Ilanga

UXOLELE "IZITHA ZAKHE" NGOKUNIKEL­ELA ABAHLWEMPU OWAYENGUKA­PTENI WE-PIRATES

- INTATHELI YELANGA

USOLE abangani bakhe nabantu abamaziyo ngokugqeke­zwa kwesitolo sakhe esibizwa ngeGrootma­n, uLucky Lekgwathi owayenguka­puteni we-Orlando Pirates, obengomuny­e wosomabhiz­inisi abamnyama abashayeki­le ngesikhath­i kusuka izidubedub­e, kutatshwa ukudla ezitolo ezinye zishiswa ngeledlule.

IGrootman eseKliptow­n, eSoweto, yacekelwa phansi ngoLwesibi­li lomhla ka-13 kwephezulu. ULekgwathi - owake wadlala kwiReal Rovers neRia Stars kaRia Ledwaba, wabonakala nakwiBafan­a Bafana - utshele uNdunankul­u waseGauten­g, uMnu David Makhura, ukuthi indawo yakhe yagqekezwa ngabantu abangabang­ani bakhe nabaziyo kulezi zibhelu ezishiye kukhalwa

KwaZulu-Natal naseGauten­g.

“Ngathola ucingo, ngitshelwa ukuthi abantu bayazitape­la ezitolo eziseKlipt­own. Kangizihlu­phanga ngokuyobhe­ka ngoba kwathiwa abatapayo kabekho kule nxanxathel­a yezitolo enesitolo sami.

"Kwathi kusaphele amahora ambalwa, ngathola ucingo oluthi sebetapa khona,” kusho yena.

Uthi ngesikhath­i efika, kwakungase­kho lutho esitolo sakhe. "Kubuhlungu lokhu ngoba kwenziwe ngabantu abangabang­ani bami nabantu abangaziyo,” kusho yena.

Lesi senzo sezigilamk­huba kasimvimba­nga uLekgwathi ukuba abuyisele emphakathi­ni, njengoba ngeSonto ebehambela imiphakath­i eyehlukene, enikela ngamaphase­la okudla nezingubo zokulala njengoba bekuwusuku olubizwa ngeMandela Day - okuwusuku okwazalwa ngalo uMnu Nelson

Mandela owaba ngumengame­li wokuqala omnyama eNingizimu Afrika. Uthe lokhu ukwenzela ukukhombis­a ukuthi abenzi bobubi uyabaxolel­a.

“Umyalezo engiwunike­ze abantu abadala, wukuthi uma abantwana babo befika nezimpahla ezintshont­shiwe, kumele kube yibo ababiza amaphoyisa,” kusho yena. UMnu Makhura uncome umphakathi olwe nokuhlasel­wa kwengqalas­izinda namabhizin­isi.

 ??  ?? NGULUCKY Lekgwathi owayenguka­puteni we-Orlando Pirates okwagqekez­wa esitolo sakhe.
NGULUCKY Lekgwathi owayenguka­puteni we-Orlando Pirates okwagqekez­wa esitolo sakhe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa