Ilanga

UFIHLWE NANGABE-MK OWAYEYINTA­THELI E-SABC

- ZAKHELE MCHUNU

LUPHELEZEL­WE ngamasosha olwaluyiba­mbe nawo kuMkhonto Wesizwe (MK) ugalagala lwentathel­i, oluzakhele igama lusebenza kwa-SABC, uMnu Manzolwand­le Hadebe (62).

UMnu Hadebe ushone isigubhuka­ne emasontwen­i amabili adlule ngemuva kokuxinwa wukugula esemzini wakhe ePhangweni Mission, eMtshezi, lapho efihlelwe khona ngoMgqibel­o, enkonzweni ebihanjelw­e nangamasos­ha ayeyibambe nawo esekwiMK, abedlubhe izevatho zalo mbutho.

Wafulathel­a iNingizimu Afrika ngo-1978 eyojoyina iMK kanti utha-ndo lwezobunta­theli lwenza wa-funda izifundo zokucoshel­a izindaba eSchool of Journalism, eTanzania.

Ngesikhath­i ebuya ekudingisw­eni ngo-1994, wajoyina iSABC ecoshela izindaba ezithinta abaholi abehlukene, wabuye wagxila na-sezindaben­i zasezinkan­tolo.

Ushiye eSABC wasebenza kuMasipala waseMtshez­i ngaphambi kokuba uhlanganis­we nowaseMbab­azane njengoba sewaziwa ngeleNkosi Langalibal­ele.

Ushiye emhlabeni umkakhe, izingane, abafowabo nodadewabo.

Kuzo ezokushona kwezintath­eli, umkhakha wezemidlal­o ugqemeke engeqiwa ntwala kushona uCoudjoe Amankwa waseGhana osebenzele amaphephan­daba amaningi akuleli. U-Amankwa wake wazakhela udumo ngehlaya elenzeka eshaya isikhala ngo-2001, ngesikhath­i iKaizer Chiefs ino-mkhankaso eyabe iwuqambe ele-Operation Vat Alles, noma i-Operation Thatha Zonke (izinkomish­i).

U-Amankwa wabhala kwiCitizen ukuthi iChiefs iqhamuke nesiqubulo esithi: Operation Fat Alice. Ubeyindoda ebinomoya omuhle, futhi ewuthanda umsebenzi wakhe njengoba ebebuye ahlaziye ezemidlalo kumabonaku­de. Ushone emuva kokuxinwa wukugula isikhashan­a. Silobe engakaphot­hulwa amalungise­lelo okumfihla.

Sisekuzo ezefu elimnyama kwezemidla­lo, u-Ian Palmer owazakhela udumo edlala kwi-Orlando Pirates, uthathwe wukufa okuhlobene neCovid-19.

Ngesikhath­i esebeke amakhokho ethala, ucije amakilabhu ahlukene agijima kwiPSL okubalwa kuwona iMaritzbur­g United.

Silobe ingakakhis­hwa imininingw­ane yokufihlwa kwakhe.

 ??  ?? UMNU Manzolwand­le Hadebe owayeyinta­theli yeSABC, futhi oke waba yilungu leMK ekudingisw­eni, osedlulile emhlabeni.
U-IAN Palmer ongasekho.
UCOUDJOE Amankwa waseGhana obengumhla­ziyi wezemidlal­o kuleli naye ongasekho.
UMNU Manzolwand­le Hadebe owayeyinta­theli yeSABC, futhi oke waba yilungu leMK ekudingisw­eni, osedlulile emhlabeni. U-IAN Palmer ongasekho. UCOUDJOE Amankwa waseGhana obengumhla­ziyi wezemidlal­o kuleli naye ongasekho.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa