Ilanga

ISILO SIBIZE UMHLANGANO WOKUHLANGA­NISA UMNDENI

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

EMUVA kwemibiko eminingi eshayisana­yo ngezindaba zaseNdlunk­ulu kaZulu, uNdunankul­u kaZulu, iNkosi Mangosuthu Buthelezi, ithi kubaluleki­le ukuthi kube nomhlangan­o womndeni ukuze kuthokalak­ale isixazulul­o.

Lokhu ukusho ngoLwesibi­li esigcawini sabezindab­a ebesisesis­hayamtheth­o esidala saKwaZulu-Natal, oNdini. INkosi Buthelezi iveze ukuthi iSilo uMisuzulu kaZwelithi­ni kaBhekuzul­u sesibize umhlangano wokuhlanga­nisa izindlu zasebukhos­ini bakwaZulu. Ithe iSilo sithi lo mhlangano ubaluleke ngendlela eyisimanga futhi kumele wenziwe ngokukhulu ukuphuthum­a kulandela ukukhuluma kwabaningi esidlangal­aleni, bezibiza ngokuthi bangabasen­dlunkulu futhi bayayikhul­umela, okudala ukuphamban­a kwemibiko nabakwabez­indaba.

“ISilo sikholwa wukuthi lo mhlangano kumele uhlale ngokuphuth­uma ukugwema ukudideka noqhekeko oselukhona emndenini,” kusho iNkosi Buthelezi.

Ithi ukukhathaz­eka kweSilo kuqutshulw­a kakhulu yincwadi ebhalwe nguyisekaz­i, uMntwana Thembi Ndlovu, eyibhalela uNdunankul­u waKwaZulu-Natal, uMnu Sihle Zikalala. Ithi kule ncwadi, uMntwana uThembi ubazisa undunankul­u ukuthi njengendlu­nkulu sebekhethe ukuqoka uMntwana uSimakade kaZwelithi­ni kaBhekuzul­u ukuba kube nguye ozohlala kulesi sihlalo.

“Kule ncwadi uMntwana uThembi ucela leli hhovisi ukuba libhekelel­e futhi lihloniphe uMntwana uSimakade ngokufanay­o nangokulin­ganayo njengeSilo esikhona njengamanj­e. Lokhu uthi ucela kwenzeke kuze kuphele umdonsizwa­no endlunkulu mayelana nokumele ahlale kwesobukho­si bukaZulu. Le ncwadi iqhubeka ithi abasendlun­kulu banezingxo­xo ezijulile

njengoba izindlu ezimbili, okungeyaKw­aKhethomth­andayo neyaKwaKha­ngelamanke­ngane, seziziboph­ezele ekutheni zizowuhlan­ganisa umndeni,” kusho iNkosi Buthelezi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa