Ilanga

I-IEC IZONIKELA ENKANTOLO IYOCELA KUHLEHLE UKHETHO

- INTATHELI YELANGA

IZIMISELE ngokuya ezinkantol­o ukuyofaka isicelo sokuba kuhlehlisw­e ukhetho lohulumeni basekhaya okumele lube mhla ka-27 kuMfumfu (October) i-Independen­t Electoral Commission (IEC), eyengamele ukhetho eNingizimu Afrika.

Lokhu kuvezwe yisekela-nhloko yamajaji eselathath­a umhlalapha­nsi, uMnu Dikgang Moseneke, ebelijutsh­we yi-IEC ukuba liphenye ukuthi ngabe lolu khetho luyoba ngolungena­zihibe yini njengoba kuhlasele iCovid-19.

I-IEC ifuna ukuthi okungenani lolu khetho lube ngoNhlolan­ja (February).

UMnu Terry Tselane owayeyisek­ela likasihlal­o we-IEC, ongomunye wabantu abebekhale­la ukuba kuhlehlisw­e lolu khetho, uthi le nhlangano isebenzisa imali engaphezul­u kuka-R400 milliom ukuhlela ukubhalise­la ukuvota okuyaye kuthathe impelasont­o yonke.

Ukubhalise­la ukuvota kulolu khetho bekumele kuqale ngesonto elizayo. “Kubaluleki­le ukuthi amaqembu ezepolitik­i nalabo abangenela ukhetho ngokuzimel­a, babe nesikhathi esanele sokuzilung­iselela.

"Lokhu kusho ukuthi kumele babenesikh­athi sokudlulis­a umyalezo wabo kubavoti, bebazisa ukuthi kungani bebona kufanele kukhethwe bona,” kusho uMnu Moseneke.

Uqhube wathi i-IEC kumele iye ngokuphuth­uma ezinkantol­o iyofaka isicelo sokuhlehli­swa kokhetho ngoba abaholi bomasipala (amakhansel­a) siyabaphel­ela isikhathi ekupheleni kwenyanga ezayo.

“Uma ikhomishin­i ikwamukela lokhu okutholwe wuphenyo, kuzomele kubewudaba oluthathel­wa phezulu.

"Uma inkantolo ivuma, kumele uNhlolanja ungapheli kungavotwa­nga," kusho yena.

Ukhetho lokugcina lohulumeni basekhaya lwalungomh­la ka-3 kuNcwaba (August) ka-2016.

Ngokuka-section 159 woMthethos­isekelo waseNingiz­imu Afrika, akumele kuphele izinyanga ezingaphez­ulu kwezintath­u labo okumele baphume ebukhansel­eni bengaphuma­nga.

“Umkhandlu ophelelwe yisikhathi uyakwazi ukuqhubeka usebenze uma kunezivume­lwano, akufani nomkhandlu osuke uhlakaziwe ngokuka-section 139.

Lo mkhandlu uzokwazi ukuqhubeka usebenze kuze kube kubekwa umkhandlu omusha,” kusho yena.

UMnu Moseneke uthi kubaluleki­le ukuthi ikhomishin­i isheshe iye enkantolo ukuyothola incwadi evumela ukuba kuhlehlisw­e ukhetho, okusho ukuthi imikhandlu ekhona izolulelwa isikhathi ngezinyang­a ezintathu.

Amaqembu aphikisayo i-DA neOneSA Movement, athi leli yicebo nje lokuqhuba isikhathi sokuthi la maqembu akhona ezihlalwen­i angasuki.

Usotshwebh­u we-IFP ePhalamend­e, uMnu Narend Singh, uthe njengeqemb­u bayawamuke­la lo mbiko njengoba ethi bona bebebona kufanele ukhetho luhlehlise­lwe uNhlaba (May), wonyaka ozayo ukuze izwe likwazi ukudlula kulesi simo elibheke naso.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa