IPitso nesifiso sokuqeqesha e-England
UPitso uthi bayadeleleka abaqeqeshi bakuleli abanohlonze
ULOBIZELA ukuqeqesha kwiPremier League yase-England uPitso “Jingles” Mosimane osanda kunqobisa i-Al Ahly yase-Egypt inkomishi yeCaf Champions League ihlula iKaizer Chiefs ngo-3-0 kowamanqamu eMorocco.
UMosimane oseqoqe izicoco eziningi, uveze ukuthi uselobizela ukupheka ikilabhu egijima kwi-English Premiership.
“Uma ngikwazi ukubhekana nabaqeqeshi bezinga eliphezulu kukhombisa ukuthi ngiyakhula ebholeni. Ngizimisele ngokuqhubeka nokuzicija ngolwazi ukuze ngithuthuke. Kumqoka ukuthi sihlale sihlome ngolwazi njengabaqeqeshi. Kuningi engisazimisele ngokukuzuza kulo mkhakha. Ngifunde okuningi ngicija iBafana Bafana,” kusho uMosimane.
Uthe iChiefs kuzomele iphinde ibhukule ukuzibeka ethubeni lokunqoba iChampions League. Uthi kumele iqale ibhekisise umqeqeshi emqashayo ukuthi unolwazi olujule kangakanani ngebhola laseAfrika.
“Thina nje kwiSuperSport United sasizibekele uhlelo oluthile lokusebenza sakwazi ukuletha impumelelo ekilabhini.
"NakwiMamelodi Sundowns uTed Dumitru ongasekho emhlabeni noScreamer Tshabalala babazi ngesikhathi befaka imfundiso yeShoe Shine & Piano ukuthi bahlose ukuzuzani,” kusho lo mqeqeshi
Uthi kubuhlungu ukuthi kukhona abaqeqeshi bakuleli abanqoba inqwaba yezicoco njengoGordon Igesund kodwa abangaqashiwe. U-Igesund wanqoba izicoco zeligi namakilabhu ehlukene kodwa uhleli ekhaya nolwazi olunzulu analo ngonobhutshuzwayo.