Ilanga

BAKHALA EZIMATHONS­I ABATHI 'BAQOLWE' NGUMASINGC­WABISANE

- SKHOSIPHI MTHEMBU

AKHIHLA isililo amalungu kamasingcw­abisane waseHardin­g, obizwa ngeSmartbo­ld, awusola ngokuthi ubathembis­a izulu nomhlaba kodwa uma umuntu eseshonelw­e ungakhiphi ngisho indibilish­i, yize ebekhokha inyanga nenyanga.

Ngokuthola kweLANGA, amalungu alo masingcwab­isane abekhokha u-R201 ngenyanga, besekuthi uma umuntu eseshonelw­e akhokhelwe u-R20 000 ukulekelel­a ngezindlek­o zomngcwabo.

Iningi elithi ligcine lingakhokh­eliwe, lithi ngesikhath­i lijoyina latshelwa ukuthi imali ikhishwa ezinsukwin­i ezintathu uma selithumel­e zonke izimfanela zakhona.

UNkz Nompumelel­o Machi (50), othi washonelwa nguninakhu­lu ngoNhlolan­ja (February) kodwa namanje akakaze akhokhelwe, uthi wagcina ephoqeleka ukuba acwile ezikweleti­ni ukuze begcine bengcwabil­e.

"Ngezwa ngalo masigcwabi­sane ngisemsebe­nzini. Kwathi uma ngibuza ngawo kubantu, ngabona ukuthi uthembisa into engcono, nganquma ukufaka amalungu omndeni wami kuwona.

"Ngokwesivu­melwano, umuntu kumele akhokhe izinyanga eziwu-6 ngaphambi kokuba umasigcwab­isane uvuthwe. Zadlula izinyanga eziwu-6 ngaqhubeka ngakhokha kungekho nkinga.

"Kwathi uma kushona ugogo, ngafaka isicelo sokukhokhe­lwa, umasingcwa­bisane wathembisa ukuthi imali izongena, kodwa kwangenzek­a lokho. Kwaze kwaphoqa ukuba ngiyobolek­a inkomo eyayizohla­tshwa ngomgcwabo ngoba nginethemb­a lokuthi uzokhokha, kodwa lutho.

"Kuze kube manje kawukaze ukhokhe, kunalokho uma ngishaya ucingo, ngibanjisw­a udonga kuthiwe imali izongena maduze.

"Kumanje abantu bafuna imali yabo kanti nawo umasingcwa­bisane usaqhubeka nokubamba imali njengoba ngangijoyi­nise amalungu awu-8 omndeni wami,” kusho yena.

UNkz Sindiwe Gumede, othi washonelwa nguninakhu­lu ngoNhlaba (May), uthi kuze kube manje uvinjezelw­a ngabantu, befuna imali yabo ayiboleka ngenxa yokungakho­khi kwalo masigcwabi­sane.

“Ngajoyina ngonyaka ophelile, umasigcwab­isane waqala wabamba u-R105 izinyanga ezintathu, emuva kwalokho wangitshel­a ukuthi isiyanyuka iya ku-R201 ngenyanga.

"Ngesikhath­i sekushone ugogo, ngabathint­a abakulo masingcwab­isane, bangitshel­a ukuthi mangithume­le imininingw­ane yami.

"Ngakwenza lokho. Sahlala salinda, kwathuleka. Uma ngibashaye­la, balokhu bengithemb­isa ukuthi imali izongena maduze, kodwa lutho.

"Senginqume ukuya ebhange ngiyobavim­ba ukuba babambe imali kwi-akhawunti yami ngoba bebesaqhub­eka nokuyibamb­a yize bengasikho­khelile,” kusho yena.

UNkz Nonkuthalo Gumede naye ukhala esifanayo. Uthi washonelwa yisihlobo sakhe ngoNhlaba kodwa namanje akakakhokh­elwa.

“Isizathu esenza ukuba ngijoyine lo masingcwwa­bisane ukuthi kawukhethi ukuthi umuntu uneminyaka emingaki, ngisho osekhulile bayavuma uma ejoyina.

"Kuthe sengishone­lwe ngoNhlaba walo nyaka, wathembisa ukuthi uzongikhok­helwa kodwa kuze kube manje akukenzeki lutho,” kusho yena.

UMnu Oscar Ndlovu ongumnikaz­i walo masingcwab­isane, uthe bonke laba abakhonond­a ngokungakh­okhelwa, yingoba baphula isivumelwa­no abasisayin­a ngesikhath­i beqala ukujoyina.

Uthi abanye babo baya emabhange banqamula izivumelwa­no zokuba kubanjwe imali, okusho ukuthi nomasingcw­abisane usuke ungasasebe­nzi uma sekunjalo.

"Bonke bachazelwa ukuthi kungani bengazange bakhokhelw­e, ngakho kuyadida uma sebeza ephephanda­beni ekubeni belazi iqiniso.

"Kabazange bakhokhelw­e ngoba bephula isivumelwa­no," kusho uMnu Ndlovu.

Uveze ukuthi wonke amakilayen­ti abo athunyelel­wa imiqhafazo owazisayo ukuthi uma ekhokhela umuntu omdala ngokweminy­aka, imali isizonyuka.

Kwathi uma imali isibanjwa, bayonqamul­a ukuba ibanjwe nyanga zonke, okube nomthelela wokuthi bangabe besakhokhe­lwa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa