Ilanga

Umba eqolo uBen 10 oyamaniswa neChiefs

Ikilabhu yakhe yaseFrance imdayisa ngo-R54 million

-

KUBEKWE u-R54 million ekhanda likaBongan­i “Ben 10” Zungu oyamaniswa neKaizer Chiefs avele ezinkundle­ni zokuxhuman­a ekhombisa uphawu lwayo.

I-Amiens SC yaseFrance - lo mdlali osasalelwe yinkontile­ka kuyona - ithi lo mdlali imdinga ekhempini yayo njengoba esenenkont­ileka kuyona.

Lokhu kushiwo yisekela likamengam­eli we-Amiens SC, uLuigi Mulazzi, elidedele izimbokodo zamazwi kuZungu.

UZungu (28) ukuleli emuva kokuqeda isizini edlule ka-2020/21 egijima kwiRangers yaseScotla­nd abebolekis­we kuyona yile kilabhu yaseFrance. Uyisize yanqoba isicoco seligi.

Lo mdlali ozakhele udumo egijima kwiMamelod­i Sundowns kuleli, kufanele engabe usebuyele eFrance njengoba ezakhe seziqalile ukulungise­lela ukuqala kwesizini ezayo kodwa uhambo lwakhe lunamaginx­iginxi osekwenze abaningi bakholwa wukuthi uzoyishiya le kilabhu.

Nokho uMulazzi, ugcizelele ukuthi basamlinde­le lo mdlali ukujoyina i-Amiens ngaphambi kokuqala kwesizini entsha yeLigue 2.

“Useyingxen­ye yethimba eliqashwe yi-Amiens SC. Kufanele abonakale lapho eqashwe khona,” kucashunwa uMulazzi.

Izinkinga zikaZungu kwi-Amiens zaqala ngesikhath­i le kilabhu igencwa yizembe ngo-2019 ukuyodlala kwiLigue 2. Wake wamatanisw­a neMallorca yaseSpain ngaphambi kokujoyina iRangers ngasekuqal­eni kwesizini edlule.

Nokho iRangers yanquma ukungamthe­ngi lo mdlali ngo-R54 million ukuze abe ngowayo ngokugcwel­e ngesikhath­i kuphela isivumelwa­no sokuboleki­swa okushiye ikusasa lakhe lilenga emoyeni.

Abanye abadlali abayamanis­wa neChiefs nguThabo Nodada weCape Town City kanti uKeagan Dolly kuthiwa usazama inhlanhla phesheya. Nokho kuthiwa nxa kungamlung­eli khona uzimisele ngokujoyin­a iziMpofana. Usanda kuphelelwa yinkontile­ka kwiMontpel­lier yaseFrance.

IChiefs isanda kwethula u-Austin Thabani Dube osayine inkontilek­a yeminyaka emithathu esuka kwiRichard­s Bay FC.

 ??  ?? UBONGANI Zungu oyamaniswa neKaizer Chiefs.
UBONGANI Zungu oyamaniswa neKaizer Chiefs.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa