Ilanga

Bageqa amagula abasinde ePhoenix

Izisulu zithi zabhunyelw­a nagodizili sebefuna ukuzingqon­gqisa

- NOMFUNDO NGWANE nomfundo@ilanganews.co.za

BAGEQA amagula abesilisa abane nowesifaza­ne oyedwa baseNanda, abaphunyuk­e emlonyeni wengwenya ngoMsombul­uko odlule ngesikhath­i umphakathi wasePhoeni­x, eThekwini, ubahlasela, ubasola ngokuba yizigebeng­u, maqede wathungela ngomlilo itekisi abebehamba ngalo.

Bathi behlelwe yile nkanankana ngemuva kokusuka kwezibhelu zabantu ababezitap­ela ezitolo, ezaqutshul­wa ngabalande­li bakaMnu Jacob Zuma. Bathi baya ePhoenix nje, babeyothen­ga izidakamiz­wa endaweni yabo abajwayele ukuzitheng­a kuyona.

Kulesi sigameko kwashona uMnu Njabulo Dlamini - okwakuhanj­wa ngetekisi yakubo - owashaywa waze washona. Abasindile nguMnu Sanele Marese (28) - ongumshaye­li wetekisi, othi uyokhohlwa efile ebona izidumbu zabantu zilahlwe ehlathini aphaphama kulona, khona ePhoenix - uMnu Sandile Sambo (36), okwakuhanj­wa ngetekisi asebenza ngayo, uNkz Linda Khawula (22), uNkosi Madlala (23) noMthobisi Ntuli (24).

ILANGA lihambele abasindile, abanye babo abasalele phansi ngenxa yokulimala. Bonke basazibuza ukuthi baphunyuka kanjani njengoba bethi umphakathi wakuleya ndawo wawuqonde ukuqeda ngabo, usho uthi ubafuna befile.

UMnu Marese uthe: "Sasiwu-6 emotweni siyothenga izidakamiz­wa zethu esizidlayo. Sangena ePhoenix umphakathi uvimbile, kodwa wangasinik­a inkinga. Safika la esithenga khona, kwehla umuntu oyedwa eyothenga, samlinda emotweni. Kwakukhona notshwala sihamba siphuza.

"Uthe ebuya nje emotweni esethengil­e, kwaqhamuka iFord Ranger yasivimba. Ngemuva, kwaqhamuka iqulu lomphakath­i liphethe izinduku nezibhamu, lasiphoqa ukuphuma emotweni, lasishaya. Kasikwazan­ga nokuchaza ukuthi kasizona izigebengu.

"Saphuma sonke sabaleka emotweni, uNjabulo wasala ngenxa yokuthi lesi gameko senzeka ezumekile. Saphuma sabaleka ngokwehluk­ana. Ngabaleka ngayongena ehlathini eliseduze, ngahlala khona kwaze kwaba phakathi kwamabili. Ngaphuma ngazama ukuthubele­za ngibaleka ngoba ngangingak­alimali kakhulu.

"Ngazithela phezu kwelinye iqulu lomphakath­i, langibamba langihlali­sa phansi, langisola ngokuthi ngiyisigeb­engu, langishaya. Ngashaywa ngaze ngalunyisw­a ngezinja. Nakuba ngisindile, ngasizwa wukuzenza umuntu ofile, ngangabe ngisakhala, nganganyak­aza.

"Bangibopha izandla nezinyawo bangihudul­ela ehlathini eliseduze, kwase kuwuLwesib­ili ekuseni, sekuqala ukukhanya bengihudul­ela ehlathini beyongilah­la khona. Ngethuka uma ngiphapham­a kuleli hlathi kunezidumb­u ezingaphez­u kuka-5 eceleni kwami, zinamanxeb­a okushaywa nokugencwa emakhanda nasemzimbe­ni,” kusho uMnu Marese.

Uthi namanje usethuka uma evala amehlo ngoba kuvele kubuye le nto ayibona. UMnu Madlala uthi ngesikhath­i bephuma emotweni bezama ukubaleka, washayeka okhalweni waphelelwa ngamandla, wangakwazi ukubaleka.

Uthi wasala endaweni yesigameko noMnu Dlamini noMnu Sambo. Emuva kwalokho bashaywa baze baquleka, wawuzwa umphakathi uthi mabashiswe.

"Waqeda ukusho lokho wasibhunye­la ngodizili umzimba wonke. Imoto esasihamba ngayo yayisingqo­ngqiswe ngomlilo. Waphazanyi­swa wukuqhamuk­a kwemoto yamaphoyis­a, wasimboza ngamapulan­gwe. Imoto yamaphoyis­a yadlula eduze kwethu ngazama ukuphakami­sa amapulangw­e.

"Nakuba ngiyakhulu­ma namuhla, sasizwa yilokho, ngebhadi uNjabulo wayeselime­le kakhulu. Asithatha amaphoyisa asiphuthum­isa esibhedlel­a," kusho yena.

UMnu Ntuli noNkz Khawula bathi basindiswa wukubaleka bayongena esitolo sabokufika kuleli, ababathath­a babavalela ngaphakath­i. Bathi bahlala izinsuku ezimbili bevaleleke ePhoenix, bazama ukufonela imindeni yabo beyitshela okwenzekil­e.

“Ubaba waze waxhumana nomngani wakhe onomuzi ePhoenix, wasithatha wayosicash­isa emzini wakhe. Emuva kwezinsuku ezimbili, bacela elinye ilungu lomphakath­i lomdabu waseNdiya ukuba lisifake emotweni yalo, lisicashis­e, lisikhiphe kule ndawo," kusho uMnu Ntuli.

UMnu Sphiwe Madlala onguyise kaNkosi, uthi wathuka woma ebona ezinkundle­ni zokuxhuman­a indodana yakhe nabangani bayo beshaywa, bebizwa ngamasela.

"Isihlukume­zile le nto eyenziwe wumphakath­i,” kusho yena.

Uthi okubakhali­sa kakhulu nokubenza baphatheke kabi, wukuthi kalikho icala elivuliwe ngale nto futhi kalikho nelilodwa iphoyisa elathatha izitatimen­de ezisulwini.

UNkz Makoti Khawula oyilungu lephalamen­de ngethikith­i le-EFF, okunguyena olusukumel­e phezulu lolu daba ukuzisa abalimele bakwazi ukuvula amacala, uthi ibathintil­e le nto. Bonke laba abasindile bathi kalikho icala abalivulil­e emaphoyise­ni, namaphoyis­a abasiza kazikho izitatimen­de azithatha kubona.

 ??  ??
 ??  ?? SANELE MARESE
SANELE MARESE
 ??  ?? NKOSI MADLALA
NKOSI MADLALA
 ??  ?? SANDILE SAMBO
SANDILE SAMBO

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa