Izinto thina uqobo
UKWEBIWA kwezimpahla zabanye abantu nokushiswa kwezinkampani obekwenzeka KwaZulu-Natal naseGauteng esontweni esiphuma kulo, kufana ncimishi nokuzigwaza ngowethu njengoba isimo somnotho sesisibi kakhulu kunakuqala. Ngaphandle nje kobuwula bokubhunqisa ngomlilo izakhiwo nezitolo zokudla ezisezindaweni zethu, ukucekelwa phansi kwalezi zakhiwo kusho ukuthi abantu abaningi abampisholo abebesebenza kulezi zindawo sebephelelwe wumsebenzi, ngeke basakwazi ukondla imindeni yabo.
Abanye balaba bantu kungenzeka bangaphinde bathole amatoho empilweni yabo ngoba iqiniso wukuthi akekho umuntu ohlakaniphile ongaba nesibindi sokuqala ibhizinisi ezindaweni lapho ezinye izakhamizi zakhona zingamasela nababhidlizi bezinto zabanye abantu.
Ngaphandle nje kwechilo lokuduma ngokuthi singamasela, lesi sibhicongo silimaze ubudlelwano phakathi kwezinhlanga njengoba sekuqubuke ukungathembani phakathi kwabampisholo, abelungu namaNdiya, okuyisimo okuzothatha iminyaka eminingi ukusilungisa, uma kuwukuthi siyoke silungiseke.
Inhlekelele ibuye yaveza obala ubuze balabo esibabiza ngokuthi ngabaholi bethu kuhulumeni. Kucace bha ukuthi empeleni akukho lutho laphaya, laba bantu baziholela izigidi zemali yethu yentela mahhala.
UMengameli Cyril Ramaphosa uzisholo ngowakhe ukuthi izinhlaka zokuphepha zombuso bezingakulindele okwenzekile futhi zehlulekile wukukukhalima, noma sekubonakala ukuthi isimo siyaphuma esandleni. Kuyihlazo ukuthi naphezu kokutatshwa kwempahla izinsuku zilandelana ezingxenyeni ezithile zaKwaZulu-Natal – kwezinye izindawo umhlola uqhubeke izinsuku ezintathu amaphoyisa abengabonwa nangokhalo.
Kusobala ukuthi lolu hlaka olubizwa ngomnyango wezinhloli empeleni yihlaya nje elingenamsebenzi, elibhuqabhuqa imali yethu nje kuphela. Into abayaziyo laba bantu wukufokisa izindaba ezithinta izinhlaka zeqembu elibusayo, nokulalela izinkulumo zezintatheli okuthiwa zibhala kabi ngabathile kuleli qembu nakuhulumeni.
Kuyamangalisa ukuthi kungani kuthathe cishe isonto lonke, ngaphambi kokuba kuphakwe umbutho wezokuvikela ezindaweni ebezigajwe wudlame.
Empeleni, ukuba izwe belihlaselwa yizitha, ngabe zilithathile, umbutho wezokuvikela ungazange uphume ngisho ezizindeni zawo. Kanti empeleni yini umsebenzi walo mbutho bakwethu? Nakuba siyakhuluma, kukhona izakhiwo ezisindile zanga-bhujiswa ngomlilo yiziwula, kusize izakhamizi ezihlala kulezi zindawo, eziphume ngobuningi zazivikela, amapho-yisa namasosha bengabonwa.
Kufanele ukuba sekucacele ngisho ingane ukuthi empeleni kasinahulumeni sizihlalele. Kufanele izakhamizi zingathembeli kulo hulumeni ngoba usukhombisile ukuthi uwuhulumeni wezehluleki, ezingakwazi ngisho ukuqinisekisa ukuphepha kwethu siyizakhamizi.
Isifundo okufanele sisifunde wukuthi kulele kithina njengezakhamizi ukuthi siqinise izinhlaka zokuphepha ezindaweni zethu, ngoba kuyacaca ukuthi siphandle kule lizwe.