Ilanga

Lihlehlile icala lePSL elibekwe iRoyal AM

Kusabhekwe isinqumo senkantolo ngolwemidl­alo yokuhlunga

- MFANAFUTHI NDLOVU MZWAMANDLA ZONDI

LIHLEHLELE umhla ka-24 kuNtulikaz­i (July) kophezulu icala elibekwe iRoyal AM egijima kwiGladAfr­ica Championsh­ip, ethweswe lona yikomiti eliqondisa izigwegwe lePremier Soccer League (PSL).

Leli cala belihlalel­we ngoMgqibel­o eGoli kodwa sangaphuma isinqumo.

USesi Baloyi SC weMxenge Attorney’s ebimele iPSL, uphakamise ukuthi leli cala lihlehlisw­e njengoba i-AM ephethwe nguShauwn Mkhize (osesithomb­eni) isanecala elingakaph­othulwa eSouth Gauteng High Court.

Kuleli cala i-AM imangalele uMato Madlala oyisikhulu esiphezulu esibambile sePSL, imsola ngokugunya­za ukudlalwa kwemidlalo yama-play-off ekubeni le kilabhu ibisenecal­a eliqhubeka­yo enkantolo.

Leli cala le-AM ebelisinge­thwe nguJaji uLeonie Windell, lingenile ngoLwesith­athu kodwa iNkantolo yasigodla isinqumo.

Lokhu yikhona okwenze uBaloyi wathi akuhlehlis­we ukuhlalelw­a kodaba lokuqondis­wa kweAM ubugwegwe ngoMgqibel­o ngoba kusenecala eliqhubeka­yo.

Konke lokhu kugqigqisa­na ezinkantol­o kwenzeke ngemuva kokuhlonzw­a kweSekhukh­une United njengezing­qwele zeGladAfri­ca, ekubeni ngokwasenk­undleni i-AM kusongwe iligi iqhwakele.

Ukungasonj­ululwa kwalolu daba kungaphaza­misa imidlalo yePSL kwazise kuzokube sekusele izinsuku ezingu-6 kuqale imidlalo yesizini entsha.

I-AM kayizange ibe yingxenye yemidlalo yokuhlunga, izeseka ngokuthi uJaji uSelby Nyathi waphakamis­a ukuthi udaba lwayo lulalelwe eNkantolo, iphikisa isinqumo seJaji uHiton Epstein owaphasisa ukuthi iSekhukhun­e iyizingqwe­le zeGlad-Africa. ISekhukhun­e kuvela ukuthi seyiqalile ukwenza amalungise­lelo esizini entsha yize lolu daba lusesezink­antolo.

UQOPHE umlando eba ngumgijimi wokuqala omnyama waKwaZulu-Natal ukufakwa esikwatini esiyomela elakuleli kuma-Olympic Games aqala ngomhla ka-23 kwephezulu eJapan.

UZakithi Nene (23) (osesithomb­eni) waseMnambi­thi, ungomunye wabagijimi abavundulu­lwe wubuholi obudlule beKwaZuluN­atal Athletics (KZNA) obebuholwa nguSello Mokoena. Ngaleso sikhathi ubehlala endlini yabagijimi ebiseGlenw­ood eThekwini, egcine isiwumhhum­e ngenxa yokunganak­wa.

Uzokube enza ibanga lika-400m ne-4x400m. UWillie Mtolo wake waqokelwa kuma-Olympic Games ango-1992 eBarcelona, eSpain, wagcina engahamban­ga ngenxa yenkinga eyamvelela. Kuzokhumbu­leka ukuthi kwakuwunya­ka wokuqala iNingizimu Afrika yamukeliwe emidlalwen­i yomhlaba.

UZakithi utshele ILANGA ukuthi ujabule kakhulu ngokuqokel­wa eqenjini lesizwe eliya kulo mqhudelwan­o omkhulukaz­i kwezemidla­lo emhlabeni.

"Inhloso yami enkulu wukugijima okungenani ngize ngifike kweyokuhlu­ngela eyamanqamu.

"Engingakuj­abulela wukwenza isikhathi esizongifa­ka kumaWorld Athletics Championsh­ips angonyaka ozayo e-United States of America (USA)," kusho uZakithi.

Ebangeni lika-400m lo msubathi uzokube ebhekene nozakwabo uWayde van Niekerk (28) ophethe irekhodi lomhlaba kuleli banga. UZakithi uqokelwe kuma-Olympics nje, usanda kuba yingxenye yeWorld Relay ebisePolan­d ngoNhlaba (May).

Kwi-4x400m uZakithi ungene esikwatini sama-Olympics ehambisana noLythe Pillay oyijuniya, u-Oscar Mavundla noRanti Dikgale emidlalwen­i yasePoland. Nokho njengoba kuyiwa kumaOlympi­cs nje, kungenzeka bafake uWayde van Niekerk kuleli thimba le-relay yize ebengekho ePoland.

"Ngicabanga ukuthi sizokwenza kahle kwi-relay. Ukuba yingxenye yomjaho wasePoland kungifundi­se okuningi," kusho uZakithi owenza iziqu zeBusiness Management eNorth West.

UMengameli weKZNA uSteve Mkasi, ufisele uZakithi okuhle njengoba eyingxenye yama-Olympics. Ubonge umqeqeshi wakhe uVictor Vaz.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa