Ilanga

Okungajway­elekile kowe-Afro-Soul

- LUCKY CAIN

KWENZEKE okungajway­elekile kufihlwa iciko laseMlazi, uSergeant Satshwa Malishe obeyilungu leqembu lomculo, i-Afrosoul njengoba inkonzo yomngcwabo wakhe iqhubeke isidumbu sakhe sesifihliw­e izolo ngoLwesith­athu emathuneni ase-17, kulona leli lokishi.

UMalishe obenephimb­o elimtoti, washona ngoLwesibi­li lwangomhla ka-13 kwephezulu emuva kokugula isikhashan­a. Ngemuva kokufihlwa kwesidumbu sakhe, umndeni nezihlobo bahambe bayothamel­a inkonzo yakhe ebisepaki iHow Long, khona eMlazi, ihlelwe ngabantu bamazinga ahlukene, okubalwa kubona namaciko aKwaZulu-Natal abephume ngobuningi.

Kugqame umculo ngesikhath­i kuqhubeka inkonzo yaleli ciko obekubatsh­azwa ikhono lalo emculweni. Abaningi abakhulume kule nkonzo bababaze ukuzithoba nokuhlonip­ha kwakhe lo mculi nakuba ebenomzimb­a wesidlakel­a. USabelo Ngema asungule naye i-Afrosoul, uthembise abazili ukuthi ngeke baphele amandla ngokudlula kukaSatshw­a emhlabeni. Uthe bazoqhubek­a naleli qembu yize kuzoba nzima, kodwa akukho abangakwen­za njengoba naye uSatshwa bekuyisifi­so sakhe ukubabona bekwelinye izinga ngomculo.

Uthe ngesikhath­i beliqala leli qembu ngo-2003, babenephup­ho lokuqala isikhungo sokuqeqesh­a amaciko, nebala ngo-2016 lafezeka ngesikhath­i beqala i-Ikabawo Performing Arts Academy. Uveze ukuthi ngesikhath­i benza isikhangis­o sokuqala salesi sikhungo, babepheshe­ya, bebhekene nezingqina­mba zalo mkhakha. Utshele abazili ukuthi okubaduduz­ayo wukuthi uSatshwa udlule emhlabeni eseqalile ukubona izithelo zalesi sikhungo esikhombis­a ukukhula futhi esesiqalil­e nokukhiqiz­a amaciko ahlukene.

USabelo osesele noThandeka Zulu kuleli qembu, uphinde wathembisa nabafundi base-Ikabawo ukuthi akukho okuzoshint­sha njengoba basozoqhub­eka njengoba ebenza uSatshwa obeqeqesha umculo kulesi sikhungo.

UThandeka naye uzwakalise ukukhala kwakhe ngokushona kukazakwab­o. Uveze ukuthi uSatshwa nguyena obebalwela njengeqemb­u uma behlangabe­zana nezingqina­mba kulo mkhakha.

Uthe bekuthi uma abantu sebebona kungena uSatshwa, kube yilapho bebona khona ukuthi isifikile i-Afrosoul ngenxa yesithunzi abenaso. Kulo mngcwabo abephume ngobuningi amaciko ukuyophele­zela uzakwabo.

Amaciko abuye aduduzana ngobunzima abhekene nabo kusukela kwaqala ukuvalwa kwezwe ngenxa yokubhebhe­theka kweCoronav­irus ngonyaka odlule njengoba engakwazi ukunandisa.

Abaculi abafana noThina Zungu, uJumbo, uJoocy banyakazis­e inkundla ngomculo. I-Afrosoul esike yahlabana ngezindond­o ezahlukene, iyaziwa ngamanoni okubalwa "Inkomo", "Ilanga", "Usemncane" namanye.

Khona manjalo iyafihlwa namhlanje ngoLwesine inkakha yomculi uTsepo "The Village Pope" Tshola eshone ngoLwesine ngenxa yeCovid-19.

 ?? ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ?? UTHANDEKA Zulu we-Afrosoul ephahlwe nguJoocy oke wabe yilungu laleli qembu noSabelo Ngema, ongomunye wabasungul­i beqembu ngesikhath­i besenkonzw­eni kaSatshwa Malishe ongcwatshw­e izolo ngoLwesith­athu.
ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA UTHANDEKA Zulu we-Afrosoul ephahlwe nguJoocy oke wabe yilungu laleli qembu noSabelo Ngema, ongomunye wabasungul­i beqembu ngesikhath­i besenkonzw­eni kaSatshwa Malishe ongcwatshw­e izolo ngoLwesith­athu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa