"Samkhuza uNgizwe" - kusho abazali
Unina uthi ingane yakhe isiphenduke ihawu likahulumeni ohlulwe wumsebenzi
WAKHUZWA ngabazali bakhe ngokushabasheka phambili ezindabeni ezithinta uMnu Jacob Zuma owayengumengameli waseNingizimu Afrika - umsakazi owazakhela igama oKhozini FM, uNgizwe Mchunu, okumanje usesitokisini, ulindele ukubuyela eNkantolo yeMantshi yaseRandburg, eGauteng ngecala lokuphehla udungunyane emphakathini.
UNgizwe wayengomunye wabantu ababehamba phambili ekulweleni ukuba angaboshwa uMnu Zuma - okumanje udonsa isigwebo sezinyanga eziwu-15 ejele laseMtshezi (Estcourt) ngecala lokudelela inkantolo.
Waze wabiza abantu kwaMai Mai, eGoli eyokwethula “inkulumo yesizwe” lapho wanika khona uMengameli Cyril Ramaphosa izinsuku ezintathu ukuba akhulule uMnu Zuma, kungenjalo “zizokhala”.
Sekuwumlando ukuthi emuva kokuboshwa kukaMnu Zuma izinkulumo zikaNgizwe nabanye, zenza kwachitheka uphoko, abantu bazitapela ezitolo ezinye bazishisa, kwagcina kufe inqwaba yabantu, abanye babulawa ePhoenix, okumanje udaba lwakhona luyindaba egudwini.
Abazali bakaNgizwe bathi zibehle ngenhla izindaba zokuboshwa kwakhe, kwazise alukho olutheni abakwazile ukulukhuluma naye ngaphambi kokuba aboshwe.
Lokhu kuvezwe nguyise, uMnu Zakhaliya “Mganomanxeba” Mchunu, kanti unina uNkk Duduzile Mchunu, uMaNtombela, uthi ubuhlungu abuzwa enhliziyweni yakhe ngoLwesithathu olwedlule esebona indodana yakhe iyosithela emgodini wasenkantolo, akazi angabufanisa nani ngoba isiphenduke isigebengu phambi komphakathi.
ILANGA livakashele abazali balo msakazi kubo eNkandla izolo ngeSonto, uNkk Mchunu uthe kufika kulesi sigaba nje, wayemkhuzile uNgizwe ngalokhu kushabasheka.
“Okuningi okwenzekayo kuNgizwe kuyaseqa thina ngoba sihlala emakhaya, kasinawo namafoni akhombisa izinto ezenzekayo, sizwa sekudlulile, kodwa ngakwazi ukumbona kumabonakude ngesikhathi ekhuluma nezintatheli kulaba ababenkanise eNkandla beyolwela uMnu Zuma.
"Ngathi kuye hhayi bo Ngizwe, yeka ukuba wuhlamvu olumhlophe wedwa phakathi kwabantu. Wathi ‘mama ngivikela indawo yakithi engiyibona ixhaphazeka’ waze wathi okwakhe kwehlukile ngoba akaze aye yena nasezinkantolo eyolwela uZuma," kusho uNkk Mchunu.
Uthe okumphatha kabi wukuthi uhulumeni usuthathe ukwehluleka kwawo wukulawula izwe wakuthwesa uNgizwe emahlombe. Uthe uNgizwe akasona isigebengu esingashisa izwe lonke.
“UNgizwe ubekhuluma into ekhulunywayo ezweni lonke, kodwa uhulumeni wehluleka wukugwema umonakalo ngokuthi usingathe ngendlela udaba lukaZuma. Abantu bakhulume izwe lonke ngalolu daba, kodwa yonke into isiphenduke yaba ngoNgizwe.
"Kwalona leli gama elithi ‘azikhale’ abelisebenzisa, sekungacashwa nje ngalo, kodwa kalisho ukuthi uNgizwe wayethi abantu mabayogqekeza, yigama leli ongalisebenzisa noma ngabe ukhuluma ngani. Uhulumeni usecasha ngengane yami ekwehlulekeni kwawo.
"Ngizele abafana abathathu lapha ekhaya, kangikaze ngizale isigebengu. Lo monakalo owenzeke ezweni kawulingani manje nokudedelwa kukaZuma, uhulumeni wehlulekile, usuthole ihawu la eMachunwini lokugqiba ukwehluleka kwawo.
"Ingane yami uyinamekela izwe ukuthi liyibuke njengomuntu omubi,” kusho uNkk Mchunu.
Uthi okuningi okwenziwe nguNgizwe kabakuzwanga, kodwa wake wabatshela ukuthi uzwa kuthiwa amaphoyisa ayamfuna, ngakho-ke uzoya kuwona eyozwa.
UNgizwe uboshwe ngoMsombuluko odlule emuva kokuzinikela ekomkhulu lamaphoyisa eThekwini. Wafika khona wathola ukuthi kalikho icala avulelwe lona kuleli dolobha. Kuthiwa amaphoyisa aseThekwini axhumana nawaseGauteng, okuyiwona ayevule icala, kwaba yiwona amlanda eThekwini.
I-National Prosecuting Authority isezinhlelweni zokuphikisa isicelo sebheyili kaNgizwe njengoba iveze ukuthi "uyingozi", hleze athathe indiza ashaye utshani.
Ithi lokho ukwenzile ngesikhathi eyokwethula “inkulumo yesizwe” eGauteng, njengoba ithi wabalekiswa ngendiza eyisipesheli. Iveze nokuthi kungenzeka kwengezwe amanye amacala kuyena, kodwa okwamanje usabhekene nelokuphehla udungunyane.
UNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnu Bheki Cele, wakhombisa ukusigxeka isenzo sikaNgizwe, wathi ukuhlanganisa kwakhe abezindaba ethi uthula inkulumo, uyethulela isizwe, kuwukudukisa isizwe ngoba akwaziwa ukuthi wavotelwa kuluphi uhlaka.