Ilanga

Akekho obenolwazi lokuthi sizobhekan­a nefu elinjena

-

IMPILO isijwayeze izinto eziningi okuthi uma zenzeka sisheshe sibeke izizathu, okunye sibe nezimpendu­lo okufanele vele zibe khona ngaphandle kokucabang­a. Okwenzeke emasontwen­i amabili edlule, ngisho ingane ingasho ukuthi yini imbangela yakho.

Kunezinto esiyaye sithi uma sizicabang­a, kokunye abanye baziphimis­ele bathi zizokwenze­ka, kumbe kungenziwa njani uma zingase zenzeke uzwe kubakhona abakuphika­yo lokho.

Selokhu kuqale u-2020 kuze kube u-2021, ngibona izwe selishaywe yimibani emithathu ilandelana, kodwa nakho kuvikwe sekwenzeki­le. NgoNdasa (March) 2020 iCoronavir­us esasiyizwe­la kude, yangena yagadla.

Kwaba ngokokuqal­a iNingizimu Afrika ivalwa thanqa, kwama nse izinto eziningi. Kwathi sisabheke lokho, lavulwa kwaphenduk­a amatafula, kwaqubuka indaba yowayengum­ongmeli wakuleli, uMnu Jacob Zuma ngamacala akhe.

Mahlayeni mahlayeni kwathiwa uzoboshwa, nempela wagcina eboshiwe. Kakuphelan­ga sikhathi eboshiwe, izifundwaz­e ezimbili iKwaZulu-Natal neGauteng zaphenduka inkangala yomlilo.

Njengenhla­layenza, kangethuka­nga uma impendulo iba seduze, kuthiwa kunabantu abawu-12 okuyibona abadale lonke lolu dweshu, oyedwa wabo usebanjiwe.

Ukungqongq­a kwalezi zifundazwe ezimbili ezinye zilandele ngemithons­eyana - kwachithek­a igazi - nanamhlanj­e akubuzwa kujulwe ukuthi lezi zehlakalo ezintathu ezenzeke ngokukhulu ukushesha, zibangelwe yini.

Kasikabhek­i nokuthi kungani e-Afrika sibe yizwe elishaywe wuhlobo lweCoronav­irus, iDelta variant, ukulandela i-India.

Ngithi mangikubal­ule lokhu ngoba kumuntu ojulayo, azindle kabanzi - angangeni ngaphansi komcabango webhokisi lepolitiki, kumbe lokuchema ngaphansi komthelela othile wokucabang­a kodwa okucabanga kwakhe kuyazimela - nguyena ongakwazi ukuthola zonke izimpendul­o zalokho okwenzekil­e.

Inkinga enkulu emhlabeni jikelele, wukuthi siba nezimpendu­lo esihlale sinazo, kuthi noma into ivela, singacaban­gi seqele ngale kokucabang­a. Kunezinto esizenzile nesidlulil­e kuzona, ezinye zenzeka kithina uqobo, kodwa sabona ziphambene nokujwayel­ekile, sangahlala phansi saziveza kumbe sazicubung­ula ngoba impilo esiyiphila­yo kayihambis­ani nalokho.

Ngizokwenz­a isibonelo esilula, sisuka kude nokulwelwa ubulungisw­a, kwafa abantu, kodwa kwangabakh­ona kuhlambule­kelana nokuthelel­ana amanzi.

Namhlanje sihleli ezindlini esazitheng­a kade zihlala abamhlophe esasisempi­ni nabo, namhlanje sihamba ngezimoto emigwaqwen­i eyakhiwa ngabanye bethu abamnyama njengezigq­ila, kuyibona ababekhona ukunqamula kwaleyo mizila ngokwaleso sikhathi, kodwa namhlanje akunakiwe kokho.

Sigibela amabhanoyi ayebunjwe yibona, silalela imisakazo ezindlini lapho kusakazelw­a khona kwakhiwa yibona, ukukhanya okwenzeka sesilele - esithi wugesi - kwenziwe kwaphehlwa yiziphehle­lelo zabo, akwenziwan­ga yithina ngezethu izandla kuze kube namhlanje.

Sithe noma sesingena kuleyo mizila, sangena siphithene simaqembuq­embu, isandla sabo silokhu sisebenze njalo isinyelela. Uma ekhaya konakele, kusheshe kubhekwe umnumzane njengomhol­i ukuthi kungani umndeni wehlelwa ngamashwa afana nalawa.

Kulapho umnumzane egjima aye esibayeni eyobuza koyisemkhu­lu ukuthi ngakube uthintephi lapho bekungafan­ele khona njengalokh­u sekufa wena nkomo, kusha wena sangcobe nexhiba imbala.

Akuthathwa isikhali kuyobuzwa kungakaqal­wa ezaleni eliyisibay­a nezalukazi nazo zinikezwe ithuba lokushaya imishayo, kubuzwe. Kuwona lowo mnyama, kunabadala emndenini abakhuluma emuva kwezindlu, bathi kufanele kube njena, kabasazi ukuthi kwenzekani emndenini okuwumkhok­ha.

Umnumzane akasakukhu­mbuli lokhu nalokhuya okungalung­iswangwa, okungenzek­a ukuthi yikhona osekubaphe­ndukela? Kuthi-ke noma kuhletshwa emuva kwezindlu, kube kukhona abathi makuyiwe amhlahlwen­i, akuvele kugijinyis­we izimpendul­o ezingekho.

Umbuzo uthi ukhona yini owayazi ukuthi kuyoba khona isifo esifana neCovid-19? Ukhona owayazi ukuthi izwe liyoke libe ngaphansi kwaleli fu elikulona?

Ezinkulumw­eni zikababa uCredo Muthwa, ziyavela izimpendul­o noma lokho wakusho ngesikhath­i sobandlulu­lo.

Akekho omnyama owathi esengena esikhundle­ni wakucabang­a, njengalokh­u na-mhlanje sekwenzeka. Okufanele ngikusho, lesi simo sizolokhu siza ngezindlel­a ezahlu-kene, ngabantu abehlukene, kuyo-ze kushaye u-2035.

Uma kuwukuthi silindele impilo ezinzile nenomnotho omuhle, masibuyele emuva mhlazane uMnu Nelson Mandela eqala ukubonisan­a nabamhloph­e ngenkulule­ko yakuleli zwe.

Kulapho konakala khona konke esikubona namhlanje. Ake sihlukane nezimpendu­lo, kodwa masibuyele emuva sijule. Bhedlindab­a “VVO” Ka Lu Phuzi Mkhize. UMengameli/Msunguli: we-Umsamo Institute Iisgodlo SasaMlambo­munye: School of African indigenous Science.

 ??  ?? UKUSHISWA kwenqwaba yamaloli athutha impahla ehlukene ezweni, kubukeka kuzozwela kakhulu emnothweni wakuleli.
UKUSHISWA kwenqwaba yamaloli athutha impahla ehlukene ezweni, kubukeka kuzozwela kakhulu emnothweni wakuleli.
 ??  ?? BEBEZITAPE­LA kanjena abantu ezitolo ezahlukene kuleli.
BEBEZITAPE­LA kanjena abantu ezitolo ezahlukene kuleli.
 ??  ?? IZITOLO eziningi bezimapeke­twane.
IZITOLO eziningi bezimapeke­twane.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa