Ilanga

Ingwadala ngezidumbu eziminyene ePhoenix

Kuhlehla imingcwabo ngenxa yolayini emakhazeni

- NOMFUNDO NGWANE nomfundo@ilanganews.co.za

KUSOLWA umngani onguphosho­zwayo esigamekwe­ni sephoyisa okuthiwa lidubule labulala ingoduso yalo ngoLwesibi­li ebusuku eMgungungu­ndlovu sekusele kancane ukuba ziwushaye.

Kusenzima ukuba amukele amalungu omndeni kaNkz Vuyisile Ndlovu (41), wasePlessi­slaer, eMgungundl­ovu, okusolwa ukuthi udutshulwe wabulawa ngumyeni wakhe - ILANGA elinalo igama lakhe, kodwa elingeke lilidalule ngenxa yokunqindw­a wumthetho - emuva kwalokho naye wazingqokl­oza ngenhlamvu nokho wasinda. Silobe izolo ngoLwesith­athu elaliswe esibhedlel­a.

UNkz Nomusa Ndlovu ongudadewa­bo kamufi, uthi udadewabo wehlelwe yile mihlola nje, ubehlala naye umsolwa, esemlobole wamqeda waze wembesa, sebenza amalungise­lelo omshado.

“Besingekho ngesikhath­i kwenzeka lesi sigameko, sithole sekufika umbiko kuthiwa udadewethu useshonile, ubulawe ngumyeni wakhe. Bebehlala nezingane zomyeni wakhe esithole ukuthi uqede ukwenza le nto, wabe esebikela zona ukuthi usedubule udadewethu.

"Akukho ebesikwazi ngothando lwabo, futhi ubengakaze asibikele ukuthi banezinkin­ga. Nathi siwumndeni siyazibuza ukuthi yini le ebisicasul­e umyeni wakhe ukuthi usengaze athathe isinqumo esinzima kangaka,” kusho uNkz Ndlovu.

ILANGA lithole ngomthombo walo esondelene noNkz Ndlovu - osidonse ngendlebe ukuba singawudal­uli ngenxa yokuba bucayi kodaba - ukuthi umsolwa uthole izindaba zokuthi ingoduso yakhe, isinobunye ubudlelwan­o, wathukuthe­la wathelwa ngamanzi, wayibulala.

“Sithole ukuthi kunomngani kaVuyisile owahamba wayohleba ngaye kumyeni wakhe, wamtshela ukuthi usenesoka, waze walisho nokuthi lingubani.

"Siyasola ukuthi umuntu owenze le nto ubenomona wokuthi laba sebelobole­ne futhi sebelungis­elela ukushada futhi bebehleli kahle singakaze sizwe lutho,” kusho umthombo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uCol Thembeka Mbhele, usiqinisek­isile lesi sigameko wathi amaphoyisa avule icala lokubulala, umsolwa uboshiwe kodwa usagcinwe esibhedlel­a njengoba naye edubuleke

onyaweni.

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? NGAMALUNGU emindeni ehlukahluk­ene abebuthene kolayini basemakhaz­eni asePhoenix, abezobheka izihlobo zawo ezilele kuwona, njengoba kukhalwa ngokugcwal­a kwawo osekuphoqe ukuba eminye imindeni igcine ihlehlise imingcwabo.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA NGAMALUNGU emindeni ehlukahluk­ene abebuthene kolayini basemakhaz­eni asePhoenix, abezobheka izihlobo zawo ezilele kuwona, njengoba kukhalwa ngokugcwal­a kwawo osekuphoqe ukuba eminye imindeni igcine ihlehlise imingcwabo.
 ?? ISITHOMBE: NGOSIZO LOMNDENI ?? NGUNKZ Vuyisile Ndlovu (41), odutshulwe wabulawa ngumyeni wakhe ngoba emsola ngokuthi useqomile.
ISITHOMBE: NGOSIZO LOMNDENI NGUNKZ Vuyisile Ndlovu (41), odutshulwe wabulawa ngumyeni wakhe ngoba emsola ngokuthi useqomile.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa