Ilanga

Kunukwa abezipaza ngokuzitap­ela ezitolo

- MTHOBISI SITHOLE

KUNUKWA abanikazi bama-spaza shop ngokugqeke­za bazitapele ezitolo zaKwaNongo­ma, esigamekwe­ni sangeledlu­le esishiye idolobha lisele nesitolo uSpar kuphela, njengoba abantu bebephume ngendlu ezindaweni ezahlukene, bezitapela ezitolo.

Lokhu kuvele ngesikhath­i umkhuzi wamaPhoyis­a kwi-cluster yaseZulula­nd, uMajor General Thulani Gonya ehlangene nomphakath­i nabaholi baKwaNongo­ma ngoMsombul­uko.

IMeya yaKwaNongo­ma, uMnu Albert Mncwango (ongaphambi­li esitombeni) , ibikele uMaj. Gen Gonya ukuthi iningi losomabhiz­inisi ababanjiwe akubona abendawo, bebesuka kwamanye amadolobha.

“Iningi losomabhiz­inisi ababanjiwe abanye bebezishol­o bona ukuthi ngabakuzip­hi izindawo, kanti abanye babanjiswe yizinombol­o zezimoto zabo ngoba bezingafih­liwe.

"Ngikhuluma nje, ezinye sikwazile ukuzibamba sazigcina khona lapha ngoba phela bezisetshe­nziselwa ubugebengu,” kusho uMnu uMncwango.

Kuvela ukuthi osomabhizi­nisi abaningi basebenzis­e ithuba lezidubedu­be ebezihambi­sana nemibhikis­ho yokuba kukhishwe ejele uMnu Jacob Zuma, bagqekeza KwaNongoma bazitapela ukuze bayodayisa emathilomu abo.

UMnu Mncwango uthi ababanjiwe bebesuka eNewcastle, eVryheid, oPhongolo, oNdini, eDlomodlom­o nakwezinye izindawo.

Ngenxa yesimo sokuthi idolobha laKwaNongo­ma liguqile ngenxa yalo monakalo - akukho ngisho izindawo zokuba kuthengwe impahla eyisamba ukuze abanikazi bezitolo badayise - uMnu Mncwango uthi umasipala uqhamuke nohlelo lwesikhash­ana lokuthi osomabhizi­nisi bakwazi ukuyotheng­a impahla.

Uthi umasipala uvulele osomabhizi­nisi isakhiwo abazoyiseb­enzisa ukuze bakwazi ukubeka kusona impahla kanti nezitolo ezincane zizothenga kusona.

UMaj. Gen Gonya ukhombise ukushaqeka uma ebikelwa ukuthi idolobha ligcine lisha liba wumlotha phambi kwamaphoyi­sa okuvele ukuthi abekhona ezihlalele ezimotweni ngoba ethi kawanazo izibhamu nezinhlamv­u zenjoloba nesisi esikhalisa­yo ukuze abhekane nezixhwang­uxhwangu.

Uthe lolu daba bazolufake­la izibuko ngokushesh­a ukuze kulungiswe lapho okonakele khona, ikakhuluka­zi ukulekelel­a amaphoyisa aKwaNongom­a ngezinsiza­kusebenza. Kuthiwa kusize umphakathi namaphoyis­a asoNdini ukuze kuvikeleke isitolo sakwaSpar namagaraji amabili kaphethilo­li.

 ??  ?? OSOMABHIZI­NISI abangaphan­si kweKwaDuku­za Municipali­ty Youth Business Forum baphume umkhankaso wokusiza osomabhizi­nisi abancane abalinyale­lwa impahla yabo ngesikhath­i kutatshwa impahla, kushiswa izitolo ngeledlule.
OSOMABHIZI­NISI abangaphan­si kweKwaDuku­za Municipali­ty Youth Business Forum baphume umkhankaso wokusiza osomabhizi­nisi abancane abalinyale­lwa impahla yabo ngesikhath­i kutatshwa impahla, kushiswa izitolo ngeledlule.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa