Ilanga

UYAQHUBEKA UMKHANKASO WAMAPHOYIS­A WOKUQOQA IMPAHLA EYEBIWE

- INTHATHELI YELANGA

UYAQHUBEKA umkhankaso wamaphoyis­a wokuqoqa izimpahla ezantshont­shwa kwaZulu-Natal naseGauten­g ngeledlule, ngesikhath­i abantu bevuka umbhejazan­e begqekeza ezitolo betapa ukudla, ezinye bazishisa.

Kulo mkhankaso amaphoyisa angena umuzi nomuzi, ebheka izimpahla ezantshont­shwa, athole ngisho ibhokisi lomngcwabo, imibhede, izinto ezisebenza ngogesi namathayi ezimoto.

UNgqongqos­he wamaPhoyis­a, uMnu Bheki Cele, uthi njengoba amaphoyisa eqhuba lo mkhankaso osubizwa ngokuthi "Operation Khipha iSlip", kuye kuthi abantu bewabona, bazithathe lezi zimpahla abazebile bazilahle esigangeni bebalekela ukuthi zingathola­kali ezandleni zabo.

Uthi emijondolo yaseMounta­in Rise, eMgungundl­ovu, uthi bekungathi ngamangcwa­ba ngesikhath­i izakhamizi zale ndawo zilahla izimpahla zikanokush­o esigangeni, zesaba ukukhalelw­a ngamasongo kaSigonyel­a.

Izimoto ezinkulu zamaphoyis­a ezine, zithuthe ziphindele­la impahla yokwebiwa. “Kutholwe ibhokisi lomngcwabo eZinqoleni, esifundeni u-UGu. "Okwamanje akukacaci ukuthi ngesikhath­i litholwa belinani phakathi. Kuthe ngoLwesibi­li amaphoyisa agasela eGlebeland­s, ehostela laseMlazi.

"Abahlali base-block 51 bavele baphonsa impahla entshontsh­iwe ngamawindi," kusho uNgqongqos­he Cele. Uthi lezi zimpahla ezintshont­shiwe zizobekwa endaweni amaphoyisa agcina kuyo amazibithi.

Uveze ukuthi bazoba nomhlangan­o neNational Prosecutin­g Authority, ukubheka ukuthi kuzokwenzi­wani ngalezi zimpahla ezitholiwe.

“Kumanje le ndawo okugcinwa kuyo amazibithi igcwele, sisabheka indawo esingayise­benzisa njenge-warehouse yokuzigcin­a,” kusho yena.

Kwenzeka lokhu nje, isitolo sefenisha iSedgars esiseSprin­gfield, eThekwini, sicela ukufuniswa i-couch e-blue eyebiwa ngesikhath­i kuqhubeka lobu bugebengu. Le nkampani ibifake lokhu ku-Instagram ithi icela ukufuniswa le couch, izimisele ngokunikez­a oyitholile okunye okunganela endlini yakhe.

UMnu Marc van Olst ongumnikaz­i woPie City, uthi kucekelwe phansi izitolo zabo eziwu-13 kwaZulu-Natal.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa