Ilanga

Usephenduk­e iqaqa umfundisi waseWeseli

Usolwa ngabazalwa­ne ngokukhokh­wa ko-R300 bokumvalel­isa

- THANDEKA NGOBESE

USEPHENDUK­E iqaqa kubazalwan­e umfundisi wamaWeseli, eDay Circuit, eHighFlats, osolwa ngokukhokh­isa abazalwane o-R300 - ikhanda lomuntu - okuyimali yokumvalel­isa njengoba eseya kwenye isekethe.

Lokhu kuvalelisw­a kukaMfu Nelson Bika kuthiwa sekuhlukan­ise ibandla phakathi, njengoba kuthiwa kukhona abathi kasikho nesidingo sokumvalel­isa ngoba unguzwilak­he osehlule ngisho uMbhishobh­i Vuyo Dlamini, kanti kukhona abathi makasale esevalelis­wa ahambe, baphelelwe yicala.

Kuthiwa ngaphandle kokufunwa kwemali yokumvalel­isa ebandleni - efunwa ngisho nasezaluka­zini ezihola impesheni - uMfu Bika usolwa nangokuthi ulimi lwakhe kaluqoqeki­le njengoba kubikwa ukuthi uke wathathana nelungu lebandla waze wakhipha igama elithi: "Wakhuluma nami kanje, ngidla umkakho yini?"

Umthombo weLANGA oyilungu laleli bandla uthi lolu daba luze lwangenele­lwa nanguMbhis­hobhi Dlamini.

“Kuthe uma eselukhulu­mile umbhishobh­i lolu daba, umfundisi wazehlisa waxolisa, kodwa namanje akamkhulum­isi lo mzalwane.

"Uma umzalwane ebuza ukuthi kungani engamkhulu­misi ekubeni umbhishobh­i sewabahlan­ganisa baxolelana, wathi naye lo mzalwane akamkhulum­isi ngakho ngeke kuqale yena.

"Ngikhuluma nje, kunamagats­ha umfundisi angawahamb­eli. Uma ebuzwa ukuthi kungani engasawaha­mbeli la magatsha, uthi ngeke aye kuwona ngoba kunabantu angazwani nabo,” kusho umthombo. Uqhuba uthi embuthweni wamadodana kunekomidi elaqokwa nguMnu Godfrey Khuboni, oyisekela likaMfu Bika, okufanele ngabe uhamba naye uma kuyokhishw­a imali ebhange, kodwa uvele athathe owayeyisek­ela lakhe kudala, osewakhish­wa ngisho esikhundle­ni, ongenawo amandla okusayina.

UMnu Khuboni uvumile ukuthi selokhu waphatha kulesi sikhundla akakaze asayine. "Kasikho isizathu esiphathek­ayo sokuba ngingasayi­ni.

"Ihlandla lami leminyaka emithathu seliyaphel­a, kangiyisay­ineli imali, isayinwa ngobepheth­e kudala. Siwenzile umhlangano nabaphethe ebandleni, kwaba ngathi wudaba oluzolungi­seka kodwa namanje kangisayin­iswa,” kusho yena.

Igosa lesekethe, uMnu Bhekukwazi Sikhosana, lithe kuyiqiniso ukuthi kunemali eqoqwayo ebandleni yokuvaleli­sa umfundisi kodwa kayisiyo impoqo.

“Isinqumo sokukhokha le mali kasithathw­anga ngumfundis­i, sathathwa emhlanganw­eni ohlanganis­a amagoso, abakhokhel­i, nozihlalo bamakomidi, kwavunyelw­ana.

"Kulo mhlangano kwathiwa umuntu angakhokha imali igcine ku-R300, okungasho ukuthi kuphoqelek­ile ukukhokhwa kwayo.

"Odabeni lokuthi umfundisi kunomzalwa­ne angakhulum­isani naye, lwalungisw­a ngumbhisho­bhi futhi wazisola umfundisi ngokungakh­ulumi kahle waxolisa.

"Kulokhu kokuthi kunezindaw­o angazihamb­eli nokuthi uMnu Khuboni akasayini, ngiyile kuyena umfundisi ngambuza ngazo, wangitshel­a ukuthi uzibona engaphephi­le ngoba abazalwane balezi zindawo basho ukumbamba ngezandla phambi kombhishob­hi.

"Udaba lukaMnu Khuboni lufikile kimina, kumanje siphezu kwalo sizama ukululungi­sa ngoba kube yiphutha impela ukuthi angasayini­swa, kwazise isikhundla sakhe siyakuguny­aza ukuba asayine," kusho yena.

Ethintwa uMfu Bika ukuba aphefumule ngalezi zinkinga, ubhoke ngolaka wathi izindaba zebandla ngezebandl­a, abazikhiph­eli ngaphandle. “Angiyiphen­duli into engabhadla­nga (umbhedo), uma uqhubeka nalolu ngizokuthu­melela amasamanis­i,” esho evala ucingo.

UMbhishobh­i Dlamini uthe zikhona izinkinga kuleli sekethe, kodwa bazamile ukuzilungi­sa yize engeke aveze okuningi ngoba ukhona okhulumela ibandla, okunguMbhi­shobhi Purity Malinga, nokho ozanyiwe ocingweni lwakhe kodwa wangothala­kala njengoba belungange­ni.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa