UNgizwe uzoqhubeka nokubhadla esitokisini
KUSABHEKWA amanye amacala angase abekwe owayengumsakazi woKhozi FM, uNgizwe Mchunu, obevele eNkantolo yeMantshi yaseRandburg, eGauteng izolo ngoLwesithathu, ngecala lokuvubela udungunyane olushiye kubhujiwe emabhizinisini aKwaZuluNatal naseGauteng njengoba abantu bezitapele impahla, bashisa izakhiwo.
Lolu dungunyane lwaqubuka emuva kokuba uMnu Jacob Zuma owayengumengameli waseNingizimu Afrika, wazinikela ejele ngobusuku bangoLwesithathu lomhla ka-7 kwephezulu, njengoba wagwetshwa izinyanga eziwu-15 ngecala lokudelela umyalelo wenkantolo.
Icala likaNgizwe osazobhadla esitokisini njengoba ebesayobingelela imantshi, lihlehliselwe umhla ka-28 kwephezulu.
I-National Prosecuting Authority (NPA), ithi inazo zonke izithombemnyakazo (video) ezinezinkulumo zikaNgizwe, kanti ithi kusangenzeka kwengezwe amanye amacala.
Ithe okwamanje uNgizwe ubhekene necala lokuvubela udungunyane. Kuvezwe nokuthi ezinkulumweni abezenza, umbuso ususebenzise ngisho abahumushi abazochaza igama elithi "Azikhale" ukuthi lihambelana kanjani nezinkulumo zakhe, kwatholakala ukuthi wayephaka impi.
Leli gama elithi, "Azikhale" bekuyisiqubulo sakhe uNgizwe ngesikhathi ethula izinkulumo.
UNgizwe waboshwa kade ezinikele ekomkhulu lamaphoyisa eThekwini ngoMsombuluko ngoba ethi usekhathele wukuwacashela njengoba bekuthiwa ayamfuna.
Kuvela ukuthi wafika wathola ukuthi kalikho icala avulelwe lona KwaZuluNatal. Amaphoyisa aseThekwini athinta awaseGauteng, okuyiwona ayemvulele icala, zamkhalela.
Uzinikela nje, kuthiwa incwadi egunyaza ukuboshwa kwakhe yaphuma ngoLwesihlanu olwedlule.
Wazidonsela amanzi ngomsele ngokuhamba phambili emkhankhasweni wokuba kudedelwe uMnu Zuma kanti kuthiwa izinkulumo zakhe bezigqugquzela udlame.
Waze wabiza abezindaba eGoli, wathi unika uMengameli Cyril Ramaphosa izinsuku ezintathu ukuba akhulule uMnu Zuma, uma kungenjalo kuyobe uyokubona okwabonwa nguSawuli.
I-NPA ithe uNgizwe wabalekiswa ngendiza eyisipesheli emuva kokuzwa amahlebezi okuthi ufunwa ngamaphoyisa. Ithi isola ukuthi usengakuphinda lokho.
UNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnu Bheki Cele - ngaphambi kokuboshwa kukaNgizwe - ubemgigiyela, ethi lokhu akwenzile ezibiza ngomengameli othulela izwe izinkulumo ekubeni kungaziwa ukuthi wavotelwa kuphi, kuwukudukisa izwe.