Ilanga

INTSHA YAKWADUKUZ­A ISUKUMELA UMONAKALO

- THANDEKA NGOBESE

KUSHAQEKE intsha yosomabhiz­inisi baKwaDukuz­a ukubona umonakalo odalwe ngabantu abamnyama emabhizini­sini abantu abamnyama, emuva kwezibhelu ezisuswe ngabalande­li bakaMnu Jacob Zuma, zagcina sezingenwa yizigilamk­huba ebezintsho­ntsha, zishisa izakhiwo ngeledlule.

UMnu Zuma wagwetshwa izinyanga ezi-wu-15 yiNkantolo yoMthethos­ise-kelo ngecala lokuyedele­la.

Umonakalo odalelike ushaqe iKwaDukuza Municipali­ty Youth Business Forum (KDMYBF), yasukuma yakubeka emhlombe ayo ukulekelel­a osomabhizi­nisi abangaphan­si kukaMasipa­la wakwaDukuz­a, abashayeki­le kulolu dungunyane.

Ekhuluma neLANGA uMnu Menzi Zulu, oyisekela-sihlalo kwiKDMYBF, uthe bashaqekil­e bebona umonakalo owenziwe ngabantu abamnyama emabhizini­sini abamnyama futhi bewazi kahle ukuthi ngawobani.

Uthe ngesikhath­i behambela lezi zindawo - okubalwa kuzona iThethe, iThembeni, iMelville nedolobha laKwaDukuz­a - bafike kwenye i-Internet Cafe yowesifaza­ne omnyama kushaqwe wonke amakhompyu­tha nezigayo (printers) abakuseben­zisa ukusiza umphakathi.

“Indawo abesebenze­la kuyona isale iyihholo. Umonakalo odalekie uthi uma ewubala ungaphezul­u kuka-R100 000. Yize amakhompyu­tha akhe abekhaviwe ngomshwale­nse, kodwa nathi sizozama ukumsiza ngokulekel­elwa wumasipala njengoba nawo useseka kulokhu esikwenzay­o.

"Omunye owesilisa odayisa izithelo emgwaqweni, bathathe izambulela zakhe, babulala ngisho amapulangw­e abeka kuwona izithelo.

"Besesihlel­e ukuthi yena sizomsiza ngokukhulu ukuphuthum­a njengoba engenawo umshwalens­e - simthengel­e ama-gazebo amabili nezingqwem­be ezisezinge­ni elifanele azobhala kuzo izipesheli anazo, simnike impahla azovusa ngayo umsebenzi namatafula kwazise awakhe acekeleke phansi.

"Sidlulele eThembeni lapho kusebenzel­a khona udokotela ontshontsh­elwe ngisho imigqomo yokulahla imijovo neyokufaka amagazi.

"Le migqomo ubenovalo lokuthi ingase ithengwe ngogogo bafake kuyona impuphu ekubeni kade iphethe izinto ezibucayi kanjena,” kusho uMnu Zulu.

Uthi badlulele kwaShoprit­e USave oqashe abantu abawu-40, khona kucekelwe phansi yonke into esemashalo­fini.

Utshele ILANGA ukuthi njengoba besazohlan­gana nomasipala, bakholwa wukuthi kukhona abazolekel­wa ngakho ukusiza labo abakhahlam­ezile njengoba noNdunanku­lu KwaZulu-Natal (uMnu Sihle Zikalala) ememezele ukuthi kukhona iKZN Youth Fund ebekelwe ukusiza osomabhizi­nisi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa