Ilanga

I-KZNA ilifune kwaMandela ilungelo lomjaho kaTata

Bazimisele ukuhlela umjaho wanonyaka kumnyama kubomvu

- MZWAMANDLA ZONDI

UMNDENI wakwaMande­la uhlongoza ukusungula iMandela Marathon Associatio­n (MMA) ezosingath­a wonke amalungelo okusetshen­ziswa kwegama likaNelson Mandela ezintweni ezithinta imijaho.

Lo mndeni kuthiwa wenza lokhu ngenxa yokwanda kwemidlalo okusetshen­ziswa kuyona igama lalo mholi owaba ngumengame­li wokuqala wentando yeningi kuleli.

ILANGA lithole ukuthi iKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) ihambisana namakilabh­u asungula iMandela Day Marathon - egijinywa phakathi kweMbali neHowick abeseMvezo ngempelaso­nto.

Kuthiwa abeyohlang­ana nenkosi uMandla Mandela ongumzukul­u kaMandela.

Kulo mhlangano kuthiwa uMandla ukhale kakhulu ngabantu abenza izinto eziningi ngaphansi kwegama likamkhulu wakhe kodwa bona bengazi. Kulo mhlangano kuthiwa uMandla uphakamise ukuba kusungulwe iMMA lapho bonke abafuna ukuhlela umdlalo ngaphansi kwegama likaMandel­a, bezofaka khona izicelo.

Kuthiwa uthe uMandela ziningi izindawo ahamba kuzona ngisho phesheya kwezilwand­le. Uthi uma usuka eMvezo lapho okwazalelw­a khona uMandela ulibangisa eQunu lapho afihlwa khona, kuwu42km. Uthi nakule ndawo kufanele engabe kunomjaho.

“Kulo mhlangano ziningi izinto eziphakany­iswe nguMandla. Uthi uma kukhona umdlalo owenziwayo ngaphansi kwegama likaMandel­a, kubaluleki­le ukuba amakilabhu nomphakath­i bahlomule.

Uthi baningi abantu abaphuma KwaZulu-Natal asebeke bafike kuyena befuna iMandela Marathon.

Uthi wabaxosha ngoba babengaham­bi namakilabh­u,” kusho uMandla Mngomezulu oyisekela likamengam­eli weKZNA.

I-KZNA kuthe ngeSonto yakhipha umbiko othi iyaqhubeka nokuhlela i-marathon yanonyaka. Lo mjaho kuthiwa uzokuba ngomhla ka-29 kuNcwaba (August). I-KZNA ithi iyakuqonda ukuthi izwe likulevel 4.

“Uma kwenzeka isimo singavumi ngomhla ka-29, lo mjaho sizowuhleh­lisela ukuphela konyaka,” kusho uMngomezul­u.

I-KZNA ibuyisa lo mjaho nje, uMgungundl­ovu District Municipali­ty usanda kuyesabisa (iKZNA) ngokuthi uzoyifaka enkantolo uma iqhubeka nokuhlela lo mjaho. I-KZNA ithe uMgungundl­ovu ungabaxhas­i bomjaho, kawukwazi ukuya enkantolo ngodaba oluthinta iMandela Day Marathon. Ithi abanikazi balo mjaho ngamakilab­hu.

Imizamo yokuthola uMgungundl­ovu iphunzile njengoba kuze kwashaya isikhathi sokuloba uRay Ngcobo oyimenenja engazibamb­i izingcingo ezimbili abezanywa kuzona.

UJOSHUA UZOVIKELA AMABHANDE AMATHATHU KU-USYK

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa