BABUYA BELAMBATHA EMAKHAZENI
SEKUPHOQE eminye imindeni ukuba ihlehlise ukufihla abathandiweyo bayo ukugcwala kwamakhaza asePhoenix, eThekwini, ILANGA elithole ukuthi kudalwa wukuthi kunezidumbu ebezicoshwa esigangeni zithuthelwe kula makhaza kahulumeni.
Kuzokhumbuleka ukuthi kusuke esinamathambo phakathi komphakathi wasePhoenix, nabantu abakhelene nale ndawo njengoba abantu bebezitapela ezitolo, ezinye bezishisa ebugebengwini obusuke emuva kokuba abathi beseka uMnu Jacob Zuma, bebefuna akhishwe ejele njengoba eboshwe izinyanga eziwu-15 ngecala lokudelela inkantolo.
ILANGA lithole ngezinye izihlobo zabafi ukuthi zitshelwe ukuthi izidumbu zabathandiweyo bazo kazikahlolwa ngudokotela.
NgoLwesibili ILANGA lihambele la makhaza ngenhloso yokuzibonela ukuthi kuqhubekani. Lifice inqwaba yemindeni ebimi ngaphandle, ilindele ukuyo-bheka izihlobo zayo.
Usizi belubhalwe emehlweni kweminye imindeni ebilokhu ime ngaphandle, ingazi ukuthi iyohamba isizakele yini njengoba iningi layo belibuyela emuva lilambatha, lingazitholaga izidumbu zezihlobo zalo.
UNkz Monica Ngcobo wasesiDumbini, eNdwedwe, obeyobheka isidumbu sendodana yakhe uSphiwe Ngcobo (17), eyadutshulwa ngoMsombuluko wangomhla ka-12 kwephezulu oThongathi, uthi akakwazanga ukuthola isidumbu ukuze ezosiyisa emakhazeni abo ngenxa yokuthi besingakabonwa ngudokotela.
“Indodana yami yayingivakashele oThongathi lapho ngiqashe khona ukusondelela umsebenzi ngoba ngomhla ka-7 kule nyanga kwakuwusuku lwayo lokuzalwa. Kwathi kusuka izidubedube, abantu betapa ezitolo, yadubuleka yashona.
"Ngathola ucingo kuthiwa mangiphuthume khona. Selokhu yashona, kangikwazi ukukhipha isidumbu sayo emakhazeni kahulumeni ngiyifake kwawami, ngoba udokotela kuthiwa akakasiboni. Ngitshelwe ukuthi mangibuye ngoLwesine (namuhla) ngiyobheka ukuthi udokotela usesihlolile yini isidumbu,” kusho uNkz Ngcobo.
Owesifazane waKwaMashu ongathandanga ukudalulwa, uveze ukuthi usebuya okwesibili kula makhaza kodwa akasizakali njengoba naye etshelwa ukuthi udokotela akakasihloli isidumbu sendodana yakhe ngenxa yokugcwala kwezidumbu ngaphakathi. Uveze ukuthi indodana yakhe yadutshulwa ngoMsombuluko owedlule ngesikhathi kusuka izidubedube.
“Indodana yami yangishayela ucingo ngoMsombuluko ebusuku, ingitshela ukuthi indawana thile idutshuliwe, ucingo lwanqamuka sisakhuluma. Ngazama ukubuyela kuyona ngangayithola. Ngathola ucingo kuthiwa isesibhedlela oSindisweni.
"Saqasha i-ambulance ezimele ngoba ngifuna ukuyoyilanda kulesiya sibhedlela, kodwa kwasithatha cishe usuku lonke ukuba siyithole. Sayidlulisela eKing Edward, okulapho yashonela khona ngoLwesithathu lwangomhla ka-14.
"Ngaxhumana nomphenyi wecala owangitshela ukuthi isidumbu siyiswe ePhoenix. Ngaya khona kodwa ngatshelwa ukuthi kabasazithathi izidumbu eziqhamuka ezibhedlela ngoba kugcwele ngaphakathi, kuzomele ngilinde. Kuze kube manje, udokotela akakasihloli isidumbu,” kusho lona wesifazane ngoLwesibili.
Kuvela lezi zindaba nje, ILANGA langoMsombuluko lilobe udaba lwezinsizwa ezintathu nowesifazane abahlaselwa ePhoenix kade beyothenga izidakamizwa mhla ka-12, okwafa oyedwa kubona.
Omunye wabo walanda ngovalo olwamudla ngesikhathi izakhamizi zasePhoenix sezimphose ehlathini zizitshela ukuthi usefile, okwathi uma evuka, wakhangwa yinqwaba yezidumbu zinezingozi zokugencwa namanxeba okudutshulwa.
UNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNksz Nomagugu Simelane, obeziyele mathupha emakhazeni ase-Phoenix, uthe kuyiphutha ukuthi imizimba emakhazeni iwu-300.
"Imizimba ekhona iwu-128, kanti akulula ukuthi sithi yonke ingeyabantu abashone ezinxushunxushwini ebezikhona ngesonto eledlule, ngoba la makhaza asePhoenix amukela imizimba yabantu abashone ezindaweni ezehlukahlukene eThekwini namaphethelo."
Unxuse yonke imindeni enezihlobo ezingatholakali ukuba ize kulamakhaza izozibheka. Uthe ayizodinga ukuya eziteshini zamaphoyisa, kodwa izosizwa khona lapha emakhazeni ngamaphoyisa asesebenzela khona emakhazeni njengoba bekunalesi simo.
Uthe labo abazizwa bengaphephile, bangaxhumana nesikhulu esiphezulu emaphoyiseni uGen. Chirwa ku-079 500 0288, ozobe esebalungiselela ukuthi baphelezelwe ngamaphoyisa.
Imizimba ekhona iwu-128, akulula sithi yonke eyabafe ezinxushunxushwini.