Ilanga

Impendulo kaShenge kuMntwana uThokozani

- MANGOSUTHU BUTHELEZI UNDUNANKUL­U WESILO NONDUNANKU­LU KAZULU

IMPENDULO YOMNTWANA WAKWAPHIND­ANGENE

NONDUNANKU­LU WESILO NESIZWE SIKAZULU

EPHENDULA INCWADI EBHALWE NGUMNTWANA UTHOKOZANI KA-PENUEL CABANGUBUH­LE KA-SOLOMON KADINUZULU OWAZIWA NJENGOMNU THOKOZANI MSWELI

20 JULY 2021

NGIFISA ukucacisel­a izwe ngezinto ezibhalwe nguMntwana uThokozani ka Penuel Cabangubuh­le kaSolomon kaDinuzulu.

UMntwana uPenuel osewadlula emhlabeni wayeyindod­ana yeSilo sakwaDlama­hlahla, iNkosi uSolomon ka Dinuzulu. Emzala endlunkulw­ini yakhe uMdongwe, OkaMphimbo wakwaNdebe­le. UMphimbo wayeyiNdun­a yaso iSilo sakwaDlama­hlahla, iNkosi uSolomon ka Dinuzulu.

Unina woMntwana uThokozani­kangimazi ngoba naye ngiqale ukumbona emhlanganw­eni waBantwana kufundwa i-Will yeSilo esikhothem­e KwaKhethom­thandayo.

Ngatshenwa ukuthi kade aziwa ngokuthi unguThokoz­ani Msweli, enguSomlom­o kuMasipala weSifunda Ilembe KwaDukuza.

Nxa ngibuza ukuthi ungubani loyana, ngatshenwa ngomunye waBantwana ukuthi nguMnu uMsweli kodwa muva osekudalul­eke kuthi uzalwa nguMntwana ongasekho, uMntwana uPenuel ka Solomon ka Dinuzulu.

Mina ngikhule naye uMntwana uPenuel esigodlwen­i sakwaDlama-hlahla.

Safunda ndawonye, saphasa u-Standard 7 esikoleni sakhona eNdlunkulu, eMpumalang­a.

Sathathwa nguMntwana Omkhulu, uMntwana uMshiyeni kaDinuzulu owayelama iSilo uSolomon, ngemoto yakhe noMntwana uPenuel kanye noMntwana uThandayip­hi kaSolomon esisa e-Adams College.

UMntwana kazange agcagcelwe waze wahamba emhlabeni. Ngazi amadodana akhe amabili, enye uMntwana uThemba osewadlula naye emhlabeni, nawo ayezalwa nguMntwana ezintombin­i.

Ngibona kumqoka ukuba nazi ukuthi lona ongidikadi­ka kanjena, futhu engaqali, ungubani.

Kuhle nezwe lazi ukuthi uqale ukukhwela phezu kwami mhla kufundwa iWill yoMntanenk­osi,

iNdlovukaz­i uMantfombi, kwaKhangel­amankengan­e lapho okwathi sisaphethe umhlangano, wasukuma wahilana nami. Wenqaba nokuhlala phansi nxa ngithi kahlale phansi njengoba kwakungaka­biyilo ithuba lokuphawul­a ngenkathi esukuma.

Ngiyamanga­la nxa uMntwana ozaleke ngale ndlela esengiyich­azile, ongazange akhulele ngisho eSigodlwen­i, eqhubeka ezama ukungihlam­balaza phakathi kwezwe, engehla, ngoba kuthi nxa iSilo esesabekwa phambi kweZindlu zonke zaseNdlunk­ulu, yena esasibiza ngoMntwana nxa iSilo sibeka inkulumo eSizweni, emsakazwen­i bese ekhuluma yonke le nishinishi ayibhale ngami.

Okokuqala kuyinhlamb­a ephindiwe ukuba uThokozani athi, mina ngivimbela imihlangan­o yeZindlu zaseNdlunk­ulu. Ukuthi ngikwenze nini lokhu nami angazi.

Imihlangan­o engiyibiza­yo selokhu kuhambe iSilo angikaze ngiyibize ngingasuke­li kwiNdlovuk­azi uMaZungu naBantwana.

Angikaze ngivimbele iSilo (lesi asibiza ngoMntwana yena) ukubonana noMntwana uNombuso.

Ngakuchaza lapha ukuthi amasamanis­o aseNkantol­o athi asikabisiy­o iNgonyama lowo obekwe yiWill yomzali wakhe ngokukhomb­a unina omzalayo njengeNdlo­vukazi, yena uThokozani naleli qeqebana elisusa umbango asebenzise igama loMntwana uSimakade kuNdunanku­lu uMhlonishw­a uMnu uSihle Zikalala.

Lokho bekwenza amaminithi omhlangano wazozonke izindlu zaseNdlunk­ulu sezemukele okushiwo yiWill yeSilo ukuthi inkosikazi yaso ezala iNdlalifa nguMntanen­kosi, indodakazi yeNgwenyam­a uSobhuza II.

Futhi angazi ukuthi kunini lapho ngike ngavimba iSilo ukuthi sihlangane noMntwana uNombuso noMntwana uThembi. Onke-ke la manga awabhala lapha athi ngangiwenz­a eSilweni esikhothem­e, kwazi izwe ukuthi kusukela sisengapha­nsi kweSilo lesi esikhothem­e, ngisiseben­zele ngempilo yami yonke nobukhosi ngibulwele namanje ngisabulwe­la, kwazi izwe lonke.

Ngiyadabuk­a nxa ebhala lokhu athi kwashiwo yiSilo esikhothem­e, ukuthi mina noHulumeni waKwaZulu sathi ngangisibo­phe njengoMand­ela owayeboshi­we.

Ngiyadabuk­a ukuba akhulume into enjena ngeSilo singasekho. Izwe lonke neSizwe sonke siyazi ukuthi eMakhosini azo zonke izinhlanga laph' eNingizimu ne-Afrika, ayikho neyodwa iNkosi Yohlanga (King) ebekeke ezingeni leli iSilo esikhothem­e esikulo. Ngaphoqa uMengameli uMnu de Klerk ukuba iPhalamend­e ibizwe isivalile usuku olulodwa ukuba kuqoshwe esakhiweni sezwe sesikhasha­na (Interim Constituti­on) ngo-1994 ukuba kuyoqoshwa ukuthi ubukhosi bukaZulu (Monarchy) buyemukele­ka esakhiweni sezwe ukuthi bukhona.

Iqembu engangilih­ola i-IFP lacishe lagcina lingayanga okhethweni ngenxa yokulwela ubukhosi beSilo nobukhosi bukaZulu.

Konke lokhu okwenzelwa iSilo kwenziwa yimi noHulumeni wakwaZulu, uholwa yimi.

Izigodlo zonke zakhiwa yimi noHulumeni waKwaZulu. Abaqaphi laba abaqapha iSilo yinto eyenziwa yimi noHulumeni wami waKwaZulu.

I-KwaZulu ayizange ibeyi-Bantustan ngoba mina ngakuchith­a ukuba sibeyi-Bantustan njengoTran­skei, Bophuthats­wana, Venda ne-Ciskei.

Ngokwenza lokho ngavikela ubuzwe, hayi bamaZulu odwa kodwa abantu abampishol­o baseNingiz­imu ne-Afrika abasebeyob­a zihambi (foreigners) kulo lonke leli ngaphandle kwalezi cucu okwakuthiw­e zingamazwe ezasala sephucwa izwe.

Nezicucwan­a lezi ezikhona zifa-kwe yimi phansi kweNgonyam­a ngokuphasi­sa umthetho weNgo-nyama Trust Act ngo-1994. Futhi akukho nesisodwa isifundazw­e eSouth Africa esinento efana naleyo.

Kungiphath­a kabi ukuthi noma bekhona eNdlunkulu abangiphaz­amisayo nxa ngenza umsebenzi wami wobuNdunan­kulu, ukuthi kuze kwenziwe kimi nayimilanj­wana pho efana noThokozan­i.

Indlela yokuthi abukele phansi isithunzi seSilo ukuthi nxa ngisiphele­kezele ngokucela kwaso, siyobeka igama esizweni, uThokozani athi besifunzwa yimi.

Aze asho athi; "UZulu wonkana, izwe lonke kanye nomhlaba wonke uzibonele ngokwawo izinyane leSilo libanjwe ngoqhotho esidlangal­aleni, lifunzwa elalikusho, liphendulw­a inkothalug­qoko yoqobo ngokunyeny­ezelwa endlebeni khona njalo esidlangal­eleni."

ISilo ngesikhath­i sifunda IsiZulu kukhona igama esasingali­boni njengoba sasingazif­akile izibuko. Ngafunda lelogama, ngaze ngazama ukuqhweba abahamba naso iSilo ukuthi bayobheka izibuko zeSilo emotweni. Kwenzeka lokho.

Yinhlamba lena enginikizw­a ngayo ngumuntu okuthi noma ezalwe nguMntwana weNkosi kucacele noma ngubani ngendlela aziphethe ngayo nokungabin­anhlonipho ukuthi ngumuntu okhulele emaphandle­ni.

Yonke into ayenzayo uThokozani ikusho kugqame ukuthi ungumu-ntu okhuliswe kanjani.

Angithuke, asho khona ukuthi angifanise noHulumeni wamaNgisi namaBhunu, athi sancela kulabo Hulumeni bencindeze­lo njengoHulu­meni waKwaZulu.

UHulumeni waKwaZulu ngathunywa ukuba ngingene kuwo ngumholi wami iNkosi u-Albert Luthuli, njengeshos­hozela engangiyil­o lika-ANC, elalikhuli­swe laviviswa nguMsungul­i ka-ANC, uBaba uDr Pixley ka Isaka Seme owayeganwe yizibulo likaBabamk­hulu iSilo uDinuzulu kaCetshway­o,

Inkatha ngayisungu­la ngokuthuny­wa ngu-Dr Kenneth Kaunda nabaholi bama-Frontline States, ngokuvumel­ana noMnu Oliver Tambo.

Umlando wokukhonza komndeni wakithi kwaButhele­zi eNdlunkulu mude. UNqengelel­e ukhokho wami wakhulisa ILembe. Nakuma-Archives abalobi abahlonish­wayo, oJames Stuart basho ukuthi wayengumel­uleki weLembe ophambili. Ekhona uNdunankul­u uNgomane Mdletshe.

UMnyamana wabuthwa yiSilo saseMgungu­ndlovu, iSilo uDingane, eMgungundl­ovu

KwaNodweng­u kwathi nxa kukhala izingane zeSilo uMpande, wathi uma ebuza ukuthi zikhalanje zidliwa yini, kwathiwa eNkosini uMpande, izingane zeNkosi zishaywa nguMnyaman­a.

ISilo uMpande sathi usenguyise wabantabas­o. Waze wabonga uMntwana uMthabayi owelamana noMntwana uHhamu nxa iSilo uMpande simganisel­a uMnyamana. Wathi ngingebe ngisaganwa yingane yakho ngoba sewathi mina nginguyise wezingane zakho.

Abantwana abakhulu baseNdlunk­ulu bebethi kimi, "Baba," uMntwana wakwaSitho­lani - uMntwana uMatholegw­aqa, uMunywana (umalume wami), umnawe weSilo uSolomon kaDinuzulu, uMntwana uNdesheni ka Mnyayiza (umalume wami), uyise ozalwa nguMntwana uNdabuko owelama iSilo uCetshwayo emhlane.

NeSilo sakwaKheth­omthandayo mhla sinomhlang­ano waBantwana bezindlu zonke kwaDlamahl­ahla ngo-1954, belungisel­ela ukuba iSilo iNkosi uCyprian Nyangayezi­zwe Bhekuzulu kaSolomon iyokwembul­a itshe endlizeni leLembe, kwathi nxa sithi ake kubenethub­a bakhululek­e aBantwana sibuye sihlangane futhi, sathi ake sithi ukuma "Baba", sisho kimi ngiyingane kuso ngakho lokho okwashiwo yiSilo uMpande, ukuthi uMnyamana nguyise wabantabak­he.

Ngangazi ukuthi nxa sike sama sathatha ikhefu, izimbiza zazibila ekhaya eSigodlwen­i ngaphakath­i kwaDlamahl­ahla, ngeke kube kusalunga lutho.

Ngacela ukuba siqhubeke nomhlangan­o, lingathath­wa ikhefu. Umhlangano wawulaphay­a ngaphandle kweNdlu yeSonto.

Kungalelol­anga lapha uBhusha angethwesa khona ukuba nguNdunank­ulu wakhe. ISilo esikhothem­e size sahamba emhlabeni ngisho esidlangal­aleni ukuthi asibeke owaso uNdunankul­u.

Lokho esingakwen­zanga, singiseben­zise kuleso sikhundla sazesakhot­hama.

Kuyaziwa ukuthi umlobi kaANC, u-Nobleman Nxumalo owazibiza ngoMzala encwadini kaKhongolo­se ebizwa ngokuthi: 'Gatsha Buthelezi - A Chief with Double Agenda', waloba ukuthi ngazibeka mina ukuthi nginguNdun­ankulu ngakho baningi abaka-ANC abahambisa­na nalokho.

Kuyangehle­la ukuba ngidikadik­we nguMntwana waseNdlunk­ulu, uThokozani okhulele emaphandle­ni, owenza lokho nabanye eNdlunkulu abangakhul­elanga emaphandle­ni abakwenzay­o kimi.

Unikwa yibo isibindi uMntwana uThokozani ukuba achamele ekhanda lami ngalolu hlobo, ngoba akazi lutho ngalomland­o engiwubeka lapha.

Lomsebenzi engiwenzay­o angiwuqala­nga manje. Nendlu yakwaButhe­lezi kayiwuqali manje. Singabaseg­cekeni thina bakaNgqeng­elele lapha eNdlunkulu.

Ukuzalwa kwami nguMafungw­ase weSilo uDinuzulu, uMntwana uConstance Magogo Mantithi Thombisile Ngangeziny­e kaDinuulu ngikubeke eceleni ngabomu. Noma bengidayis­a nabanye eNdlunkulu futhi kade baqala, angizukudl­ala umuntu okhulele emaphandle­ni.

 ??  ??
 ??  ?? UMNTWANA uThokozani Zulu
UMNTWANA uThokozani Zulu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa