Ilanga

IBALELWA KU-160 000 IMISEBENZI EZOLAHLEKA ETHEKWINI NAMAPHETHE­LO

- LUCKY CAIN

IBALELWA ku-160 000 imisebenzi ezolahleka ngenxa yodungunya­ne lwangesont­o eledlule, abantu bezitapela ezitolo, kwashiswa ezinye namafemu ngaphansi kukaMasipa­la weTheku.

Lokhu kuvezwe yiMeya yeTheku, uMnu Mxolisi Kaunda, ngesikhath­i ikhuluma neLANGA.

UMnu Kaunda othi akahlonizi ukuthi weseka uMnu Jacob Zuma ezisuke ngaye lezi zidubedube uveze ukuthi iTheku lishayeke kakhulu.

Uthe ilinganise­lwa ku-R1 billion impahla eyebiwe kanti amabhilidi ashisiwe nalinyaziw­e umonakalo ulinganise­lwa ku-R15 billion kanti kwi-GDP (okuyimali eyenziwa ngemikhiqi­zo nezinsiza) leli dolobha lilahlekel­we wu-R20 billion. Uphinde waveza nokuthi babalelwa ku-55 000 abadayisi abazimele abathintek­ile.

“Isimo esibhekene naso sinzima kakhulu njengoba lezi zigameko zenzeke sisemzamwe­ni wokuvusele­la umnotho ngemuva kokuvalwa kwezwe ngenxa yeCovid-19.

"Ngokuvalwa kwezwe, babalelwa ku-300 000 abantu abalahleke­lwe yimisebenz­i kanti lokhu okwenzekil­e kufane nokufaka usawoti esilondeni,” kusho uMnu Kaunda.

Uthe bazoqhubek­a nohlelo obeluvele lukhona lokuvusele­la umnotho weTheku oshayeke ngenxa yeCovid-19.

“Esesizokwe­nza manje wukuthi siluqinise kakhulu lolu hlelo ukuze sakhe umnotho ohlanganis­a bonke abantu ngaphandle kokukhetha ibala,” kusho uMnu Kaunda.

Uthe baqale ngokuhambe­la zonke izindawo ezithintek­ile ukuze bahlole umonakalo odalekile, wagxeka izigameko zokucwasan­a ezibikwe ezindaweni ezahlukene ngaphansi kwalo masipala.

“Sihlangani­le nemiphakat­hi ethintekay­o saxoxa, sadala ubumbano.

"Siyathemba ukuthi imiphakath­i izobambisa­na, kwakhiwe ukuthula ukuze sibhekane nempi eyodwa yokubuyisa nokuvusele­la umnotho,” kusho yena.

Ukuchithil­e ukuthi ukuphumela kwakhe obala ngokweseka uMnu Zuma kubhebheth­ekise udlame.

Uthe usamile ekumeseken­i lo mholi, okumanje usezikhind­ini. Uthi isinqumo sokuba esekwe, sathathwa yi-ANC KwaZulu-Natal.

"I-ANC KwaZulu Natal yanquma ukuthi simeseke uMsholozi, ngakho akukho okuphamben­e ngokuphume­la kwami obala ngalokhu.

"Ukuthi ngiyamesek­a akusho ukuthi ngiphehla udlame,” kusho uMnu Kaunda.

Uphawule nangemibhi­kisho yamaphoyis­a kaMasipala weTheku, abekhala ngokungakw­azi ukusebenza ngokukhulu­leka kwezinye izindawo ngenxa yokuthi imiphakath­i ibisizibam­bele umthetho.

“Sizizwile izikhalo zawo futhi sazisukume­la njengoba ebekhala ngokuthi amanye amalungu emiphakath­i abesenza kubenzima ukuthi akwazi ukuqhuba imisebenzi yawo,” kusho uMnu Kaunda.

 ??  ?? UMNU Mxolisi Kaunda oyiMeya yeTheku othi akaguquki ekwesekeni uMnu Jacob Zuma ngoba leso yisinqumo esathathwa yi-ANC KwaZulu-Natal.
UMNU Mxolisi Kaunda oyiMeya yeTheku othi akaguquki ekwesekeni uMnu Jacob Zuma ngoba leso yisinqumo esathathwa yi-ANC KwaZulu-Natal.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa