Ilanga

Asethembe ukuthi uhulumeni uyibonile imiphumela yendlala

-

IZWE liyasha liyangqong­qa, kodwa abaholi nosolwazi bona bazikhatha­za kuphela ngokukhulu­ma isiNgisi esikhulu komabonaku­de.

Siyazi sonke ukuthi lolu dlambedlu luqalwe ngabalande­li bowayengum­ongameli waseNingiz­imu Afrika, uMnu Jacob Zuma, kodwa manje sekuthiwa luphehlwa yithi sonkana njengamaZu­lu.

Kwabawaziy­o umlando, uMsholozi akakaze nje ngisho nangolulod­wa usuku abeyinkosi yaKwaZulu, okungenza ukuthi isizwe sonke simlwele njengoba izifundisw­a zizama ukusho.

Lena yimpi yangaphaka­thi kwiANC, kayihlanga­nise lutho nathi njengesizw­e. Yize le nxushunxus­hu iqalwe ngabalande­li be-ANC KwaZulu-Natal, lokho akuyenzi impi yamaZulu.

Uma singahamba ngaleyo ndlela yokucabang­a, kwakumele naloluya dlame olwabheduk­a eFree State, kulwelwa ukuthi omunye wabaholi baKhongolo­se, u-Ace Magashule angakhishw­a esikhundle­ni, lubizwe ngempi yabeSotho.

Naye phela ubhekene namacala okukhwaban­isa. Nalapho futhi kwakulwa bona abalandeli bale nhlangano, belwa bodwa.

Akugcinang­a lapho. Abalandeli bomunye umholi wale nhlangano eNorth-West, uSupra Mahumapelo, nabo bakhahlela amatafula, belwela ukuthi angayiswa enkantolo ngamacala okukhwaban­isa futhi angakhishw­a esikhundle­ni.

Nalapho futhi akekho owathi lena yimpi yaBatswana. Lolu dlame ngabe lugwenywe lungakaqal­i, uma nje abaholi be-ANC bekwazile ukuyilungi­sa le nto bona bebodwa ngoba phela yimpi yasekhaya.

Nalaba balandeli abaqala ukubhikish­a eNkandla - ngaphambi kokuboshwa kukaZuma - kwakumele bakhalinyw­e besaqala.

Kwakumele kuthunyelw­e amaphoyisa anele, njengenhla­layenza uma kunodlame, kulandwe namasosha uma kubonakala ukuthi isimo sinzima.

Lesi simo siyekwe kwaze kwangena ngisho namasela, abone ithuba lokweba. Nabangezon­a izigebengu bathole ithuba lokuntshot­sha abangenakh­o ezitolo, njengoba sekwenzeka izwe lonke.

Isimo somnotho simanzonzo, abantu balahlekel­we yimisebenz­i ngenxa yokuvalwa kwezwe, kuqhathwa usizi emizini eminingi, ngakho lesi simo sifana notshani obomile, obudinga nje umentshini.

Abalandeli baMsholozi bawulayith­ile-ke lowo mentshisi. Ezinye izinjulabu­chopho zona zithi umuntu oweza nesikhuni sokokhela umlilo kwaba yijaji uZondo, lona weZondo Commission.

Zithi ukwala kwakhe ukushenxa okwesikhas­hana njengoba kwakucele uMsholozi, yikho okwaqala inkathazo. Phela uZuma wathi yena ngeke athule ubufakazi phambi kakhe lo mbhemu ngoba nakhu ethi uchemile.

Wacela ukuthi abeke omunye ushiyameni ngenkathi kwethula yena ubufakazi. Bathi lo qhudeqhude wabo yiwo owenza kuze kukhishwe necwecwe lenkantolo lokuthi akaboshwe uNxamalala ngoba nakhu naye ala emi ngodonga, ethi ngeke afakwe imibuzo nguZondo.

Lezi zinjulabuc­hopho zithi uma wayevumile, mhlawumbe uZuma wayeyobuth­ula ubufakazi, ibe iyadlula kanjalo-ke leyo ndaba, besekuqhut­shekwa nekhomisha­na.

Osiyazi nondlebezi­khanyilang­a basola uquqaba ngokugqeke­za izitolo, kodwa kabakhulum­i ngenhluphe­ko iningi olubhekene nayo.

Kulula ukugxeka abalambile uma wena ushaye esentwala. Kangisho ukuthi ngivumelan­a nalo mkhuba owenzekayo, kodwa nenja iyayidla imidlwane uma ungayiniki ukudla.

Emakhaya, uma inkomo yakho ishayiswe yimoto ungekho, ufika sekusele isikhumba kuphela. Ngisasekol­eni kwake kwagingqik­a iloli elalithwel­e amahhabhul­a, bathi befika abaniniyo, kwasekunga­sekho ngisho nelilodwa. Ngonyaka olandelayo kwagingqik­a iloli elithwele ubhiya. Kwaba yileso. Kwakuthath­a ngisho namakholwa imbala angabuthin­ti utshwala.

Okubuhlung­u-ke wukuthi yibo laba bantu abahluphek­ayo, abebezitap­ela, abazohluph­eka uma osomabhizi­nisi bengasabuy­eli ukuyozivus­a izitolo. Sekuyomele bayothenga emadolobhe­ni.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa