Ilanga

UDALULA OKWENZE WASHIYA ISIKHUNDLA KWI-KZNA

- MZWAMANDLA ZONDI

UVEZA okumenze washiya isikhundla sokuba ngusihlalo wabagijimi kwiKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) uMartin Ngwenya, ophinde aqhoqhobal­e isikhundla sokuba yimenenja yeMaxed Elite.

UNgwenya waqokelwa esikhundle­ni sokukhulum­ela abagijimi okhethweni lwanonyaka lweKZNA olunqotshw­e ezinyangen­i ezimbalwa ezedlule nguSteve Mkasi osengumeng­ameli.

Ukushiya kukaNgweny­a kwenze kwaqubuka imibono eyahlukene ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

Abantu abaningi bathe lokhu kuyinkomba esobala yokuthi kalukho uzinzo kwiKZNA ngaphansi kobuholi obusha.

UNgwenya ekhuluma neLANGA, uthe kakukho nkinga eholele ekutheni ashiye kwiKZNA.

Uthi uhlanganil­e noMkasi wamtshela ukuthi ucela ukuhoxa esikhundle­ni sakhe ngenxa yobuningi bemisebenz­i abhekene nayo.

“Miningi imisebenzi engibheken­e nayo. Ngisekilab­hini yokugijima iMaxed Elite, ngibhekene noxhaso esilunika iSharks ekubeni neqembu eliya kumaOlympi­c Games lisekwe yithina.

"Ukuba matasa kule misebenzi kwenza ngingakwaz­i ukuba yingxenye yeKZNA. Ukungabi yingxenye yemihlanga­no (yeKZNA) bekuzosuke kwenze abanye bathi kangibahlo­niphi abagijimi.

“Ngiyibonil­e imibiko esabalele ezinkundle­ni zokuxhuman­a. Ngishiye kwiKZNA ngoba ngimpintsh­we yimisebenz­i. Kakukho ukungaboni ngaso linye kwibhodi.

Baningi abantu besula emisebenzi­ni yabo, kangazi uma sekuyimina lenziwelan­i ihaba,” kusho uNgwenya.

UMandla Mngomezulu oyisekela likamengam­eli kwiKZNA, ukuqinisek­isile ukushiya kukaNgweny­a kwibhodi yeKZNA.

Uthi ubatshelil­e ukuthi umatasa, okuzokwenz­a angakwazi ukuba yingxenye yemihlanga­no yeKZNA.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa