Ilanga

ZIBALISA NGENDLALA IZIHLOBO ZABAFA EMLILWENI KWA-RHINO

Izihlobo zithi azazi nokuthi zizothatha­ni zihlangani­se nani ukubangcwa­ba

- NOMFUNDO NGWANE

KUGQAME indlala nokweswela emindenini yabantu abangaphez­u kwabawu-30 okuthiwa babhubha esitolo iJwayelani - esidume ngokuthi yikwaRhino njengoba kwakunales­i sitolo phambilini - kwaW, eMlazi ngeSonto ebusuku, abasha bangqonga emuva kokuqhuma kwe-gas.

Leli phephandab­a lihambele amalungu emindeni yabashona kulesi sigameko, amanye alitshele ukuthi kuqala lezi zigigaba nje, vele indlala iyazenzela kuwona, kuyimanje baswele nokuthi bazothatha­ni bahlangani­se nani ukuze bafihle izihlobo zabo ngenxa yokweswela.

UNkk Maris Gamede (86), okwashona abazukulu bakhe ababili abayizinta­ndane, okunguManq­oba Gamede (15) noNkululek­o Gamede (27), utshele leli phephandab­a ukuthi isimo sinzima, kabanayo ngisho into abazolala beyidlile.

Uthe kabanayo nemali yokufihla abashonile, basizwa ngamalungu omphakathi abazamela uxhaso kubantu ukuze bakwazi ukufihla.

“Abazukulu bami baphuma lapha endlini ngabo-6 ntambama bangitshel­a ukuthi ukudla kuthathwa mahhala eJwayelani, abantu bayazitape­la.

"Ngabatshel­a ukuthi kangikufun­i ukudla okuntshont­shiwe la emzini wami. Baphuma bahamba ngahlala ekhishini ngoba ngiqinisa khona ukuthi kangifune kudla okuntshont­shiwe okuzongena endlini yami. Kwaphela isikhathi esincane kwabuya uManqoba ephethe izimpahla zokugcoba wazibeka emnyango, wangahlala, watshela izingane zakubo ukuthi usabuyela emuva uyolanda ukudla.

"Wayehamba nje, sasivele singenakho ukudla.

"Kwakungaka­pheli ngisho ihora ephumile, wabuya esengena nezicabha ekhala eshaya ngesudi yesele, eshe umzimba wonke.

"Wasitshela ukuthi sebeqhunye­lwe yi-gas bephakathi esitolo, betapa ukudla.

"Wafika waguqa phambi kwami, wacela uxolo, wathandaza ecela ukuba iNkosi imthethele­le ngesono abesenza sokutshots­ha ukudla esitolo.

"Waqeda lapho wacela ukuphuzisw­a amanzi ekhala ngokuthi uyasha, waphuthumi­swa esibhedlel­a. Sathola ukuthi ushonele esibhedlel­a efika odokotela bengakambo­ni,” kusho uNkk Gamede.

Uthi umfowabo kaManqoba omdala, akabange esabuya, wathathwa endaweni yesigameko waphuthuny­iswa esibhedlel­a eshe kanzima. Washonela khona.

Umndeni wakwaGamed­e ucele noma ngubani ongaba namandla ukuthi awuxhase ngokuthi kufihlwe amadodana awo.

UNkz Ntombizodw­a Myeza uveze ukuthi kushone amalungu amabili omndeni wakhe okunguMnu Philani Madiba (32) noMnu Khulekani Madiba (22).

Uthi uKhulekani waphuma kubo emuva kwenkulumo kaMengamel­i Cyril Ramaphosa - lapho ayememezel­a ukuthi izwe liyaqhubek­a nokuba sesigabeni sesine sokuvalwa kwalo - wahamba nabangani bakhe beyotapa ukudla esitolo.

“Sathola ukuthi uqhunyelwe yigas engaphakat­hi esitolo.

"UPhilani wezwa ukuthi umshana wakhe useqhunyel­we yi-gas waphuthuma khona eyozama ukumsiza kanti naye uzofike alimale, washa wangqongqa.

"Silahlekel­we ngokushona kwabo. Bebengabaf­ana abalungile, abebenakek­ela ugogo ekhaya,” kusho yena.

ILANGA likhulume noNkz Nompumelel­o Hadebe ongunina omncane kaMnu Sbonelo Hadebe (21), okwasabala­la isithombem­nyakazo (video) sakhe ezinkundle­ni zokuxhuman­a eseshile, echaza ukuthi ushiswe yi-gas eyotapa ukudla eJwayelani.

Kule video ubonakala ehleli phansi ekhala ecela usizo.

UNkz Hadebe utshele leli phephandab­a ukuthi uSbonelo wenza lokhu nje, wayephoqwa yisimo sendlala abaphila ngaphansi kwaso.

“Kuyimanje kasinayo ngisho imali yokuthenga ikhandlela esizolikha­nyisa.

"Ngihleli nje emakhandle­leni, kangazi nokuthi sizongcwab­a ngani.

"Isimo sinzima, silala singadlile. Sithole ukuthi usha nje wayeyotapa ukudla. Wafika la ekhaya ngalo iSonto ebusuku eseshile, ekhala, ecela ukusizwa. Samphuthum­isa esibhedlel­a wafike washonela khona,” kusho uNkz Hadebe.

ILANGA likhulume nekhansela lendawo, uMnu Thamsanqa Mthethwa, elithe besebezwil­e ngalesi sigameko esibashiye bethukile ngendlela abantu abashona ngakhona.

“Sidlulisa amazwi endunduzo emalungwin­i emindeni eshonelwe yizihlobo zayo ngale ndlela,” kusho uMnu Mthethwa.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthe akhona amacala avuliwe eMlazi ngesigamek­o esenzeka kuleli lokishi sokusha kwesitolo.

 ??  ?? UMANQOBA Gamede
UMANQOBA Gamede
 ??  ?? UNKULULEKO Gamede
UNKULULEKO Gamede
 ??  ?? UKHULEKANI Madiba
UKHULEKANI Madiba
 ??  ?? UPHILANI Madiba
UPHILANI Madiba
 ??  ?? UKHULEKANI Madiba
UKHULEKANI Madiba
 ??  ?? UMANQOBA Gamede
UMANQOBA Gamede
 ??  ?? UPHILANI Madiba
UPHILANI Madiba
 ??  ?? UNKULULEKO Gamede
UNKULULEKO Gamede

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa