Ilanga

UCELA USIZO ONENKINGA YOKWEBUZA EMZIMBENI

- PHUMLANI GAMA

UCELA umSamariya onesihawu ongamsiza owesilisa wasoSuthu, KwaNongoma, onenkinga yokwebuza kwesikhumb­a asephile nayo iminyaka ewu-9, wahamba cishe zonke izibhedlel­a zaKwaZuluN­atal, kodwa lutho ukuthola usizo lokwelaphe­ka.

UMnu Melusi Khumalo (29), uthi usehambe kwaze kwaguga isicathulo, ezama ukuthola usizo kodokotela basentshon­alanga, ezibhedlel­a nakubelaph­i besintu kodwa lutho.

Uthi le nkinga yamqala ngo2012, kungathi wumbandama, kodwa okwamthusa wukuthi ikhanda lakhe lavele lashintsha umbala laba pink.

“Le nkinga yangiqala ngihlala eThekwini, emuva kokuba ngithole itoho eSt Augustine's Netcare Hospital, lapho ngangenza izivivinyo (practicals) njengoba ngangisand­a kuqedela ukufundela umsebenzi wokuba yi-paramedic.

"Ngiyafisa ukuthola usizo ngoba ngihlukume­zeke kakhulu empilweni nasemoyeni.

"Ngike ngaya esibhedlel­a saseVryhei­d, bangiyalel­a ukuba ngiye kudokotela wesikhumba eNewcastle owangisiza, kodwa emuva kwezinyang­a ezimbili kwaphinde kwaqala phansi.

"Kabuchazek­i ubuhlungu engibuzwa nsuku zonke.

"Kuyaye kube sengathi ngingahlal­a ndawonye endlini, ngoba le nto kayizwani nokuthi ngishiswe yilanga, ngizwele ukubanda futhi ngijuluke,” kusho yena.

Uthi uke wazama ukucela usizo kubantu kuFacebook, kodwa abaningi bahlekisa ngaye, bethi unengculaz­a.

“Sengike ngacabanga ngisho ukuzibulal­a, kodwa ngabuye ngasihoxis­a lesi sinqumo.

"Enye inkinga enginayo wukuthi ezibhedlel­a bavele banginike amashubhu amathathu okugcoba isikhumba esikhundle­ni sawu-10.

"Zimbalwa izibhedlel­a engingakaz­e ngizihambe­le KwaZuluNat­al.

"Ngike ngazama ukuya nakubantu ababonayo, bavele bakuchaze ukuthi kwangena kanjani, emuva kwalokho bangitshel­e ukuthi bangangela­pha ngenkomo ehamba ngamasondo - okuchaza ukuthi uma kuyimali, yizinkulun­gwane lezo.

"Bayasho nokusho ukuthi akukho okuyongilu­ngela uma ngisabheke­ne nale nkinga.

"Impilo yami ibuhlungu kakhulu, ngikhuluma nje kumanje ngiyazifih­la ngisho nalapha ekhaya, kabazi ukuthi sekukulesi sigaba.

"Okudala ukuthi ngibafihle­le wukuthi bahlukumez­eka kakhulu uma bengibona.

"Kangisagez­i ngisho phambi kwabantu ngoba kukhona okwathi engibona ngiqimbile, wakhala kakhulu kwaze kwaba buhlungu nakimi. Ngicela usizo,” kusho uMnu Khumalo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa