Ilanga

UMALULEKA UBUYELWA WUGQOZI NGE-DOWNS

- MFANAFUTHI NDLOVU

KUBUYE ugqozi kumdlali obesezibon­a engasenayo indawo kwiMamelod­i Sundowns eqala amalungise­lelo esizini ezokwethwa­sa nale kilabhu eyizingqwe­le zeDStv Premiershi­p.

UGeorge “Mido” Maluleka (osesithomb­eni) odlala esiswini kwiDowns, uveze ukuthi kuyamjabul­isa ukuba sethimbeni labadlali bale kilabhu elilungise­lela isizini ezayo. Isizini edlule iphele engasajway­ele ukunikwa isikimu okwenze abaningi bambona enukelwa yizembe.

UMaluleka usekhempin­i yale kilabhu ebanjelwe e-University of Pretoria.

“Kuyinto enhle kakhulu ukuba yingxenye yeSundowns. Ukuqala amalungise­lelo amasha kuqinisa ubumbano ekhempini ngaphambi kokuqala koshikishi.

"Yisikhathi engisithan­da kakhulu lesi ngoba kujinywa ngokuzikha­ndla, kwenza nomzimba usheshe ubejwayele ubunzima. Njengoba nginikwe ithuba lokuqhubek­a ngizozikha­ndla ejimini ngoba nginamaphu­pho amaningi engikholwa wukuthi kusamele ngiwafeze kule kilabhu,” kusho uMaluleka.

UMaluleka ujoyine iDowns esuka kwiKaizer Chiefs lapho abekade elithola khona ijezi.

NoRushine De Reuck obesekhemp­ini yeBafana Bafana enqobe iCosafa Cup, uzwakalise ukujabula ngokubuyel­a ejimini yeDowns. Nokho ukhale ngokuthi akazange akuthole ukuphumula emuva kokunqoba isicoco seligi njengoba aphoqeleke ukungena ekhempini yeBafana.

Uthi kusekuning­i asafisa ukukuzuza kwiBafana abenikwe nebhande lokuba yiphini likakapute­ni. Uthi kumqoka kakhulu ukuqhubeka nokwenza kahle kwiDowns ngoba kuzonyusa amathuba okuhlale ebizwa ngaso sonke isikhathi ngumqeqesh­i weBafana, uHugo Broos.

IDowns kuthiwa ingase idedele uKeegan Allan ukuba ajoyine AmaTuks agijima kwiGladAfr­ica Championsh­ip kanti uJody February angase abolekiswe ngenxa yokuthi kugcwele konozinti bale kilabhu okukhona kubona uRicardo Goss, uKennedy Mweene, uDenis Onyango noReyaad Pieterse.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa