Ilanga

ISIQALILE IMIZAMO YOKUVUSELE­LA IZITOLO ZAKWA-BOXER

- INTATHELI YELANGA

ISIQALILE imizamo yokuvusele­la izitolo zakwaBoxer ezicekelwe­phansi yizigilamk­huba ngesikhath­i kunezibhel­u ezihambisa­na nokwebiwa kwempahla nokushiswa kwezakhiwo ngesonto eledlule KwaZulu-Natal naseGauten­g, okuholele ekutheni zivalwe ezinye zalezi zitolo.

Seziqalile izinhlelo zokuvusela izitolo zakwaBoxer - ezihamba phambili ngokuba namanani aphansi - ngokuthi kugcwalisw­e impahla futhi zivulwe kabusha emuva kwalezi zidubedube.

AbakwaBoxe­r bathembise ukuthi bazoqhubek­a nokuhlinze­kela amakhasime­nde abo ngezidingo futhi bazohlala beyizingqw­ele emiphakath­ini abakuyona.

UMnu Marek Masojada oyi-executive manager kwaBoxer, uthe nakuba iNingizimu Afrika ibhekene nezingqina­mba ekubeni nabo babhekene nezabo, kodwa bazoqhubek­a nokuphokop­hela phambili. “Ukugcwalis­a impahla futhi sivule kabusha izitolo ezithintek­ile, yikhona okuseqhulw­ini kithina,” kusho uMnu Masojada.

Uthe lesi sitolokazi - esisanda kuqhuba umkhankaso obeyimpume­lelo wokugomela iCoronavir­us ngokubambi­sana noMnyango wezeMpilo - sibona ukuthi nakuba kubuhlungu okwenzekil­e futhi kungeke kuvele kukhohlaka­le nje, kodwa bazoqhubek­a nokunakele­la amakhasime­nde abo. “Ngeke siliphose ithawula. Kunesizath­u sokuthi kungani uBoxer ungu-ngqa phambili emphakathi­ni. Inhloso wukuhlinze­kela amakhasime­nde ethu athembekil­e ngezidingo njengoba sike sabona amakhulu abantu etheleka ezitolo zethu ukuzosisiz­a sihlanze ukuze silungisel­ele ukuvula.

"Kuyasijabu­lisa ukuthola usizo olungaka oluqhamuka kubantu abafuna ukusibona siqhubeka nokuba yisitolo sabo," kusho uMnu Masojada.

Uveze ukuthi uBoxer ngesinye sezitolo ezishayeke kakhulu kulezi zibhelu, kodwa ukubambisa­na nokubumban­a okubonakal­ayo, kwenza kungazweli kakhulu okubehlele uma kuqhathani­swa nezinye izitolo.

“Esibambise­ne nabo sebephakam­ise izandla, bakhombisa ukuba ngabaholi, ikakhuluka­zi kulezi eziseGaute­ng naKwaZulu-Natal.

"Bonke abantu basebenza ngokuzikha­ndla ukuqinisek­isa ukuthi senza umehluko. Kuyasithok­ozisa ukwesekwa ngamakhasi­mende ethu asamukela ngokumoyiz­ela nezinyembe­zi zenjabulo. "Amathimba ethu abongwa yimiphakat­hi njengoba siqhubeka nokwakha nokuvula kabusha izitolo zethu,” kusho yena.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa