UCELA USIZO ONENKINGA YOKWEBUZA EMZIMBENI
UCELA umSamariya onesihawu ongamsiza owesilisa wasoSuthu, KwaNongoma, onenkinga yokwebuza kwesikhumba asephile nayo iminyaka ewu-9, wahamba cishe zonke izibhedlela zaKwaZuluNatal, kodwa lutho ukuthola usizo lokwelapheka.
UMnu Melusi Khumalo (29), uthi usehambe kwaze kwaguga isicathulo, ezama ukuthola usizo kodokotela basentshonalanga, ezibhedlela nakubelaphi besintu kodwa lutho.
Uthi le nkinga yamqala ngo2012, kungathi wumbandama, kodwa okwamthusa wukuthi ikhanda lakhe lavele lashintsha umbala laba pink.
“Le nkinga yangiqala ngihlala eThekwini, emuva kokuba ngithole itoho eSt Augustine's Netcare Hospital, lapho ngangenza izivivinyo (practicals) njengoba ngangisanda kuqedela ukufundela umsebenzi wokuba yi-paramedic.
"Ngiyafisa ukuthola usizo ngoba ngihlukumezeke kakhulu empilweni nasemoyeni.
"Ngike ngaya esibhedlela saseVryheid, bangiyalela ukuba ngiye kudokotela wesikhumba eNewcastle owangisiza, kodwa emuva kwezinyanga ezimbili kwaphinde kwaqala phansi.
"Kabuchazeki ubuhlungu engibuzwa nsuku zonke.
"Kuyaye kube sengathi ngingahlala ndawonye endlini, ngoba le nto kayizwani nokuthi ngishiswe yilanga, ngizwele ukubanda futhi ngijuluke,” kusho yena.
Uthi uke wazama ukucela usizo kubantu kuFacebook, kodwa abaningi bahlekisa ngaye, bethi unengculaza.
“Sengike ngacabanga ngisho ukuzibulala, kodwa ngabuye ngasihoxisa lesi sinqumo.
"Enye inkinga enginayo wukuthi ezibhedlela bavele banginike amashubhu amathathu okugcoba isikhumba esikhundleni sawu-10.
"Zimbalwa izibhedlela engingakaze ngizihambele KwaZuluNatal.
"Ngike ngazama ukuya nakubantu ababonayo, bavele bakuchaze ukuthi kwangena kanjani, emuva kwalokho bangitshele ukuthi bangangelapha ngenkomo ehamba ngamasondo - okuchaza ukuthi uma kuyimali, yizinkulungwane lezo.
"Bayasho nokusho ukuthi akukho okuyongilungela uma ngisabhekene nale nkinga.
"Impilo yami ibuhlungu kakhulu, ngikhuluma nje kumanje ngiyazifihla ngisho nalapha ekhaya, kabazi ukuthi sekukulesi sigaba.
"Okudala ukuthi ngibafihlele wukuthi bahlukumezeka kakhulu uma bengibona.
"Kangisagezi ngisho phambi kwabantu ngoba kukhona okwathi engibona ngiqimbile, wakhala kakhulu kwaze kwaba buhlungu nakimi. Ngicela usizo,” kusho uMnu Khumalo.