Ilanga

Indaba kamazitape­le ibuyisela elakuleli emuva kwezomnoth­o

- USIKHAKHAN­E, oke wasebenza njengomkhu­lumeli kaNgqongqo­she wezezimali kanye nebhange lezwe, useyiphini lomhleli weConversa­tion Africa. Lokhu akubhala lapha akuyona imibono yomqashi wakhe.

AMADOLOBHA amancane asezindawe­ni zasemakhay­a KwaZulu-Natal, ashayeke kakhulu ngesikhath­i abantu bezitapela impahla ezitolo, bacekela phansi ingqalasiz­inda yezomnotho, ephathelen­e nezohwebo.

Lokhu kuvezwe yinhlangan­o yabalimi KwaZulu-Natal, iKwaZulu-Natal Agricultur­al Union (Kwanalu). Umonakalo odalwe yilolu dlame olukhungat­he neGauteng, kulindelek­e ukuba ubuyisele emuva ukuvuselel­eka komnotho waseNingiz­imu Afrika.

Bese kunamahlum­e abesenika ithemba lokuvusele­leka komnotho emuva kokwehla kwawo nyakenye ngenxa yokubheduk­a kweCoronav­irus, edala iCovid-19.

Umbiko osanda kukhishwa yizisebenz­i ze-Internatio­nal Monetary Fund (IMF), okuyinhlan­gano yomhlaba ebolekisa ngemali kohulumeni bamazwe angamalung­u ayo, uveza ukuthi iminotho yamazwe okuqubuka kuwona izibhelu, ishayeka kakhulu.

Amalungu eKwanalu ngabanikaz­i bemihlaba, abalimi nosomabhiz­inisi abanezimbo­ni ezisebenzi­sa imikhiqizo yezolimo ukwenza izimpahla ezithengis­wayo.

Eminingi imibiko yezindaba ibibheke kakhulu umonakalo emadolobhe­ni amakhulu njengeThek­u neGoli.

Lokhu kukhahlame­zeka kwamadolob­ha amancane, ikakhuluka­zi awasezinda­weni zasemakhay­a, kuzokwandi­sa ubunzima kuwona.

Sekuneminy­aka osomabhizi­nisi bekhala ngokuhlule­ka komasipala kula madolobha ukugcina ingqalasiz­inda isesimeni esifanele, bekhala nangokuthi bayehlulek­a wukumelana nokuhlinze­ka imiphakath­i ngamanzi ahlanzekil­e nogesi.

Lesi yisifo esikhunget­he omasipala emadolobhe­ni amancane kuzwelonke. Sikhuluma nje, inkampani yakwaClove­r isanda kunquma ukufukula imboni yayo ekhiqiza ushizi eseLichten­burg, eNorth West, iyiyise eQueensbur­gh, eThekwini.

AbakwaClov­er bathathe lesi sinqumo ngoba umasipala owengamele iLichtenbu­rg wehlulekil­e ukunika imboni yabo ugesi namanzi ngaso sonke isikhathi.

Ukushayeka kwezomnoth­o kula madolobha asezindawe­ni zasemakhay­a ngeke kugcine ngokulahle­ka kwamathuba emisebenzi, kodwa kuzonciphi­sa imali eqoqwa ngomasipal­a, kubashiye besesimeni abangeke bakwazi ukumelana nezinsiza zomphakath­i.

Umbiko weKwanalu uthi ukuhlola kwayo kukhomba ukuthi lolu dlame lubhidlize ukusebenza komnotho emadolobhe­ni asezindawe­ni zasemakhay­a angaphezul­u kwesigamu KwaZulu-Natal.

Emabhizini­sini awu-15% emadolobhe­ni, kube nomonakalo ophakathi kuka-40% no-80%. Kwamanye futhi awu-15%, umonakalo ubalelwa ku-11% kuya ku-40%.

Ngaphezu kwalokho, amadolobha awu-64%, kawasenakh­o ukudla okuthengis­wayo. Kwawu-32%, kuyashoda ukudla, kodwa hhayi kangako. Awu-4% kuphela amadolobha okubikwa ukuthi anokudla okwanele.

Umphathi weKwanalu uNkz Sany la Marque, uthe ukuvalwa komgwaqo oxhumanisa iGoli neTheku, uN3 - osetshenzi­swa kakhulu ukuthwala imikhiqizo yezolimo engena nephuma KwaZulu-Natal - kube “yisigemege­me esibe nomphumela ongemuhle kubalimi, osozimboni bezolimo, izitolo nawo wonke amabhizini­si axhumene nezolimo”.

Ulinganise ngomkhiqiz­o wobisi athe iKwaZulu-Natal ikhiqiza u-25% yalo lonke olukhiqizw­a eNingizimu Afrika.

“Umthelela wokuvalwa kwezikhung­o lapho kubekwa khona iziqukathi zempahla, ukudla kwemfuyo, umanyolo nokushoda kwamafutha ezimoto, kuwushayil­e umnotho wezolimo kulesi sifundazwe,” kusho uNkz La Marque.

Akuzona ezolimo kuphela ezishayeki­le KwaZulu-Natal, naseGauten­g njengoba nezohwebo, izimboni nezokuthut­hwa kwempahla ziphazamis­ekile.

Okunye, osomabhizi­nsi abancane - ikakhuluka­zi aboMdabu, bahlukumez­eke kakhulu. Lokhu kwandiswe ukuthi iningi labo kalinawo umshwalens­e ozokhokhel­a izindleko zokuvusele­lwa kwamabhizi­nisi.

Phezu kwemishwal­ense ezinawo, izinkampan­i ezinkulu, ziyakwazi ukusebenzi­sa imali yazo ukuvuselel­a amabhizini­si ngesikhath­i zisalinde inkokhelo yomshwalen­se.

Osomabhizi­nisi abancane bazolinda usizo lukahulume­ni, imininingw­ane yalo engakadalu­lwa njengoba izikhulu zikahulume­ni zisahlanga­nisa amakhanda ngenhlobo yosizo uhulumeni ongakwazi ukulunika osomabhizi­nisi.

Ukucutshun­gulwa komthelela wezibhelu emnothweni wamazwe olwenziwe yizisebenz­i ze-IMF, luveza ukuthi ziba nomthelela ongemuhle. Imithelela ingaqhamuk­a ngokunciph­a komkhiqizo wamafemu nezingxeny­e zomnotho ezingakhiq­izi izimpahla - ezifana nezokungce­beleka, amabhange, nezinkampa­ni zemishwale­nse.

Izibhelu zehlisa namandla ezakhamizi okuthenga impahla nezinye izidingo. Zehlisa amathemba ngekusasa zandise ungabazane, ikakhuluka­zi kubatshali­mali nosomabhiz­inisi.

Umthelela uyehluka, kuya ngesisusa sezibhelu. Izikhulu ze-IMF zibika ukuthi izibhelu ezisuswa yisizathu sepolitiki kazibi nomthelela omubi kakhulu.

Lezo umsuka wazo okuyizizat­hu eziphathel­ene nenhlalo yabantu nesimo sezomnotho, ziba nomthelela onciphisa ukukhula komnotho.

Uba mkhulu futhi umthelela uma umsuka wezibhelu uhlanganis­e ezepolitik­i, ezenhlalo yabantu nezomnotho.

Ongoti bezomnotho kuleli sebeqalile ukuxwayisa ngomthelel­a wezibhelu zesonto eledlule ekukhuleni komnotho wakuleli nonyaka.

Amabhizini­si amaningi aseyikhiph­ile imidanti ngomonakal­o odalwe yizibhelu. Nokho umthelela wazo ekukhuleni komnotho uyoze ucace kahle uma iStats SA isikhipha imininingw­ane ngokukhula komnotho wakuleli wezinyanga ezintathu (ukusuka kuNtulikaz­i (July) kuya kuMandulo (September).

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa