UBONGA UKUNGENELELA KWELANGA
UBONGE ukungenelela kweLANGA umndeni wowesilisa okucishe kwaphazamiseka izinhlelo zokumngcwaba ngenxa yephutha likadokotela ohlinza izidumbu emakhazeni kahulumeni eMgungundlovu, owabhala ukuthi ufe ngokugwazwa kanti akunjalo, wadutshulwa ebusuku bangomhla ka-11 ngesikhathi kushiswa amathayi emgwaqweni wasePhayiphini, KwaMpumuza, eMgungundlovu abantu bebhikishela ukuboshwa kukaMnu Jacob Zuma.
Sekuwumlando ukuthi ukuboshwa kukaMnu Zuma kwalandelwa wukutatshwa kwempahla ezitolo, kwashiswa ezinye, kwafa inqwaba yabantu.
EMgungundlovu kwangqongqa inxanxathela yezitolo iGreater Edendale, iKwaMabulala Shopping Centre, iChina Mall, iBrookside Mall nezinye.
ILANGA lithole ukuthi umufi nayenabo ngobusuku besehlakalo, kwathi besalungiselela ukokhela amathayi emgwaqweni ababewuvimbe ngezinguzunga zamatshe, kwaqhamuka imoto yavimbeka, yangadlula.
Umshayeli wehla emotweni wavulela ngenhlamvu ebhekise esixukwini esasilapho enye yezinhlamvu yadubula umufi esifubeni. Waphuthunyiswa emtholampilo waseCaluza owawusuvaliwe, kwamenela esesangweni, kusalindwe i-ambulensi eyayizomyisa esibhedlela.
Kuvela ukuthi umndeni wakhe wahlala ubusuku bonke nesidumbu, ulinde imoto yezidumbu eyayingakwazi ukuphuma emakhazeni njengoba imigwaqo yayivalwe yonke ngamathayi avuthayo, kusha nezitolo.
NgoMsombuluko umzala kamufi, uMnu Qaphela Hlela - okhulumela umndeni wakwaNgubane wathinta ILANGA elazisa ngensambatheka okuthiwa ibhalwe ngudokotela mayelana nokufa kukaMnu Ngubane.
“Kusithusile ukubona encwadini yemiphumela yokuhlolwa kwesidumbu kuvela ukuthi akabulawanga ngokudutshulwa. Sinesiqiniseko thina sokuthi umufi wabulawa yinhlamvu eyangena esifubeni ngasenhliziyweni.
"Kasisithathi lesi sidumbu uma kuwukuthi uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, kawusithathi siyohlinzwa kabusha ngoba siyazi ukuthi umufi wafa kanjani. Nomphenyi wecala ufikile wayingabaza le ncwadi ngoba wayekhona ethimbeni lamaphoyisa ayesendaweni yesehlakalo okwatholakala kuyona amagobolondo amathathu ezinhlamvu zesibhamu,” kusho uMnu Hlela ngesikhathi exhumana neLANGA okokuqala.
ILANGA lixhumane nabethimba lezokhuxhumana emnyangweni, okuMnu Sibongiseni Mkhize noMnu Agiza Hlongwane, abalusukumele ngokushesha udaba, bacela inombolo yencwadi yokuhlolwa kwesidumbu sikamufi nekaMnu Hlela ukuze balandelele ngokwenzekile.
UMnu Ntokozo Maphisa okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uxolisile emndenini ngokwenzekile, wathi lesi sehlakalo yinto engajwayelekile ukwenzeka njengoba izidumbu eyizinkulungwane ziye zihlolwe ngempumelelo.
“Umnyango uxhumanile nomndeni othintekayo njengoba isidumbu sihlolwe okwesibili, sabuyiselwa kuwona.
"Umnyango uyaqhubeka nophenyo ukuthola ukuthi yini engahambanga kahle nokuthola izindlela zokugwema okwenzekile kungaphinde kwenzeke,” kusho yena.
UMnu Hlela ubuyele kwiLANGA elibonga ethi emuva kokukhuluma nalo, kaliphelanga ihora sakhishwa isidumbu emakhazeni omndeni, sayiswa kwakahulumeni, sahlinzwa kabusha.
“Sibonga ILANGA ngoba sesigcine sanelisekile siwumndeni ngemiphumela emisha yokuhlolwa kwesidumbu.
"Kuvelile ukuthi umufi wadutshulwa, namaphoyisa asivezelile inhlamvu etholakale esidunjini, izinhlelo zokungcwaba ngoLwesithathu (izolo) ziyaqhubeka,” kusho yena.