Ilanga

Usomatekis­i ubulawe ngemvula yezinhlamv­u

Kuthiwa abemi nabo bathelwe ngamachaph­azelo kanti basesibhed­lela

- NOMFUNDO NGWANE

ASATHUTHUM­ELA amalungu omphakathi waseVerula­m, ngesihluku asibonile kudutshulw­a usomatekis­i ngentululw­ane yezinhlamv­u ngoMgqibel­o emini, okugcine ngokuthi aphelele endaweni yesigameko.

ILANGA lithole ukuthi uMnu Dumisani Khoza (46), waseResevo­ir Hills, eThekwini - obenamatek­isi kusoseshin­i we-Ilembe - wehlelwe yilesi sigameko emi nabesilisa ababili, bona abaphuthun­yiswe esibhedlel­a emuva kokulimala.

Kuthiwa kwenzeka konke lokhu nje, inkosikazi yakhe ibisemotwe­ni abehamba ngayo. Yona kayidubule­kanga.

Ngokuthola kwaleli phephandab­a ngelungu lomphakath­i elizibonel­e lesi sigameko, kuthe ngesikhath­i uMnu Khoza esaxoxa nalaba besilisa abemi nabo, kwaqhamuka owesilisa obefake isifonyo nesigqoko - engabonaka­li ebusweni - ehamba ngezinyawo, waqonda kubona sengathi kukhona ayokubuza.

Uthe uma eseseduze, wakhipha isibhamu ngokushesh­a wadubula ebhekise ngakuMnu Khoza nalaba abeme nabo.

Kuthiwa udubule uMnu Khoza ephindelel­a ekhanda, abeme nabo badubuleke emlenzeni nasengalwe­ni.

Kuthiwa umbulali uqede ukudubula wabaleka ngezinyawo, wacoshwa yiPolo ebomvu endleleni, engenazo izinombolo.

ILANGA lithole ukuthi uMnu Khoza ubulawa nje, ubesanda kufika endaweni yesigameko.

Kubukeka sengathi imoto ecoshe umbulali ibivele imlandela, ilinde ukuthi aze afike endaweni azokwehla kuyona emotweni.

“Ngisekude ukukhohlwa yinto engiyiboni­le, umuntu edutshulwa ebulawa phambi kwethu.

"Bekungathi kuqoshwa ifilimu. Lo mfanyana omfishane uqhamuke singanakil­e, futhi ubungeke uze ucabange ukuthi uphethe isibhamu, noma nje kukhona into embi azoyenza.

"Besizitshe­la ukuthi ngumfana wasendawen­i kanti kasazi ukuthi uzobulala.

"Uma ngivala amehlo, ngimane ngibone isithunzi sakhe lo mfana ekhipha isibhamu,” kusho ilungu lomphakath­i.

ILANGA likhulume nomphathi wehhovisi leSantaco KwaZuluNat­al, uMnu Sfiso Shangase, othe bese bezwile ngalesi sigameko.

“Ngizoqala ngidlulise amazwi enduduzo emndenini wakwaKhoza nakubafowe­thu ababili abalimele abasesibhe­dlela.

"Siyacela ukuthi kozakwethu esinabo kule mboni, sifunde ukuhlala phansi uma kukhona lapho esinyathel­ane khona, siyilungis­e inkinga singaze sibulalane ngoba lona wumsebenzi wethu esondla ngawo imindeni yethu.

"Sinxusa ukuthi kube nokuthula kule mboni esiyaduma ngokubulal­ana,” kusho uMnu Shangase.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthe lesi sigameko senzeke emini ngoMgqibel­o, amaphoyisa asevule amacala amathathu; elilodwa lokubulala namabili okuzama ukubulala.

Uthi amaphoyisa aphansi phezulu nophenyo, bekungakab­oshwa muntu.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UKUDUTSHUL­WA ngentululw­ane yezinhlamv­u kukaMnu Dumisani Khoza, eVerulam, ngoMgqibel­o kushiye amalungu omphakathi ethukile. Lapha isidumbu sakhe bese simboziwe, silinde ukuzolandw­a yimoto yasemakhaz­eni.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UKUDUTSHUL­WA ngentululw­ane yezinhlamv­u kukaMnu Dumisani Khoza, eVerulam, ngoMgqibel­o kushiye amalungu omphakathi ethukile. Lapha isidumbu sakhe bese simboziwe, silinde ukuzolandw­a yimoto yasemakhaz­eni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa