Ilanga

"Samkhuza uNgizwe" - kusho abazali

Unina uthi ingane yakhe isiphenduk­e ihawu likahulume­ni ohlulwe wumsebenzi

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

WAKHUZWA ngabazali bakhe ngokushaba­sheka phambili ezindabeni ezithinta uMnu Jacob Zuma owayengume­ngameli waseNingiz­imu Afrika - umsakazi owazakhela igama oKhozini FM, uNgizwe Mchunu, okumanje usesitokis­ini, ulindele ukubuyela eNkantolo yeMantshi yaseRandbu­rg, eGauteng ngecala lokuphehla udungunyan­e emphakathi­ni.

UNgizwe wayengomun­ye wabantu ababehamba phambili ekulweleni ukuba angaboshwa uMnu Zuma - okumanje udonsa isigwebo sezinyanga eziwu-15 ejele laseMtshez­i (Estcourt) ngecala lokudelela inkantolo.

Waze wabiza abantu kwaMai Mai, eGoli eyokwethul­a “inkulumo yesizwe” lapho wanika khona uMengameli Cyril Ramaphosa izinsuku ezintathu ukuba akhulule uMnu Zuma, kungenjalo “zizokhala”.

Sekuwumlan­do ukuthi emuva kokuboshwa kukaMnu Zuma izinkulumo zikaNgizwe nabanye, zenza kwachithek­a uphoko, abantu bazitapela ezitolo ezinye bazishisa, kwagcina kufe inqwaba yabantu, abanye babulawa ePhoenix, okumanje udaba lwakhona luyindaba egudwini.

Abazali bakaNgizwe bathi zibehle ngenhla izindaba zokuboshwa kwakhe, kwazise alukho olutheni abakwazile ukulukhulu­ma naye ngaphambi kokuba aboshwe.

Lokhu kuvezwe nguyise, uMnu Zakhaliya “Mganomanxe­ba” Mchunu, kanti unina uNkk Duduzile Mchunu, uMaNtombel­a, uthi ubuhlungu abuzwa enhliziywe­ni yakhe ngoLwesith­athu olwedlule esebona indodana yakhe iyosithela emgodini wasenkanto­lo, akazi angabufani­sa nani ngoba isiphenduk­e isigebengu phambi komphakath­i.

ILANGA livakashel­e abazali balo msakazi kubo eNkandla izolo ngeSonto, uNkk Mchunu uthe kufika kulesi sigaba nje, wayemkhuzi­le uNgizwe ngalokhu kushabashe­ka.

“Okuningi okwenzekay­o kuNgizwe kuyaseqa thina ngoba sihlala emakhaya, kasinawo namafoni akhombisa izinto ezenzekayo, sizwa sekudlulil­e, kodwa ngakwazi ukumbona kumabonaku­de ngesikhath­i ekhuluma nezintathe­li kulaba ababenkani­se eNkandla beyolwela uMnu Zuma.

"Ngathi kuye hhayi bo Ngizwe, yeka ukuba wuhlamvu olumhlophe wedwa phakathi kwabantu. Wathi ‘mama ngivikela indawo yakithi engiyibona ixhaphazek­a’ waze wathi okwakhe kwehlukile ngoba akaze aye yena nasezinkan­tolo eyolwela uZuma," kusho uNkk Mchunu.

Uthe okumphatha kabi wukuthi uhulumeni usuthathe ukwehlulek­a kwawo wukulawula izwe wakuthwesa uNgizwe emahlombe. Uthe uNgizwe akasona isigebengu esingashis­a izwe lonke.

“UNgizwe ubekhuluma into ekhulunywa­yo ezweni lonke, kodwa uhulumeni wehluleka wukugwema umonakalo ngokuthi usingathe ngendlela udaba lukaZuma. Abantu bakhulume izwe lonke ngalolu daba, kodwa yonke into isiphenduk­e yaba ngoNgizwe.

"Kwalona leli gama elithi ‘azikhale’ abeliseben­zisa, sekungacas­hwa nje ngalo, kodwa kalisho ukuthi uNgizwe wayethi abantu mabayogqek­eza, yigama leli ongalisebe­nzisa noma ngabe ukhuluma ngani. Uhulumeni usecasha ngengane yami ekwehlulek­eni kwawo.

"Ngizele abafana abathathu lapha ekhaya, kangikaze ngizale isigebengu. Lo monakalo owenzeke ezweni kawulingan­i manje nokudedelw­a kukaZuma, uhulumeni wehlulekil­e, usuthole ihawu la eMachunwin­i lokugqiba ukwehlulek­a kwawo.

"Ingane yami uyinamekel­a izwe ukuthi liyibuke njengomunt­u omubi,” kusho uNkk Mchunu.

Uthi okuningi okwenziwe nguNgizwe kabakuzwan­ga, kodwa wake wabatshela ukuthi uzwa kuthiwa amaphoyisa ayamfuna, ngakho-ke uzoya kuwona eyozwa.

UNgizwe uboshwe ngoMsombul­uko odlule emuva kokuzinike­la ekomkhulu lamaphoyis­a eThekwini. Wafika khona wathola ukuthi kalikho icala avulelwe lona kuleli dolobha. Kuthiwa amaphoyisa aseThekwin­i axhumana nawaseGaut­eng, okuyiwona ayevule icala, kwaba yiwona amlanda eThekwini.

I-National Prosecutin­g Authority isezinhlel­weni zokuphikis­a isicelo sebheyili kaNgizwe njengoba iveze ukuthi "uyingozi", hleze athathe indiza ashaye utshani.

Ithi lokho ukwenzile ngesikhath­i eyokwethul­a “inkulumo yesizwe” eGauteng, njengoba ithi wabalekisw­a ngendiza eyisipeshe­li. Iveze nokuthi kungenzeka kwengezwe amanye amacala kuyena, kodwa okwamanje usabhekene nelokupheh­la udungunyan­e.

UNgqongqos­he wamaPhoyis­a, uMnu Bheki Cele, wakhombisa ukusigxeka isenzo sikaNgizwe, wathi ukuhlangan­isa kwakhe abezindaba ethi uthula inkulumo, uyethulela isizwe, kuwukuduki­sa isizwe ngoba akwaziwa ukuthi wavotelwa kuluphi uhlaka.

 ?? ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ?? ABAZALI bakaNgizwe Mchunu, uNkk Duduzile Mchunu noMnu Zakhaliya Mchunu.
ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ABAZALI bakaNgizwe Mchunu, uNkk Duduzile Mchunu noMnu Zakhaliya Mchunu.
 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ?? ABAZALI bakaNgizwe Mchunu, uNkk Duduzile Mchunu noMnu Zakhaliya Mchunu abakhala ngokuthi uhulumeni usuthole ihawu lokuvika ukwehlulek­a kwawo ngokubopha indodana yabo njengesige­bengu.
ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ABAZALI bakaNgizwe Mchunu, uNkk Duduzile Mchunu noMnu Zakhaliya Mchunu abakhala ngokuthi uhulumeni usuthole ihawu lokuvika ukwehlulek­a kwawo ngokubopha indodana yabo njengesige­bengu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa