Usephenduke iqaqa umfundisi waseWeseli
Usolwa ngabazalwane ngokukhokhwa ko-R300 bokumvalelisa
USEPHENDUKE iqaqa kubazalwane umfundisi wamaWeseli, eDay Circuit, eHighFlats, osolwa ngokukhokhisa abazalwane o-R300 - ikhanda lomuntu - okuyimali yokumvalelisa njengoba eseya kwenye isekethe.
Lokhu kuvaleliswa kukaMfu Nelson Bika kuthiwa sekuhlukanise ibandla phakathi, njengoba kuthiwa kukhona abathi kasikho nesidingo sokumvalelisa ngoba unguzwilakhe osehlule ngisho uMbhishobhi Vuyo Dlamini, kanti kukhona abathi makasale esevaleliswa ahambe, baphelelwe yicala.
Kuthiwa ngaphandle kokufunwa kwemali yokumvalelisa ebandleni - efunwa ngisho nasezalukazini ezihola impesheni - uMfu Bika usolwa nangokuthi ulimi lwakhe kaluqoqekile njengoba kubikwa ukuthi uke wathathana nelungu lebandla waze wakhipha igama elithi: "Wakhuluma nami kanje, ngidla umkakho yini?"
Umthombo weLANGA oyilungu laleli bandla uthi lolu daba luze lwangenelelwa nanguMbhishobhi Dlamini.
“Kuthe uma eselukhulumile umbhishobhi lolu daba, umfundisi wazehlisa waxolisa, kodwa namanje akamkhulumisi lo mzalwane.
"Uma umzalwane ebuza ukuthi kungani engamkhulumisi ekubeni umbhishobhi sewabahlanganisa baxolelana, wathi naye lo mzalwane akamkhulumisi ngakho ngeke kuqale yena.
"Ngikhuluma nje, kunamagatsha umfundisi angawahambeli. Uma ebuzwa ukuthi kungani engasawahambeli la magatsha, uthi ngeke aye kuwona ngoba kunabantu angazwani nabo,” kusho umthombo. Uqhuba uthi embuthweni wamadodana kunekomidi elaqokwa nguMnu Godfrey Khuboni, oyisekela likaMfu Bika, okufanele ngabe uhamba naye uma kuyokhishwa imali ebhange, kodwa uvele athathe owayeyisekela lakhe kudala, osewakhishwa ngisho esikhundleni, ongenawo amandla okusayina.
UMnu Khuboni uvumile ukuthi selokhu waphatha kulesi sikhundla akakaze asayine. "Kasikho isizathu esiphathekayo sokuba ngingasayini.
"Ihlandla lami leminyaka emithathu seliyaphela, kangiyisayineli imali, isayinwa ngobephethe kudala. Siwenzile umhlangano nabaphethe ebandleni, kwaba ngathi wudaba oluzolungiseka kodwa namanje kangisayiniswa,” kusho yena.
Igosa lesekethe, uMnu Bhekukwazi Sikhosana, lithe kuyiqiniso ukuthi kunemali eqoqwayo ebandleni yokuvalelisa umfundisi kodwa kayisiyo impoqo.
“Isinqumo sokukhokha le mali kasithathwanga ngumfundisi, sathathwa emhlanganweni ohlanganisa amagoso, abakhokheli, nozihlalo bamakomidi, kwavunyelwana.
"Kulo mhlangano kwathiwa umuntu angakhokha imali igcine ku-R300, okungasho ukuthi kuphoqelekile ukukhokhwa kwayo.
"Odabeni lokuthi umfundisi kunomzalwane angakhulumisani naye, lwalungiswa ngumbhishobhi futhi wazisola umfundisi ngokungakhulumi kahle waxolisa.
"Kulokhu kokuthi kunezindawo angazihambeli nokuthi uMnu Khuboni akasayini, ngiyile kuyena umfundisi ngambuza ngazo, wangitshela ukuthi uzibona engaphephile ngoba abazalwane balezi zindawo basho ukumbamba ngezandla phambi kombhishobhi.
"Udaba lukaMnu Khuboni lufikile kimina, kumanje siphezu kwalo sizama ukululungisa ngoba kube yiphutha impela ukuthi angasayiniswa, kwazise isikhundla sakhe siyakugunyaza ukuba asayine," kusho yena.
Ethintwa uMfu Bika ukuba aphefumule ngalezi zinkinga, ubhoke ngolaka wathi izindaba zebandla ngezebandla, abazikhipheli ngaphandle. “Angiyiphenduli into engabhadlanga (umbhedo), uma uqhubeka nalolu ngizokuthumelela amasamanisi,” esho evala ucingo.
UMbhishobhi Dlamini uthe zikhona izinkinga kuleli sekethe, kodwa bazamile ukuzilungisa yize engeke aveze okuningi ngoba ukhona okhulumela ibandla, okunguMbhishobhi Purity Malinga, nokho ozanyiwe ocingweni lwakhe kodwa wangothalakala njengoba belungangeni.