BAKHALA EZIMATHONSI ABATHI 'BAQOLWE' NGUMASINGCWABISANE
AKHIHLA isililo amalungu kamasingcwabisane waseHarding, obizwa ngeSmartbold, awusola ngokuthi ubathembisa izulu nomhlaba kodwa uma umuntu eseshonelwe ungakhiphi ngisho indibilishi, yize ebekhokha inyanga nenyanga.
Ngokuthola kweLANGA, amalungu alo masingcwabisane abekhokha u-R201 ngenyanga, besekuthi uma umuntu eseshonelwe akhokhelwe u-R20 000 ukulekelela ngezindleko zomngcwabo.
Iningi elithi ligcine lingakhokheliwe, lithi ngesikhathi lijoyina latshelwa ukuthi imali ikhishwa ezinsukwini ezintathu uma selithumele zonke izimfanela zakhona.
UNkz Nompumelelo Machi (50), othi washonelwa nguninakhulu ngoNhlolanja (February) kodwa namanje akakaze akhokhelwe, uthi wagcina ephoqeleka ukuba acwile ezikweletini ukuze begcine bengcwabile.
"Ngezwa ngalo masigcwabisane ngisemsebenzini. Kwathi uma ngibuza ngawo kubantu, ngabona ukuthi uthembisa into engcono, nganquma ukufaka amalungu omndeni wami kuwona.
"Ngokwesivumelwano, umuntu kumele akhokhe izinyanga eziwu-6 ngaphambi kokuba umasigcwabisane uvuthwe. Zadlula izinyanga eziwu-6 ngaqhubeka ngakhokha kungekho nkinga.
"Kwathi uma kushona ugogo, ngafaka isicelo sokukhokhelwa, umasingcwabisane wathembisa ukuthi imali izongena, kodwa kwangenzeka lokho. Kwaze kwaphoqa ukuba ngiyoboleka inkomo eyayizohlatshwa ngomgcwabo ngoba nginethemba lokuthi uzokhokha, kodwa lutho.
"Kuze kube manje kawukaze ukhokhe, kunalokho uma ngishaya ucingo, ngibanjiswa udonga kuthiwe imali izongena maduze.
"Kumanje abantu bafuna imali yabo kanti nawo umasingcwabisane usaqhubeka nokubamba imali njengoba ngangijoyinise amalungu awu-8 omndeni wami,” kusho yena.
UNkz Sindiwe Gumede, othi washonelwa nguninakhulu ngoNhlaba (May), uthi kuze kube manje uvinjezelwa ngabantu, befuna imali yabo ayiboleka ngenxa yokungakhokhi kwalo masigcwabisane.
“Ngajoyina ngonyaka ophelile, umasigcwabisane waqala wabamba u-R105 izinyanga ezintathu, emuva kwalokho wangitshela ukuthi isiyanyuka iya ku-R201 ngenyanga.
"Ngesikhathi sekushone ugogo, ngabathinta abakulo masingcwabisane, bangitshela ukuthi mangithumele imininingwane yami.
"Ngakwenza lokho. Sahlala salinda, kwathuleka. Uma ngibashayela, balokhu bengithembisa ukuthi imali izongena maduze, kodwa lutho.
"Senginqume ukuya ebhange ngiyobavimba ukuba babambe imali kwi-akhawunti yami ngoba bebesaqhubeka nokuyibamba yize bengasikhokhelile,” kusho yena.
UNkz Nonkuthalo Gumede naye ukhala esifanayo. Uthi washonelwa yisihlobo sakhe ngoNhlaba kodwa namanje akakakhokhelwa.
“Isizathu esenza ukuba ngijoyine lo masingcwwabisane ukuthi kawukhethi ukuthi umuntu uneminyaka emingaki, ngisho osekhulile bayavuma uma ejoyina.
"Kuthe sengishonelwe ngoNhlaba walo nyaka, wathembisa ukuthi uzongikhokhelwa kodwa kuze kube manje akukenzeki lutho,” kusho yena.
UMnu Oscar Ndlovu ongumnikazi walo masingcwabisane, uthe bonke laba abakhononda ngokungakhokhelwa, yingoba baphula isivumelwano abasisayina ngesikhathi beqala ukujoyina.
Uthi abanye babo baya emabhange banqamula izivumelwano zokuba kubanjwe imali, okusho ukuthi nomasingcwabisane usuke ungasasebenzi uma sekunjalo.
"Bonke bachazelwa ukuthi kungani bengazange bakhokhelwe, ngakho kuyadida uma sebeza ephephandabeni ekubeni belazi iqiniso.
"Kabazange bakhokhelwe ngoba bephula isivumelwano," kusho uMnu Ndlovu.
Uveze ukuthi wonke amakilayenti abo athunyelelwa imiqhafazo owazisayo ukuthi uma ekhokhela umuntu omdala ngokweminyaka, imali isizonyuka.
Kwathi uma imali isibanjwa, bayonqamula ukuba ibanjwe nyanga zonke, okube nomthelela wokuthi bangabe besakhokhelwa.