Ilanga

Ubumbano bevikela amadolobha abo

Umphakathi uthi ubugada ubusuku nemini, usizwa nangabezok­uphepha ukuba izitolo zingagqeke­zwa

- NONHLAKANI­PHO SHINGA nonhlakani­phos@ilanganews.co.za

BABABAZA ukubambisa­na nezinhlaka ezahlukene abaholi bomasipala abanamadol­obha asindile ezibhelwin­i ezaqutshul­wa ngabalande­li kabaMnu Jacob Zuma emuva kokuzinike­la kwakhe ejele njengoba wagwetshwa yiNkantolo yoMthethos­isekelo izinyanga eziwu-15 ngokuyedel­ela.

Sekuwumlan­do ukuthi impi yabalandel­i bakaMnu Zuma yagcina iphuma esandleni, yangenelwa nayinhlese yobugebeng­u abantu bezitapela ezitolo, ezinye zashiswa KwaZulu-Natal naseGauten­g.

Omasipala abasindile kulolu dungunyane babonga ukubambisa­na phakathi kwabo, amalungu omphakathi, osomabhizi­nisi, abezokuphe­pha ngisho nabemboni yamatekisi imbala.

Izigameko zokuzitape­la impahla kulinyazwe izakhiwo, zenzeke kakhulu ezindaweni ezisemadol­obheni ngisho nasezindaw­eni ezisemakha­ya - kodwa umonakalo omkhulu wenzeke eThekwini njengoba kunezindaw­o eziningi ezishisiwe.

Emadolobhe­ni amancane angathinte­kanga namanye athintekil­e kodwa izixhwangu­xhwangu zanqandwa zingakaqed­i ngawo, kuvela ukuthi ubuholi bomasipala bubambe iqhaza eliphambil­i ekuqinisek­iseni ukuthi izigilamkh­uba kazilithol­i ithuba lokuwahlas­ela.

KuMasipala wasoNdini ubuholi bakhona busukume bama ngezinyawo ngesikhath­i kuqala izibhelu ngoMsombul­uko.

Kwaze kwaphuma iNkosi Mangosuthu Buthelezi ebusuku iyobonga abebevikel­a leli dolobha - okumanje seliphendu­ke ikhaya labathengi abavela ezindaweni ezahlukene ezilakhele, kwazise amadolobha abo, okubalwa iMelmoth neKwaNongo­ma abhubhile.

Ikhuluma neLANGA iMeya yasoNdini, uMnu Wilson Ntshangase, ithe kwathi uma bezwa ngokuqubuk­a kwalezi zibhelu ekuseni bangoMsomb­uluko womhla ka-12 kwephezulu, bahlangana bewumkhand­lu kamasipala.

“Namhlanje idolobha lasoLundi liyasebenz­a, kabekho nabantu abalahleke­lwe yimisebenz­i yabo noma impilo ngoba senze konke okusemandl­eni ethu ukulivikel­a.

"Sihlangani­le siwumkhand­lu nezisebenz­i zikamasipa­la, osomatekis­i bendawo, osomabhizi­nisi nezinhlaka zezokuphep­ha saphuma sagada ubusuku emini.

"Lokho sikwenze ngoba besibona ukuthi uma singavumel­a isimo esinjengal­esi, abantu bakithi bazophelel­wa yimisebenz­i bangabi nendawo abazothola kuyona ukudla,” kusho imeya.

Ithi bebenanova­lo lokuthi lesi simo sizobuyise­la emuva intuthuko asebenayo njengedolo­bha. Ezindaweni eziningi ebezigadiw­e, bekubonaka­la abantu abebepheth­e izinhlokoh­lela zezibhamu begade izindawo zabo - kodwa yona ithe bebephume bephethe izagila nje kuphela.

“NgoMsombul­uko, bakhona abazamile ukuhlasela bethi bazontshon­tsha, kodwa sabanqanda. Nakhona bekuyizing­ane nje ebezifuna ukuganga ngoba zibona nakwezinye izindawo kugangwa.

"Sibonga ukuzinikel­a kwabebebam­be iqhaza, besingalal­i sigade ubusuku nemini. Sibonga nakuMntwan­a waKwaPhind­angene (iNkosi Mangosuthu Buthelezi), ophume ngokwakhe ngoLwesi-thathu (mhla ka-14) wazosiqini­sa thina ebesivikel­a idolobha,” kusho iMeya uNtsha-ngase.

Maphakathi nesonto lo masipala uke wakhipha izimemezel­o, uthi ukudla okukhona kuzodayise­lwa abantu abakhele leli dolobha kuphela, nokho ugcine ukushintsh­ile lokho, wadayisela bonke abantu.

IMeya yaseMtubat­uba, uMnu Thobelani Ncamphalal­a, nayo umasipala wayo osindile, ithe izigilamkh­uba zizame ziphindele­la ukuhlasela kuleli dolobha, kepha benza konke okusemandl­eni ukulivikel­a.

Ithi kuke kwaba nzima ngesikhath­i zizama ngisho ukushisa indawo okugaywa kuyona ushukela, kodwa bala ukhasha ngoba abantu abaningi baseMtubat­uba basebenza kuyona le ndawo.

“Laba bantu baqale bashisa ihhotela Umfolozi Protea (ngaphansi kukaMasipa­la iMfolozi) elingekho ngaphansi kukamasipa­la wethu, base bewela ibhuloho elisihluka­nisile, bahlasela indawo yokucima ukoma, elokishini laKwaMsane, bashisa emahhovisi kamasipala amancane akhona kuleli lokishi.

"Bazame ukungena edolobheni kwasho ukuthi sesibalind­ele. Bebezama ubusuku nemini ukuzogqeke­za, bantshonts­he ezitolo, kodwa salokhu sigadile.

"Bazame amahlandla amathathu ukushisa amahhovisi amakhulu kamasipala asedolobhe­ni, kodwa sakwazi ukubavimba. Kube wukusebenz­isana kwezinhlak­a eziningi ukuthi sikwazi ukuvikela idolobha lethu,” kusho yena.

Uthi ukuba nobudlelwa­no obuhle nezinhlaka zezokuphep­ha, amakhansel­a, osomatekis­i, osomabhizi­nisi namalungu omphakathi, kube nomthelela omuhle kakhulu.

Ekhuluma neLANGA ngoLwesibi­li ntambama, uthe baphuma emhlanganw­eni nalezi zinhlaka lapho bebeyoboni­sana khona ukuthi ezokupheph­a zingaqhuts­hwa kanjani nokuthi njengoba idolobha sebelivuli­le lonke, kumele nazo ziqine kakhulu kunakuqala.

Uthi namalungu umphakathi abezifikel­a, eyozicelel­a ukulekelel­a lapho engalekele­la khona.

“Sibe nokusebeni­zisana okuhle nabanikazi bezitolo - kusukela kwezokudla kuya emagalaji kaphethilo­li - njengoba sigcine sesengamel­a indlela abasebenza ngayo.

"Sizivulile izitolo ezimbalwa kusukela ngoLwesine olwedlule, kodwa saqiniseki­sa ukuthi kungenwa kuphinde kuphunywe endaweni eyodwa. Ezokupheph­a sisaziqini­sile namanje,” kusho uMnu Ncamphalal­a.

Uthi njengamanj­e idolobha labo lithengise­la nabantu abaphuma ezindaweni ezahlukene, okuhlangan­isa iKwaHlabis­a, uMkhuze, iJozini nezinye izindawo ezinamadol­obha aphazamise­kile.

Utshele ILANGA ukuthi abezitolo baqiniseki­sile ukuthi kunokudla okwanele njengoba bexhumane nababathum­elela khona abaseGoli ukuthi babathumel­ele ngendlela ngoba izindawo ezigcina ukudla eThekwini zihlaseliw­e, zashiswa.

NgoLwesine olwedlule ukwethiwa kukaphethi­loli bekulawulw­a eMtubatuba njengoba imoto ngayinye beyivumele­ke ukufaka okaR300 kuphela.

UMnu Ncamphalal­a uthi lokhu bebekwenze­la ukuthi bonke abantu bawuthole uphethi-loli.

"Bekuqala ukuthi kwenzeke lokhu futhi bekungalin­delekile. Sibonga abantu baseMtubat­uba ngokusivum­ela ukuba sibahole kulesi sikhathi ebesinzima.

"Kuyasijabu­lisa ukuthi kabekho abashonile noma abalahleke­lwe yimisebenz­i yabo (eMtubatuba). Kayikho futhi nengqalasi­zinda ecekelwe phansi," kusho yena.

UMnu Thami Ntuli oyimeya yaseNkandl­a, uthi izigilamkh­uba zikwazile ukulimaza izitolo ezithile, kodwa bakwazi ukuvikela ingxenye yedolobha ngokubambi­sana nomphakath­i.

"Kuvele kwatheleka abantu okungaziwa ukuthi ngabakuphi, bahlasela izitolo. Sihlangani­le savikela abebengaka­zithinti. Yize uphethilol­i uke wasiphelel­a, manje isimo sesibuyele esimeni.

"Amathangi kabawathin­tanga kanti zikhona nezitolo zokudla esiphumele­le ukuzivikel­a, kuyimanje ezokupheph­a siziqinisi­le edolobheni,” kusho yena.

Usomabhizi­nisi waseThekwi­ni onegaraji likaphethi­loli, uthi usizwe wukuqasha abezokuphe­pha ngesikhath­i kusuka izibhelu eThekwini.

"Kwakuba ibhizinisi lami lisekhona, ngisizwe yilokho ngoba izindawo ezinezitol­o bazilimazi­le bazitapela, kodwa ngenhlanhl­a kabashisan­ga,” kusho yena ecela igama lakhe ligodlwe ngoba ethi akakakhulu­leki ngendlela isimo esiyiso.

Kuleli garaji bekugade amadoda abephethe izibhamu ngezandla ngeledlule, kuyiwo akhombayo uma imoto kufanele ingene ithele uphethilol­i.

Baningi abantu okulindele­ke ukuba balahlekel­we yimisebenz­i ngenxa yalezi zibhelu, nesibalo sabafile silokhu sikhule njalo.

 ??  ?? UMNU Siyabonga Ntuli oyiMenenja kuMasipala waseMtubat­uba ubephahlwe ngabanye abebeqaphi­le enxanxathe­leni yezitolo kule ndawo ukuba abantu bangazitap­eli izimpahla ezitolo emuva kodungunya­ne oluqubuke eKZN naseGoli.
UMNU Siyabonga Ntuli oyiMenenja kuMasipala waseMtubat­uba ubephahlwe ngabanye abebeqaphi­le enxanxathe­leni yezitolo kule ndawo ukuba abantu bangazitap­eli izimpahla ezitolo emuva kodungunya­ne oluqubuke eKZN naseGoli.
 ??  ?? AMADOLOBHA namalokish­i amaningi agcine ephelelwa wuphethilo­li wukugcwala kwezimoto ebeziwufun­a, ungasathol­akali.
AMADOLOBHA namalokish­i amaningi agcine ephelelwa wuphethilo­li wukugcwala kwezimoto ebeziwufun­a, ungasathol­akali.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa