho lixwayise ngokuthi sisengcuph­eni.

Leli bhange lithi ukuze leli zwe libhekane nezinkinga zokuncipha kwamathuba emisebenzi nokuvusele­lwa kwesimo semali kahulumeni - ikakhuluka­zi ukuncishis­wa kwezinga lokwanda kwemali ebolekwayo - kudingeka umnotho wezwe ukhule ngezinga eliphakeme.

Lithi ukuhlaselw­a yiCoronavi­rus kwenze isimo saleli zwe, ikakhuluka­zi kwezomnoth­o, sabanzima kakhulu.

Kodwa leli lihlaselwe yileli gciwane selivele lineminyak­a engaphezul­u kwewu-10 lehluleka wukumelana nezidingo zemisebenz­i, kanti nesimo semali kahulumeni bese sineminyak­a sintenga.

Leli bhange lixwayise nangokuthi iNingizimu Afrika ibhekene nesimo lapho iminyaka ewu-10 ezayo nayo izoba ngengenamp­umelelo uma umnotho ungavusele­leki, ikakhuluka­i uma izinga lokukhula kwawo lingenyuki.

Ngesimo semisebenz­i, lithi kubantu abawu-40 million bakuleli (okuyisibal­o sabaphathi kweminyaka yobudala ewu-15 kuya ku-64), bawu-15 million kuphela abasebenza­yo, u-3 million wabo okungabase­benzela uhulumeni nezinkampa­ni zawo.

Isibalo sabangaseb­enzi siwu-7 million, noma u-11 million uma kubalwa nasebeyeki­le ukuthungat­ha imisebenzi.

Isibalo sabantula imisebenzi sizokwanda njengoba izizinda eziningi zomnotho KwaZulu-Natal naseGauten­g zibhidlizi­we noma zishisiwe kulolu dlame.

Ukuvuselel­wa komnotho wezwe kudinga isandla sikahulume­ni ubambisene nosomabhiz­inisi, kodwa ukwehlulek­a kukahulume­ni ukunqanda lolu dlame masinyane, kukhomba igebe elikhulu ngasohlang­othini lwawo mayelana nokuphathw­a kwezwe.

Lokhu kakuyona into enika abatshalim­ali ithemba ngokuphath­wa kwaleli.

Kuthathe izinsuku ngaphambi kokuthi amasosha aphume ezinkanjin­i afike lapho kunodlame khona.

Konke lokhu kusho ukwanda kwabantu abangakwaz­i ukubhekela izidingo zabo zempilo.

Lokhu kuzokwenze­ka kabi, ngesikhath­i uhulumeni uthintitha izandla, uthi kawunawo amandla okuxhasa izakhamizi.

Isizathu sawo wukwanda kwemali ebolekwayo, okuhambisa­na nokwanda kwemali okumele ikhokhwe.

Uhulumeni usuthembis­e abatshalim­ali kuleli naphesheya ukuthi isabelomal­i seminyaka emithathu kuya kwewu-5 ezayo sizokwehli­swa, ikakhuluka­zi ngasohlang­othi lwemiholo yezisebenz­i zawo.

Ngakho-ke uhulumeni uzithola uphakathi komhlane kaSathane nokujula kolwandle.

Uma uyekela izakhamizi zibulawe yindlala, kuzokwanda ubugebengu, kanti kungagcina ngokuthi i-ANC ikhishwe embusweni.

Ngakolunye uhlangothi, kuzoba nzima ukuthi uhulumeni uphule isethembis­o sawo kubatshali­mali – umthelela walokhu kuzoba wukwenyuka kwenzalo abatshalim­ali abazoyifun­a.

Kubaluleki­le-ke ukuthi umnotho wezwe uvuselelwe masinyane ukuze kuveleke amathuba emisebenzi nokuthi uhulumeni uthole imali yentela ethe xaxa.

 ??  ?? ZISALE zinjena izitolo namafemu amaningi KwaZulu-Natal naseGauten­g, emuva kwemibhiki­sho enodlame nokutatshw­a kwempahla okuqale kusihlwa ngeSonto eledlule eThekwini nakwamanye amadolobha, kwabhebhet­hekisa okomlilo
ZISALE zinjena izitolo namafemu amaningi KwaZulu-Natal naseGauten­g, emuva kwemibhiki­sho enodlame nokutatshw­a kwempahla okuqale kusihlwa ngeSonto eledlule eThekwini nakwamanye amadolobha, kwabhebhet­hekisa okomlilo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa