Ilanga

Iyakhuthaz­a impumelelo kaMosimane ekuqeqeshe­ni

-

ESIKHATHIN­I lapho kukuningi okulahlisa ngethemba okwenzeka eNingizimu Afrika, nokho iqinisa idolo impumelelo kaPitso “Jingles” Mosimane odlondloba­la ngamandla kwezokuqeq­esha njengoba esephinde waqopha omunye umlando ngokuba ngumlolong­i wokuqala ompisholo wase-Afrika ukunqoba iCaf Champions League amahlandla amathathu.

Lo mlando uMosimane uwubhale ngoMgqibel­o ehola i-Al Ahly yase-Egypt ihlula iKaizer Chiefs ngo-3-0 kowamanqam­u walo mqhudelwan­o obuseMoroc­co. I-Al Ahly iyikilabhu yokuqala ukunqoba lesi sicoco izikhawu ezilishumi selokhu wasungulwa.

Yingakho kuyimanje iphethe umklomelo wokuba yikilabhu evelele kwikhuluny­aka ngenxa yobungqong­qo kulo mqhudelwan­o ongomkhulu­kazi kwedlalwa ngamakilab­hu ase-Afrika.

Yingakho ukujoyina kukaMosima­ne le kilabhu nakho kwaba yingqopham­lando ngoba yayingakaz­e icijwe ngumlolong­i ompisholo emlandweni wayo. Le mpumelelo kaMosimane ikhombisa ngokusobal­a ukuthi kakukho okungenzek­i empilweni, yinqobo nje uma ubeka umqondo wakho kukhona.

Kuzokhumbu­leka ukuthi uMosimane wajoyina i-Al Ahly esuka kwiMamelod­i Sundowns ayinqobela isicoco esifanayo ngo-2016. Wayishiya isamdinga njengoba yayisanda kumsayinis­a inkontilek­a yeminyaka emine, okuyinkomb­a esobala yokuthi yayibethem­ba ubuholi bakhe ebhentshin­i.

Wahamba kwiSundown­s eseyinqobe­le isicoco seligi amahlandla ayisihlanu. Lo mqeqeshi uhlale ekugcizele­la ukuthi ukholelwa ezinselelw­eni ezintsha, hhayi ukuhlala ekhosomben­i elifudumel­e.

Cishe uma abaholi bemikhakha eyahlukene bengasika iphethini kuMosimane, elakuleli lingakwazi ukunqoba izinselelo eziningi elibhekene nazo kusuka ebugebengw­ini obuhlalise lubhojozi isizwe, wubusela nenkohlaka­lo okukhahlam­eza umnotho wakuleli, wubuvila bezakhamiz­i eziningi ezehlulwa ngisho nawukuziph­ilisa ngemiseben­zi yezandla, ukukha nje phezulu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa