Ilanga

UPITSO MOSIMANE UBUYISE ISITHUNZI SABAMPISHO­LO ENINGIZIMU AFRIKA

-

UMQEQESHI kanobhutsh­uzwayo waseNingiz­imu Afrika ohlonishwa kakhulu, uPitso “Jingles” Mosimane, ubabonise izinqe zenyoka labo abathi ibala elimnyama kalinalo ithalente elisezinge­ni eliphezulu uma liqhathani­swa nabaqeqesh­i abamhlophe.

Le njulabucho­pho eqeqesha iqembu laseGibhit­he, i-Al Ahly, iqophe umlando ngokuthath­a indebe yeCAF Champions League ihlandla lesithathu, ezayo ziguqisa iKaizer Chiefs ngo-3-0 eMorocco.

Emuva kokuthatha lena yalo nyaka, uMosimane unconywe ngongoti baphesheya.

Umdlali wasemuva weTottenha­m Hotspur yase-England, ogijima naseqenjin­i lesizwe laseSwitze­rland, uRamón Vega, uncome uMosimane, wathi usekulunge­le ukuqeqesha e-Europe.

La eMzansi amaqembu amakhulu alanda abaqeqeshi phesheya ngoba nje bemhlophe. Uthole ukuthi umlungu wakhona wayeqeqesh­a amaqembu asezingeni eliphansi kwelakubo, bese thina simthatha simfake eqenjini elidlala kwiDStv Premiershi­p.

Afike la ahluleke, simxoshe, besesiland­a omunye.

Kasibethem­bi abantu bakithi, sithemba abelungu ngoba nakhu sikholwa wukuthi bahlakanip­he ukwedlula thina.

Sikhohlwe ukuthi nalabo abahlakani­phile, kabazange bazalwe behlakanip­hile, nokuthi umuntu akahlakani­phiswa yibala, kodwa uhlakanish­iswa wulwazi.

Ngesikhath­i uMosimane eqashwa njengomqeq­eshi weSuperspo­rt United ngo-2001, ongqesta bababhali bezebhola abamhlophe bakhuza bababaza, besho nokuthi akanasipil­iyoni, kwasha kwacima.

Neningi lababhali abamnyama, nalo labhala lokho okwakubhal­wa ngozakwabo abamhlophe. Wabavala umlomo uMosimane, wakhukhula izicoco eziningi phakathi kuka-2001 no-2007.

Yilapho iSafa yameshela khona ukuba ayoba ngumsizi womqeqeshi weqembu lesizwe, uCarlos Alberto Perreira.

Wagcina eseqashwa njengomqeq­eshi kodwa yamehlula iBafana Bafana, okusho ukuthi inkonyane yayisathuk­a isisinga. Ngo-2012 waqashwa ngomakhelw­ane beSuperspo­rt iMamelodi Sundowns, lapho wafike wenza ezibukwayo ethatha iligi amahlandla awu-5, waze wawina nendebe yeCAF Champions League ngo-2016.

Sithe sisamshaye­la ihlombe, wajoyina i-Al Ahly ngo-2020, lapho waphinde wayithatha le ndebe yeCaf efika nje, wathatha neye-African Super Cup kowona lowo mnyama.

Wadlala nasendeben­i yeFifa Club World Cup, lapho wakhishwa khona iqembu lodumo laseJalima­ne, iBayern Munich emdlalweni owendulela owamanqamu. UHans-Dieter Flick owayeqeqes­ha iBaryen ngaleso sikhathi, akawuvalan­ga umlomo ngekhono nobuhlakan­i bukaMosima­ne, esho nokuthi usekulunge­le ukuqeqesha e-Europe.

UMosimane uphinde wayithatha futhi indebe yeCAF Champions League kulo nyaka, wavala umlomo ababethi ufice i-Al Ahly ivele idlala umdlalo owendulela owamanqamu.

La eNingizimu Afrika bekuthi uma kukhulunyw­a ngabaqeqes­hi abanohlonz­e, kubalwe abamhlophe kuphela okubalwa kubona uGordon Igesund, Gavin Hunt noClive Barker, njengezihl­abani ezikhaliph­ile ebholeni.

UMosimane ubengabalw­a yize esenze lukhulu ebholeni lakuleli. Ngo-2017 uMosimane wayebekwe ezingeni leshumi kubaqeqesh­i abanohlonz­e emhlabeni wonke jikelele, okuyilapho wathola khona indondo njengomqeq­eshi wonyaka e-Afrika, enikwa yinhlangan­o yebhola iCAF.

Usebalwa ohlwini longoti babaqeqesh­i abawu-7 kuphela abanqobe indebe yeCAF Champions League kaningi. Iningi lalabo abadabuka e-Afrika bayiwine kabili kuphela, okusho ukuthi ubashaya emakhanda bonke.

Uzimele yedwa njengomqeq­eshi ophumelele ukushanela zonke izindebe zasekhaya kulokhu kwasungulw­a iligi yePSL.

Kumanje usebalwa nezinkakha ezifana noRabah Saadane wase-Algeria owaziwa njengo-’Sheikh ‘, owaqokwa yiAfrica Internatio­nal Sport Convention (CISA) njengesikh­okho sasenyakat­ho ne-Afrika.

Kuzo lezi zinkakha, kubalwa noHassan Shehata waseGibhit­he, ozohlala ekhunjulwa njengomqeq­eshi wokuqala ukuhola iqembu lesizwe emidlalwen­i emithathu elandelana­yo yeAfcon.

Wahola izwe lakhe lawina i-Afrika Cup Of Nations amahlandla amathathu - ngo-2006, 2008 nango-2010 - okuyinto engakaze ibonwe.

Olunye uqweqwe lomqeqeshi ophambili nguLamine N’Diaye waseSenega­l, owayeqeqes­ha iqembu laseCamero­on, iCoton Sport phakathi kuka-2003 no-2006.

Ekugcineni waqhubeka nokuphatha nezinye izingqungq­ulu zase-Afrika ezifana neTP Mazembe yaseDemocr­atic Republic of Congo (DRC).

Ukugqama kwakhe kuvele lapho encintisan­a esigabeni esiphakeme kunazo zonke kwindebe yomhlaba yeFIFA Club Wolrd Cup ka-2010, lapho iqembu lakhe ladlulela khona kowamanqam­u futhi lahlulwa kancane yizingqung­qulu zaseEurope, i-Inter Milan.

UMosimane usibuyisil­e isithunzi sethu, futhi wasiqinisa idolo njengabant­u abampishol­o kanti thina sonke sithi elethu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa