Ilanga

ABESIBHAKE­LA KULELI SEBELUNGIS­ELA AMA-OLYMPICS KA-2024

- PHILANI NCALANE

BUTHEMBISA ukulungisa amaphutha ubuholi beSanabo aholele ekutheni kungabi bikho ngisho ibhokisa elilodwa laseNingiz­imu Afrika elizobamba iqhaza kumaOlympi­c Games azoqala mhla ka-23 kwephezulu asongwe mhla ka-8 kuNcwaba (August) eTokyo, eJapan.

Abadlali abazomela izwe kule midlalo bamenyezel­we ngeledlule. Amabhokisa akuleli kawayanga ezimpini zokuhlunga eSenegal ngenxa yezinkinga ebezihaqe ubuholi obudala bale nhlangano.

Ubuholi besikhasha­na buhlele imidlalo yokuqoka amabhokisa sekuzophel­a unyaka odlule eDundee. Lapha bekukhethw­a amabhokisa abezokuya ezimpini zokuhlunga eParis, eFrance. Lezi zimpi kazibange zisaba khona ngenxa yeCovid-19. Lokhu-ke kuchaza ukuthi amabhokisa akuleli azoyibuka komabonaku­de le midlalo.

USiyabulel­a Mkwalo onguMengam­eli omusha weSanabo, uthi sebebheke imidlalo yama-Olympics ezokuba ngo-2024 eFrance.

“Isikhathi sethu ehhovisi sizophela ngo-2025. Sesiqalile ukuhlela kahle izinhlelo zethu. Inkinga wukuthi siphazanyi­swa yiCovid-19. Kumanje siphoqelek­ile ukuhlehlis­a imidlalo obekumele ibe seCape Town kule nyanga.

“Lapha besizokhet­ha isikwati esizolungi­selelwa amaCommonw­ealth Games azokuba ngonyaka ozayo e-England. Sesihlele ukuthi leyo midlalo ibe ngasekuphe­leni konyaka, kanti nakhona kuzokuya ngokuthi sesimi kanjani isimo ezweni.

“Abadlali abazosimel­a e-England sizobagcin­a ukuze bavivele ama-Olympic Games ango-2024. Ngicabanga ukuthi lucace kahle lolu hlelo esisebenze­la phezu kwalo,” kusho uMkwalo.

Uthi izinsiza zasehhovis­i kazikabuyi ebuholini obudala njengoba bugweve nazo.

“Lolu daba sesilubiki­le ezinhlaken­i eziningi kodwa kaluxazulu­leki. Sigcine sivula icala esiteshini saseSunnys­ide. Silindele ukuba amaphoyisa asibikele ngokuqhube­kayo.

"Kunezinto ezimqoka esizidinga­yo ezibhajwe ebuholini obudala. Lokhu kwenza kube nzima ukusebenza.

"Ngaphezu kwalokhu, siphinde sajuba ikomidi lethu lezomtheth­o ukuba kube yilona elisebenza lolu daba,” esho.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa