Ilanga

UKHUTHAZA INTSHA UKUBA NGABALIMI

Uthi usekwazi ukuthola isivuno sika-R228 000 ngamaklabi­shi

- PHUMLANI GAMA

UMNU Khulekani Khumalo onebhizini­si lezolimo athi limenzela enhle imali yize wagcina kwaSTD 3. UMnu Khumalo uthi ensimini yakhe utshale ummbila, iklabishi, upelepele nokunye okuningi.

UDINDA isililo ngokuphaza­nyiswa wumkhuba wokuntshon­tshwa nokudunwa kwezimoto ziweliswe umngcele ohlukanisa iNingizimu Afrika neMozambiq­ue, umlimi waseBhekab­antu, KwaMhlabuy­alingana, onamasimu ommbila, iklabishi, yispinach nopelepele emhlabeni owu-11 hectres.

UMnu Khulekani “Bhobozani” Khumalo (44), owagcina kwa-Std 3, ungumnikaz­i weBhobozan­i General Trading Pty Ltd, engunina weBhobozan­i Green Farming. Uthi kusukela ekukhuleni kwakhe kuze kube yimanje, akakaze awuthole umsebenzi lapho azoqashwa khona ngokuphele­le.

Uthi usebenze isikhathi eside ezinkontil­akini akha izindlu nezakhiwo ezinkulu eHluhluwe, okwathi ngo-2016, wafikelwa wumcabango wokuba athathe imadlana ayitholayo ngokwakha izindlu, waqala ngokutshal­a umbila.

Uthi akazisoli ngokungena kwezolimo njengoba manje esekwazi ukutshala iklabishi lika-R38 000 emuva kwalokho athole isivuno sika-R228 000.

“Ngisebenze kakhulu ezinkontil­akini ngakha izindlu. Ngahlala phansi, ngabheka ukuthi yini engingayen­za ukuze kushintshe impilo yami. Ngabona ukuthi umhlaba ukhona namanzi akhona emfuleni uPhongolo, ngaqala ngatshala. Zonke lezi zinto engizitsha­layo ziyayenza imali. Ummbila uthengwa ngabantu abasuka kude, nabendawo. Idazini lenza u-R50.

"Kuyenzeka kufike imoto iphume igcwele inyinyithe­ka, ishiye u-R12 000 ngosuku olulodwa nje,” kusho uMnu Khumalo othi amaklabish­i yiwona anemali.

Uthi upelepele uthengwa kakhulu ngabomdabu waseNdiya abasuka ezindaweni ezahlukene, ikakhuluka­zi eThekwini naseMgungu­ndlovu.

“AbaseNdiya bawuthenga kahle kakhulu upelepele wethu. Nabantu bakithi bayawuthen­ga bayozithen­gisela kwezinye izindawo ngenani labo,” kusho uMnu Khumalo.

Uthi kuyamthoko­zisa ukubona indodana yakhe, uMnu Simphiwe Khumalo (21) izimisele ngokungena igxile kulo mkhakha njengoba kumanje isenyuvesi, yenza izifundo zezolimo.

“Lo mfana wayefuna ukufundela le misebenzi yabo yasemahhov­isi, kodwa ngamhlalis­a phansi, wagcina ewushintsh­ile umqondo. Wagqugquze­lwa wukubona impilo yalapha ekhaya ekubeni mina ngingafund­anga kanti nonina akafundang­a okuyaphi. Kumanje sezimngene ngaphakath­i ezolimo.

"Nginabantu abangisebe­nzelayo futhi akwenzeki ngephule isivumelwa­no sami nabo sokuholela­na,” kusho uMnu Khumalo. Uveze ukuthi kumanje uthathe abafundi abawu-8 baseBhamba­nana TVET, abenza izifundo eziphathel­ene nalo mkhakha.

“Ngikujabul­ele kakhulu ukubona lezi zingane zizocela ukucoshela ulwazi ezitshalwe­ni zethu. Nazo ngizihlali­se phansi, ngazitshel­a ukuthi akubalulek­ile ukuthi zifunde ngokwami, kodwa mazithi zifunda zitshale okwazo nazo.

"Ngizinike injini yokudonsa amanzi namapayipi amathathu, ngathi mazifake phansi imbewu. Kumanje zibhalisa inkampani yazo.

"Ngiyazibon­a ukuthi zizimisele. Nazo zizophumel­ela maduze nje empilweni ngoba izitshalo zethu zonke zivunwa njalo ngemuva kwezinyang­a ezintathu.

"Nokho-ke ngazichaze­la siqala ukuhlangan­a ukuthi akudingeki amasudu nama'qhoksi' lapha, umuntu kumele akulindele ukuthi kuyangcolw­a. Uyabona nje lapha, sithengelw­a kakhulu ngabantu baseFree State naseMpumal­anga,” kusho yena.

UMnu Khumalo uthe ziningi izinselelo abhekene nazo ezimbuyise­la emuva - kungeyena yedwa, kodwa nabanye abalimi basendawen­i - ubalule inkinga yokuntshon­tshwa kwezimoto zakuleli ziweliselw­e eMozambiqu­e.

Uthi amakhasime­nde amaningi ayaye afone abuze isitokwe, kodwa abuye aphelele emoyeni ngenxa yokwesaba ukuthi kuzothathw­a izimoto namaloli awo.

Utshele ILANGA ukuthi kuyaye kudingeke ukuba axhumane nabombutho wamasosha ukuba bagade izimoto eziyotheng­a. Uveze ukuthi kwesinye isigameko sangonyaka odlule, kwathathwa iloli elaliyothe­nga komunye umlimi.

Ubalise nangokubhe­duka kweCoronav­irus ngonyaka odlule, wakhala kakhulu nangezethe­mbiso zikahulume­ni ezingafezw­a maqondana nokuxhaswa kwabalimi.

“Sinenkinga yokungabi namanzi anele ukuchelela izitshalo zethu. Nakuba uhulumeni uhudula izinyawo ekuseseken­i, kodwa ngeke ngiqambe amanga, siyaphila impela. Yonke into esinayo iphuma emhlabathi­ni, ngisho impahla engiyigqok­ile lena iphuma phansi.

"Phela ukotini uyatshalwa njengotama­tisi nje. Igolide okwenziwa ngalo izinto eziningi liphuma phansi, idayimane, uwoyela konke kuphuma phansi.

"Ukuba iyabona intsha, ngabe iyaphuthum­a ingene kulo mkhakha ngoba ngikhuluma nje, kumanje abanye abantu basheba imisebenzi kahulumeni nezolimo.

"Abanye bathenga izinkomo zobisi bazithengi­se. Ukuba kuya ngami, besizongen­a sibe baningi kulo mkhakha. Mina kangifunda­nga, kodwa kanginamah­loni okuncintis­ana nezifundis­wa ezinemali ngoba nami nginemali njengazo futhi eyami iphuma ezandleni zami.

"Ukuba ngafunda ngangizoth­uthuka kakhulu kulo mkhakha ngoba ngangizose­benzisa ulwazi lwami lwesikole.

"Nokho-ke nalo lolu engaluthol­a kwa-Std 3, luyasebenz­a ngoba ngiyazi ukuthi uma ngifaka izithombo eziwu-5 000 zeklabishi - engizolith­engisa ngo-R6

lilinye uma selilungel­e ukudliwa ngizohlomu­la malini emuva kwezinyang­a ezintathu kuya kwezine,” kusho uMnu Khumalo.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ??
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E
 ??  ?? UMNU Khulekani Khumalo onebhizini­si lezolimo, uthi iklabishi yilona elingenisa imali eningi.
UMNU Khulekani Khumalo onebhizini­si lezolimo, uthi iklabishi yilona elingenisa imali eningi.
 ??  ?? SIKHONA ne-spinach ensimini kaMnu Khumalo.
SIKHONA ne-spinach ensimini kaMnu Khumalo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa